Surah 13 · 43 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Surah Ar-Ra'd in Zulu
بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
الٓمٓرۚ تِلۡكَ ءَايَٰتُ ٱلۡكِتَٰبِۗ وَٱلَّذِيٓ أُنزِلَ إِلَيۡكَ مِن رَّبِّكَ ٱلۡحَقُّ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَ ٱلنَّاسِ لَا يُؤۡمِنُونَ
Alif Lam Mim Ra, lawa ngamavesi encwadi kanye nalokho okwembulwe kuwena okuvela eNkosini yakho okuyiqiniso kepha iningi labantu alikholwa
ٱللَّهُ ٱلَّذِي رَفَعَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ بِغَيۡرِ عَمَدٍ تَرَوۡنَهَاۖ ثُمَّ ٱسۡتَوَىٰ عَلَى ٱلۡعَرۡشِۖ وَسَخَّرَ ٱلشَّمۡسَ وَٱلۡقَمَرَۖ كُلٌّ يَجۡرِي لِأَجَلٍ مُّسَمًّىۚ يُدَبِّرُ ٱلۡأَمۡرَ يُفَصِّلُ ٱلۡأٓيَٰتِ لَعَلَّكُم بِلِقَآءِ رَبِّكُمۡ تُوقِنُونَ
UMvelinqangi nguyena owaphakamisa amazulu ngaphandle kwezinsika ukuze nibone, wayesezibeka esihlalweni sobukhosi futhi wenza ilanga nenyanga ukuthi ngakunye kuhambe ngesikhathi esinqunyiwe, uhlela udaba (ngalunye) uwachaza ngobunjalo bawo amavesi ukuze niqiniseke ekuhlanganeni neNkosi yenu
وَهُوَ ٱلَّذِي مَدَّ ٱلۡأَرۡضَ وَجَعَلَ فِيهَا رَوَٰسِيَ وَأَنۡهَٰرًاۖ وَمِن كُلِّ ٱلثَّمَرَٰتِ جَعَلَ فِيهَا زَوۡجَيۡنِ ٱثۡنَيۡنِۖ يُغۡشِي ٱلَّيۡلَ ٱلنَّهَارَۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يَتَفَكَّرُونَ
Futhi nguyena owendlala umhlaba wazinzisa kuwona izintaba kanye nemifula futhi (nguyena owenza ukuthi) kuleso naleso sithelo okubili ngakubili wenza ukuthi ubusuku bumboze imini ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abacabangayo
وَفِي ٱلۡأَرۡضِ قِطَعٌ مُّتَجَٰوِرَٰتٌ وَجَنَّٰتٌ مِّنۡ أَعۡنَٰبٍ وَزَرۡعٌ وَنَخِيلٌ صِنۡوَانٌ وَغَيۡرُ صِنۡوَانٍ يُسۡقَىٰ بِمَآءٍ وَٰحِدٍ وَنُفَضِّلُ بَعۡضَهَا عَلَىٰ بَعۡضٍ فِي ٱلۡأُكُلِۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يَعۡقِلُونَ
Futhi emhlabeni kunemihlaba ebanzi esondelene nezivande zamagilebhisi nezitshalo namasundu amila emabili empandeni nangamili empandeni, kuchelelwa ngamanzi awodwa futhi senza ezinye (izithelo) zibe ngcono kunezinye ekudliweni, ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abanomqondo
وَإِن تَعۡجَبۡ فَعَجَبٌ قَوۡلُهُمۡ أَءِذَا كُنَّا تُرَٰبًا أَءِنَّا لَفِي خَلۡقٍ جَدِيدٍۗ أُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ بِرَبِّهِمۡۖ وَأُوْلَٰٓئِكَ ٱلۡأَغۡلَٰلُ فِيٓ أَعۡنَاقِهِمۡۖ وَأُوْلَٰٓئِكَ أَصۡحَٰبُ ٱلنَّارِۖ هُمۡ فِيهَا خَٰلِدُونَ
