بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
90:1لَآ أُقۡسِمُ بِهَٰذَا ٱلۡبَلَدِ
Ngifunga ngaleli dolobha (Makkah)
90:2وَأَنتَ حِلُّۢ بِهَٰذَا ٱلۡبَلَدِ
Futhi wena (uMphrofethi) uvunyelwe kulelidolobha
90:3وَوَالِدٍ وَمَا وَلَدَ
Futhi ngifunga ngomzali kanye nalokho akuzalayo
90:4لَقَدۡ خَلَقۡنَا ٱلۡإِنسَٰنَ فِي كَبَدٍ
Ngempela samdala umuntu ebunzimeni
90:5أَيَحۡسَبُ أَن لَّن يَقۡدِرَ عَلَيۡهِ أَحَدٌ
Ngakube ucabanga ukuthi akasoze abekhona ongaphezulu kwakhe ongamehlula
90:6يَقُولُ أَهۡلَكۡتُ مَالًا لُّبَدًا
Uthi, “ngichithe umnotho omningi”
90:7أَيَحۡسَبُ أَن لَّمۡ يَرَهُۥٓ أَحَدٌ
Ngakube ucabanga ukuthi akekho noyedwa ombonayo
90:8أَلَمۡ نَجۡعَل لَّهُۥ عَيۡنَيۡنِ
Asizange yini simenzele amehlo amabili
90:9وَلِسَانًا وَشَفَتَيۡنِ
Nolimi nezindebe ezimbili
90:10وَهَدَيۡنَٰهُ ٱلنَّجۡدَيۡنِ
Futhi samholela ezindleleni ezimbili
90:11فَلَا ٱقۡتَحَمَ ٱلۡعَقَبَةَ
Kepha akakozami ukuhamba endleleni enyukayo (enzima)
90:12وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا ٱلۡعَقَبَةُ
Futhi yini ekwenza wazi ukuthi indlela eyenyukayo (inzima)
90:13فَكُّ رَقَبَةٍ
Ukukhulula isigqila
90:14أَوۡ إِطۡعَٰمٌ فِي يَوۡمٍ ذِي مَسۡغَبَةٍ
Noma ukondla ngosuku lwendlala
90:15يَتِيمًا ذَا مَقۡرَبَةٍ
Intandane eyisihlobo
90:16أَوۡ مِسۡكِينًا ذَا مَتۡرَبَةٍ
Noma umuntu ompofu osothulini (ngenxa yokuhlupheka)
90:17ثُمَّ كَانَ مِنَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَتَوَاصَوۡاْ بِٱلصَّبۡرِ وَتَوَاصَوۡاْ بِٱلۡمَرۡحَمَةِ
Wayeseba ngomunye walabo abakholwayo futhi abayalana ngokubekezela futhi beyalana ngobubele
90:18أُوْلَٰٓئِكَ أَصۡحَٰبُ ٱلۡمَيۡمَنَةِ
Labo-ke (bangabantu) abangakwesokunene
90:19وَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ بِـَٔايَٰتِنَا هُمۡ أَصۡحَٰبُ ٱلۡمَشۡـَٔمَةِ
Futhi labo abangakholwanga emavesini (ezimpawini) zethu bona (bangabantu) abangakwesokunxele
90:20عَلَيۡهِمۡ نَارٌ مُّؤۡصَدَةُۢ
Phezulu kwabo kunomlilo ovale nhlangothi zonke
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.