Futhi uma umangele ngakho-ke siyamangaza isisho sabo (esithi) ngakube uma siwuthuli ngempela (siyovuswa) yini sibe izidalwa ezintsha na? Labo bayilabo abaphika ukholo eNkosi yabo futhi laba bayoba namaketanga emiqaleni yabo, futhi labo bayoba ngabanqwamani nomlilo bayohlala khona ingunaphakade
وَيَسۡتَعۡجِلُونَكَ بِٱلسَّيِّئَةِ قَبۡلَ ٱلۡحَسَنَةِ وَقَدۡ خَلَتۡ مِن قَبۡلِهِمُ ٱلۡمَثُلَٰتُۗ وَإِنَّ رَبَّكَ لَذُو مَغۡفِرَةٍ لِّلنَّاسِ عَلَىٰ ظُلۡمِهِمۡۖ وَإِنَّ رَبَّكَ لَشَدِيدُ ٱلۡعِقَابِ
Futhi bakujahela ebubini ngaphambi kobuhle futhi sezadlula ngaphambilini kwabo izijeziso ezifana (nalokho abakujahayo) futhi ngempela iNkosi yakho ingumnikazi wentethelelo kubantu ekungalungini kwabo futhi ngempela iNkosi yakho inzima ekujeziseni
وَيَقُولُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَوۡلَآ أُنزِلَ عَلَيۡهِ ءَايَةٌ مِّن رَّبِّهِۦٓۗ إِنَّمَآ أَنتَ مُنذِرٌۖ وَلِكُلِّ قَوۡمٍ هَادٍ
Futhilaboabangakholwangabathi,“kunganikungehliselwanga phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe na?” Kuphela wena ungumxwayisi futhi kulabo nalabo bantu kunomholi
ٱللَّهُ يَعۡلَمُ مَا تَحۡمِلُ كُلُّ أُنثَىٰ وَمَا تَغِيضُ ٱلۡأَرۡحَامُ وَمَا تَزۡدَادُۚ وَكُلُّ شَيۡءٍ عِندَهُۥ بِمِقۡدَارٍ
UMvelinqangi uyakwazi lokho okukhulelwe ibona bonke abesifazane kanye nalokho izizalo ezilahlekelwa yikona (okusuke kungakalungeli ukuthi kungazalwa) kanye nalokho ezikwandisayo (izizalo) futhi zonke izinto kuyena zilinganisiwe
عَٰلِمُ ٱلۡغَيۡبِ وَٱلشَّهَٰدَةِ ٱلۡكَبِيرُ ٱلۡمُتَعَالِ
Uyisazi sokungabonwayo nokubonwayo, mkhulu uphakeme
سَوَآءٌ مِّنكُم مَّنۡ أَسَرَّ ٱلۡقَوۡلَ وَمَن جَهَرَ بِهِۦ وَمَنۡ هُوَ مُسۡتَخۡفِۭ بِٱلَّيۡلِ وَسَارِبُۢ بِٱلنَّهَارِ
Kuyefana (kuyena) noma ngabe omunye wenu ufihla inkulumo noma nalowo oyivezayo kanye nalowo ozifihlayo ebusuku bese ehamba emini
لَهُۥ مُعَقِّبَٰتٌ مِّنۢ بَيۡنِ يَدَيۡهِ وَمِنۡ خَلۡفِهِۦ يَحۡفَظُونَهُۥ مِنۡ أَمۡرِ ٱللَّهِۗ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يُغَيِّرُ مَا بِقَوۡمٍ حَتَّىٰ يُغَيِّرُواْ مَا بِأَنفُسِهِمۡۗ وَإِذَآ أَرَادَ ٱللَّهُ بِقَوۡمٍ سُوٓءًا فَلَا مَرَدَّ لَهُۥۚ وَمَا لَهُم مِّن دُونِهِۦ مِن وَالٍ
Ezakhe izingelosi eziqaphelayo ngaphambili (komuntu ngamunye) nangemva kwakhe ziyamlondoloza ngempoqo kaMvelinqangi akasiguquli isimo sabantu kuze kube ilapho beguqula lokho okusemiphefumulweni yabo futhi uma uMvelinqangi eqonde okubi ebantwini akekho ongakuphindisela emumva futhi abanaye umvikeli ngaphandle kwakhe
هُوَ ٱلَّذِي يُرِيكُمُ ٱلۡبَرۡقَ خَوۡفًا وَطَمَعًا وَيُنشِئُ ٱلسَّحَابَ ٱلثِّقَالَ
Nguyena onikhombisa umbani odala ukwesaba nethemba futhi (nguyena) oletha amafu asindayo
وَيُسَبِّحُ ٱلرَّعۡدُ بِحَمۡدِهِۦ وَٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ مِنۡ خِيفَتِهِۦ وَيُرۡسِلُ ٱلصَّوَٰعِقَ فَيُصِيبُ بِهَا مَن يَشَآءُ وَهُمۡ يُجَٰدِلُونَ فِي ٱللَّهِ وَهُوَ شَدِيدُ ٱلۡمِحَالِ
Nokuduma kuyamphakamisa ngodumo lwakhe kanye nezingelosi (ziyamdumisa) ngenxa yokumesaba futhi athumele ukushaya konyazi ashaye ngawo lowo amthandayo ngenkathi bona bephikisana ngoMvelinqangi kanti yena uphakeme ngamandla futhi unzima ekujeziseni
لَهُۥ دَعۡوَةُ ٱلۡحَقِّۚ وَٱلَّذِينَ يَدۡعُونَ مِن دُونِهِۦ لَا يَسۡتَجِيبُونَ لَهُم بِشَيۡءٍ إِلَّا كَبَٰسِطِ كَفَّيۡهِ إِلَى ٱلۡمَآءِ لِيَبۡلُغَ فَاهُ وَمَا هُوَ بِبَٰلِغِهِۦۚ وَمَا دُعَآءُ ٱلۡكَٰفِرِينَ إِلَّا فِي ضَلَٰلٍ
Ikuyena lapho umthandazo uyiqiniso khona futhi labo abamemeza abanye esikhundleni sakhe ababaphenduli ngalutho ngaphandle njengalowo owelulela izandla zakhe zombili emanzini ukuze afinyelele emlonyeni wakhe kepha wona akafinyeleli kuyena, umthandazo wabangakholwayo awulutho ngaphandle kokuthi ungukuduka
وَلِلَّهِۤ يَسۡجُدُۤ مَن فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ طَوۡعًا وَكَرۡهًا وَظِلَٰلُهُم بِٱلۡغُدُوِّ وَٱلۡأٓصَالِ
Futhi ikuMvelinqangi lapho noma ngabe ubani osemazulwini nasemhlabeni ekhothama khona bethanda noma bengathandi kanye nezithunzi zabo ekuseni nakusihlwa
قُلۡ مَن رَّبُّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ قُلِ ٱللَّهُۚ قُلۡ أَفَٱتَّخَذۡتُم مِّن دُونِهِۦٓ أَوۡلِيَآءَ لَا يَمۡلِكُونَ لِأَنفُسِهِمۡ نَفۡعًا وَلَا ضَرًّاۚ قُلۡ هَلۡ يَسۡتَوِي ٱلۡأَعۡمَىٰ وَٱلۡبَصِيرُ أَمۡ هَلۡ تَسۡتَوِي ٱلظُّلُمَٰتُ وَٱلنُّورُۗ أَمۡ جَعَلُواْ لِلَّهِ شُرَكَآءَ خَلَقُواْ كَخَلۡقِهِۦ فَتَشَٰبَهَ ٱلۡخَلۡقُ عَلَيۡهِمۡۚ قُلِ ٱللَّهُ خَٰلِقُ كُلِّ شَيۡءٍ وَهُوَ ٱلۡوَٰحِدُ ٱلۡقَهَّٰرُ
Ithi, ngubani iNkosi yamazulu nomhlaba na? Ithi, “uMvelinqangi” ithi, “ngakube nizithathele abanye abavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi abangaziphatheli nzuzo nakulimaza emiphefumulweni yabo na?” ithi, “ngakube uyefana yini oyimpumputhe kanye nobabonayo noma ngakube buyefana yini ubumnyama nokukhanya na? Noma benzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni, abadale okunjengendalo yakhe ukuze indalo (abayidalile neyakhe) ibukeke ifana kubona ithi, “uMvelinqangi ongumdali wezinto zonke futhi ungoyedwa ongavinjwa”
أَنزَلَ مِنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءً فَسَالَتۡ أَوۡدِيَةُۢ بِقَدَرِهَا فَٱحۡتَمَلَ ٱلسَّيۡلُ زَبَدًا رَّابِيًاۖ وَمِمَّا يُوقِدُونَ عَلَيۡهِ فِي ٱلنَّارِ ٱبۡتِغَآءَ حِلۡيَةٍ أَوۡ مَتَٰعٍ زَبَدٌ مِّثۡلُهُۥۚ كَذَٰلِكَ يَضۡرِبُ ٱللَّهُ ٱلۡحَقَّ وَٱلۡبَٰطِلَۚ فَأَمَّا ٱلزَّبَدُ فَيَذۡهَبُ جُفَآءًۖ وَأَمَّا مَا يَنفَعُ ٱلنَّاسَ فَيَمۡكُثُ فِي ٱلۡأَرۡضِۚ كَذَٰلِكَ يَضۡرِبُ ٱللَّهُ ٱلۡأَمۡثَالَ
Wehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni igeleza ezihosheni ngendlela eyithanda ngayo, izikhukhula ziwasuse amagwebu akhukhumalayo futhi nakulokho abakuncibilikisayo emlilweni ukuze kwakhiwe okokuhloba nomaizitsha, kuveleigwebuelifananako, kanjalouMvelinqangi uliveza (ngezibonelo) iqiniso kanye namanga ngakho-ke amagwebu ayadlula njengento engeyilutho bese kuthi lokho okuwusizo kubantu kuyasala emhlabeni uMvelinqangi wenza kanjalo-ke izibonelo
لِلَّذِينَ ٱسۡتَجَابُواْ لِرَبِّهِمُ ٱلۡحُسۡنَىٰۚ وَٱلَّذِينَ لَمۡ يَسۡتَجِيبُواْ لَهُۥ لَوۡ أَنَّ لَهُم مَّا فِي ٱلۡأَرۡضِ جَمِيعًا وَمِثۡلَهُۥ مَعَهُۥ لَٱفۡتَدَوۡاْ بِهِۦٓۚ أُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ سُوٓءُ ٱلۡحِسَابِ وَمَأۡوَىٰهُمۡ جَهَنَّمُۖ وَبِئۡسَ ٱلۡمِهَادُ
Kulabo abayiphendula iNkosi yabo kunobuhle kanye nalabo abangazange bayiphendule ukube babengaba nakho konke okusemhlabeni kanye nokufana nakho kanye nakho babezonikela ngakho njengenhlengo, labo-ke okwabo ukwehlulelwa okubi futhi indawo yabo yokuhlala isihogo futhi yimbi ngempela leyo ndawo yokuphumula
أَفَمَن يَعۡلَمُ أَنَّمَآ أُنزِلَ إِلَيۡكَ مِن رَّبِّكَ ٱلۡحَقُّ كَمَنۡ هُوَ أَعۡمَىٰٓۚ إِنَّمَا يَتَذَكَّرُ أُوْلُواْ ٱلۡأَلۡبَٰبِ
Ngakube lowo owaziyo ukuthi okwehliselwa phansi kuwena okuvela eNkosini yakho ukuthi kuyiqiniso njengalowo oyimpumputhe na? Kuphela abakhumbulayo abantu abaqondayo
ٱلَّذِينَ يُوفُونَ بِعَهۡدِ ٱللَّهِ وَلَا يَنقُضُونَ ٱلۡمِيثَٰقَ
Labo abasifezayo isethembiso sikaMvelinqangi futhi bangasephuli isivumelwano
وَٱلَّذِينَ يَصِلُونَ مَآ أَمَرَ ٱللَّهُ بِهِۦٓ أَن يُوصَلَ وَيَخۡشَوۡنَ رَبَّهُمۡ وَيَخَافُونَ سُوٓءَ ٱلۡحِسَابِ
Kanye nalabo abenza lokho uMvelinqangi aphoqe ngakho ukuba kwenziwe futhi abayesabayo iNkosi yabo futhi bayakwesaba ukwehlulelwa okubi
وَٱلَّذِينَ صَبَرُواْ ٱبۡتِغَآءَ وَجۡهِ رَبِّهِمۡ وَأَقَامُواْ ٱلصَّلَوٰةَ وَأَنفَقُواْ مِمَّا رَزَقۡنَٰهُمۡ سِرًّا وَعَلَانِيَةً وَيَدۡرَءُونَ بِٱلۡحَسَنَةِ ٱلسَّيِّئَةَ أُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ عُقۡبَى ٱلدَّارِ
Kanye nalabo ababekezelayo befuna ukubona ubuso beNkosi yabo futhi benza umthandazo benikela esithe nasobala kulokho esibaphe kona benqabela ububi ngobuhle labo okwabo kuyoba isiphetho esihle
جَنَّٰتُ عَدۡنٍ يَدۡخُلُونَهَا وَمَن صَلَحَ مِنۡ ءَابَآئِهِمۡ وَأَزۡوَٰجِهِمۡ وَذُرِّيَّٰتِهِمۡۖ وَٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ يَدۡخُلُونَ عَلَيۡهِم مِّن كُلِّ بَابٍ
Izivande zase-Eden (zangunaphakade) abayongena kuzona kanye nalabo abenza okulungileyo abaphuma phakathi koyise nakumakhosikazi abo nasezinganeni zabo nezingelosi ziyongena kubona ngawo wonke amasango
سَلَٰمٌ عَلَيۡكُم بِمَا صَبَرۡتُمۡۚ فَنِعۡمَ عُقۡبَى ٱلدَّارِ
(Kuyothiwa) Ukuthula makube kunina ngenxa yokubekezela kwenu ubuhle ikhaya lokugcina
وَٱلَّذِينَ يَنقُضُونَ عَهۡدَ ٱللَّهِ مِنۢ بَعۡدِ مِيثَٰقِهِۦ وَيَقۡطَعُونَ مَآ أَمَرَ ٱللَّهُ بِهِۦٓ أَن يُوصَلَ وَيُفۡسِدُونَ فِي ٱلۡأَرۡضِ أُوْلَٰٓئِكَ لَهُمُ ٱللَّعۡنَةُ وَلَهُمۡ سُوٓءُ ٱلدَّارِ
Kanye nalabo ababephula isivumelwano sikaMvelinqangi emva kokuqinisekiswa kwaso futhi behlukanisa lokhu uMvelinqangi aphoqe ngakho ukuba kuxhunywe futhi benza ukona emhlabeni labo-ke okwabo isiqalekiso futhi okwabo ikhaya elibi (isihogo)
ٱللَّهُ يَبۡسُطُ ٱلرِّزۡقَ لِمَن يَشَآءُ وَيَقۡدِرُۚ وَفَرِحُواْ بِٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا وَمَا ٱلۡحَيَوٰةُ ٱلدُّنۡيَا فِي ٱلۡأٓخِرَةِ إِلَّا مَتَٰعٌ
UMvelinqangi uyakwandisa ukuphana kunoma ngabe ubani amthandayo futhi akuqinisekise (ukuphana kwakhe) futhi bayayithokozela impilo yalomhlaba futhi ayiyilutho impilo yalomhlaba kunempilo ezayo ngaphandle kokuthi iyintokozo yesikhashana
وَيَقُولُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَوۡلَآ أُنزِلَ عَلَيۡهِ ءَايَةٌ مِّن رَّبِّهِۦۚ قُلۡ إِنَّ ٱللَّهَ يُضِلُّ مَن يَشَآءُ وَيَهۡدِيٓ إِلَيۡهِ مَنۡ أَنَابَ
Futhi labo abangakholwayo bathi, “kungani lungehliselwanga phansi kuyena uphawu oluvela eNkosini yakhe na?” Ithi ngempela uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo bese eholela kuyena lowo ophendukela kuyena ngokuzisola
ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَتَطۡمَئِنُّ قُلُوبُهُم بِذِكۡرِ ٱللَّهِۗ أَلَا بِذِكۡرِ ٱللَّهِ تَطۡمَئِنُّ ٱلۡقُلُوبُ
Labo abakholwayo futhi izinhliziyo zabo ezithola ukuphumula ekukhumbuleni uMvelinqangi ngempela ekukhumbuleni uMvelinqangi izinhliziyo zithola ukuphumula
ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ طُوبَىٰ لَهُمۡ وَحُسۡنُ مَـَٔابٍ
Labo abakholwayo futhi benze izenzo ezinhle injabulo ingeyabo (nendawo) enhle yokuphindela
كَذَٰلِكَ أَرۡسَلۡنَٰكَ فِيٓ أُمَّةٍ قَدۡ خَلَتۡ مِن قَبۡلِهَآ أُمَمٌ لِّتَتۡلُوَاْ عَلَيۡهِمُ ٱلَّذِيٓ أَوۡحَيۡنَآ إِلَيۡكَ وَهُمۡ يَكۡفُرُونَ بِٱلرَّحۡمَٰنِۚ قُلۡ هُوَ رَبِّي لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ عَلَيۡهِ تَوَكَّلۡتُ وَإِلَيۡهِ مَتَابِ
Kanjalo sakuthumela esizweni esekwadlula ngaphambilini kwaso izizwe ukuze ubafundele lokho esakwembula kuwena kulapho bona bemphika onomusa, Ithi, “yena uyiNkosi yami akekho onokukhonzwa ngaphandle kwakhe ngithembele kuyena futhi kukuyena ukuphindela kwami”
وَلَوۡ أَنَّ قُرۡءَانًا سُيِّرَتۡ بِهِ ٱلۡجِبَالُ أَوۡ قُطِّعَتۡ بِهِ ٱلۡأَرۡضُ أَوۡ كُلِّمَ بِهِ ٱلۡمَوۡتَىٰۗ بَل لِّلَّهِ ٱلۡأَمۡرُ جَمِيعًاۗ أَفَلَمۡ يَاْيۡـَٔسِ ٱلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ أَن لَّوۡ يَشَآءُ ٱللَّهُ لَهَدَى ٱلنَّاسَ جَمِيعًاۗ وَلَا يَزَالُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ تُصِيبُهُم بِمَا صَنَعُواْ قَارِعَةٌ أَوۡ تَحُلُّ قَرِيبًا مِّن دَارِهِمۡ حَتَّىٰ يَأۡتِيَ وَعۡدُ ٱللَّهِۚ إِنَّ ٱللَّهَ لَا يُخۡلِفُ ٱلۡمِيعَادَ
Futhi uma bekungaba khona iQur’an okungasuswa ngayo izintaba (zibekwe kwenye indawo) noma kudatshulwe ngayo umhlaba noma kukhulunyiswe ngayo abafileyo (beyingeke ibe khonangaphandlekwaleQur’an) kephazingezika-Mvelinqangi zonke izimo, ngakube abazi yini labo abakholwayo ukuthi ukube uMvelinqangi wayethanda wayezobahola bonke abantu, abasoze bayekwa labo abangakholwa ukwehliselwa okubi ngenxa yalokho abakwenzile noma kwehlele eduzane namakhaya abo kuze kube siyeza isithembiso sikaMvelinqangi ngempela uMvelinqangi akasephuli isethembiso
وَلَقَدِ ٱسۡتُهۡزِئَ بِرُسُلٍ مِّن قَبۡلِكَ فَأَمۡلَيۡتُ لِلَّذِينَ كَفَرُواْ ثُمَّ أَخَذۡتُهُمۡۖ فَكَيۡفَ كَانَ عِقَابِ
Futhi ngempela kwenziwa inhlekisa ngezithunywa ngaphambilini kwakho ngakho-ke ngabanika ithuba labo abangakholwanga ngabe sengiyabathatha (ngiyabajezisa) ngakho-ke sasinjani isijeziso sami na
أَفَمَنۡ هُوَ قَآئِمٌ عَلَىٰ كُلِّ نَفۡسِۭ بِمَا كَسَبَتۡۗ وَجَعَلُواْ لِلَّهِ شُرَكَآءَ قُلۡ سَمُّوهُمۡۚ أَمۡ تُنَبِّـُٔونَهُۥ بِمَا لَا يَعۡلَمُ فِي ٱلۡأَرۡضِ أَم بِظَٰهِرٍ مِّنَ ٱلۡقَوۡلِۗ بَلۡ زُيِّنَ لِلَّذِينَ كَفَرُواْ مَكۡرُهُمۡ وَصُدُّواْ عَنِ ٱلسَّبِيلِۗ وَمَن يُضۡلِلِ ٱللَّهُ فَمَا لَهُۥ مِنۡ هَادٍ
Ngakube nguyena (uMvelinqangi) oqaphela yonke imiphefumulo mayelana nekusebenzeleyo, futhi benzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni ithi, “ziqambeni amagama (izithixo zenu) noma nimtshene ngalokho angakwazi emhlabeni noma abakuvezayo okuyinkulumo, kepha lenziwa labukeka lilihle icebo labo kulabo abangakholwayo futhi bavinjelwe endleleni eqondile futhi lowo odukiswe nguMvelinqangi angeke aze abenaye umholi.”
لَّهُمۡ عَذَابٌ فِي ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَاۖ وَلَعَذَابُ ٱلۡأٓخِرَةِ أَشَقُّۖ وَمَا لَهُم مِّنَ ٱللَّهِ مِن وَاقٍ
Okwabo isijeziso empilweni yalomhlaba futhi ngempela isijeziso sempilo ezayo sinzima ngokwedlulele, futhi angeke babenaye umvikeli ovela kuMvelinqangi
مَّثَلُ ٱلۡجَنَّةِ ٱلَّتِي وُعِدَ ٱلۡمُتَّقُونَۖ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُۖ أُكُلُهَا دَآئِمٌ وَظِلُّهَاۚ تِلۡكَ عُقۡبَى ٱلَّذِينَ ٱتَّقَواْۚ وَّعُقۡبَى ٱلۡكَٰفِرِينَ ٱلنَّارُ
Isibonelo sesivande esethenjiswe abenza okulungileyo, kugeleza ngaphansi kwaso imifula, izithelo zaso azipheli nomthunzi waso. Leso isiphetho salabo abenza okulungileyo nesiphetho sabaphika ukholo ngumlilo
وَٱلَّذِينَ ءَاتَيۡنَٰهُمُ ٱلۡكِتَٰبَ يَفۡرَحُونَ بِمَآ أُنزِلَ إِلَيۡكَۖ وَمِنَ ٱلۡأَحۡزَابِ مَن يُنكِرُ بَعۡضَهُۥۚ قُلۡ إِنَّمَآ أُمِرۡتُ أَنۡ أَعۡبُدَ ٱللَّهَ وَلَآ أُشۡرِكَ بِهِۦٓۚ إِلَيۡهِ أَدۡعُواْ وَإِلَيۡهِ مَـَٔابِ
Kanye nalabo esabanika incwadi bayathokoza ngalokho okwembulwa kuwena futhi ezixukwini kunabanye abayiphikayo ingxenye yayo ithi, “kuphela ngiphoqiwe ukuthi ngikhonze uMvelinqangi futhi ngingamenzeli abahlanganyeli ekumkhonzeni, ngimemela kuyena futhi kukuyena ukuphindela kwami.”
وَكَذَٰلِكَ أَنزَلۡنَٰهُ حُكۡمًا عَرَبِيًّاۚ وَلَئِنِ ٱتَّبَعۡتَ أَهۡوَآءَهُم بَعۡدَ مَا جَآءَكَ مِنَ ٱلۡعِلۡمِ مَا لَكَ مِنَ ٱللَّهِ مِن وَلِيٍّ وَلَا وَاقٍ
Futhi kanjalo siwembulile umthetho (iQur’an) ngesi-Arab futhi uma ulandele izifiso zabo eziyize leze emva kokuba usufikelwe ulwazi angeke ube namqapheli obhekene noMvelinqangi futhi ngisho nomvikeli
وَلَقَدۡ أَرۡسَلۡنَا رُسُلًا مِّن قَبۡلِكَ وَجَعَلۡنَا لَهُمۡ أَزۡوَٰجًا وَذُرِّيَّةًۚ وَمَا كَانَ لِرَسُولٍ أَن يَأۡتِيَ بِـَٔايَةٍ إِلَّا بِإِذۡنِ ٱللَّهِۗ لِكُلِّ أَجَلٍ كِتَابٌ
Futhi ngempela sathumela izithunywa ngaphambilini kwakho futhi sazenzela ukuthi zibe namakhosikazi nezingane futhi kwakungesikhona okwesithunywa ukuthi size nophawu ngaphandle kwemvume kaMvelinqangi isikhathi nesikhathi (udaba nodaba) kunesimemezelo (sikaMvelinqangi)
يَمۡحُواْ ٱللَّهُ مَا يَشَآءُ وَيُثۡبِتُۖ وَعِندَهُۥٓ أُمُّ ٱلۡكِتَٰبِ
UMvelinqangi ususa lokho akuthandayo futhi aqinise (lokho akuthandayo) futhi kuyena kunomama wencwadi
وَإِن مَّا نُرِيَنَّكَ بَعۡضَ ٱلَّذِي نَعِدُهُمۡ أَوۡ نَتَوَفَّيَنَّكَ فَإِنَّمَا عَلَيۡكَ ٱلۡبَلَٰغُ وَعَلَيۡنَا ٱلۡحِسَابُ
Futhi noma ngabe siyakukhombisa ingxenye yalokho esibathembisa kona noma senze ukuthi ufe ngakho-ke kuphela umthwalo ophezu kwakhe ukushumayela futhi okwethu ukwehlulela
أَوَلَمۡ يَرَوۡاْ أَنَّا نَأۡتِي ٱلۡأَرۡضَ نَنقُصُهَا مِنۡ أَطۡرَافِهَاۚ وَٱللَّهُ يَحۡكُمُ لَا مُعَقِّبَ لِحُكۡمِهِۦۚ وَهُوَ سَرِيعُ ٱلۡحِسَابِ
Ngakube ababoni yini ukuthi ngempela thina siyeza emhlabeni siwunciphise emaceleni na? UMvelinqangi uyehlulela akekho ohoxisa isehlulelo sakhe futhi yena ungosheshayo ekwahluleleni
وَقَدۡ مَكَرَ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡ فَلِلَّهِ ٱلۡمَكۡرُ جَمِيعًاۖ يَعۡلَمُ مَا تَكۡسِبُ كُلُّ نَفۡسٍۗ وَسَيَعۡلَمُ ٱلۡكُفَّٰرُ لِمَنۡ عُقۡبَى ٱلدَّارِ
Futhi benza icebo labo ababengaphambilini kwabo ngakho-ke angawaMvelinqangi wonke amacebo, uyakwazi konke okusetshenzelwa iyona yonke imiphefumulo futhi abangakholwa bayokwazi ukuthi ingekabani indlu yokugcina
وَيَقُولُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لَسۡتَ مُرۡسَلًاۚ قُلۡ كَفَىٰ بِٱللَّهِ شَهِيدَۢا بَيۡنِي وَبَيۡنَكُمۡ وَمَنۡ عِندَهُۥ عِلۡمُ ٱلۡكِتَٰبِ
Futhi labo abangakholwanga bathi, “awusona isithunywa” ithi, “wanele uMvelinqangi njengofakazi phakathi kwami nani nanoma ubani onolwazi lwencwadi.”
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.