Surah 91 · 15 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Ash-Shams in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

91:1

وَٱلشَّمۡسِ وَضُحَىٰهَا

Ngifunga ngelanga nokucwazimula kwalo

91:2

وَٱلۡقَمَرِ إِذَا تَلَىٰهَا

Futhi ngifunga ngenyanga uma ililandela (ilanga)

91:3

وَٱلنَّهَارِ إِذَا جَلَّىٰهَا

Futhi ngifunga ngemini uma ivela

91:4

وَٱلَّيۡلِ إِذَا يَغۡشَىٰهَا

Futhi ngifunga ngobusuku uma buyimboza

91:5

وَٱلسَّمَآءِ وَمَا بَنَىٰهَا

Futhi ngifunga ngesibhakabhaka kanye nalowo owasakha

91:6

وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا طَحَىٰهَا

Futhi ngifunga ngomhlaba kanye nalowo owawendlala

91:7

وَنَفۡسٍ وَمَا سَوَّىٰهَا

Futhi ngifunga ngomphefumulo kanye nalowo owawulinganisa

91:8

فَأَلۡهَمَهَا فُجُورَهَا وَتَقۡوَىٰهَا

Wasewukhombisa okubi kwawo kanye nokuhle kwawo

91:9

قَدۡ أَفۡلَحَ مَن زَكَّىٰهَا

Ngempela uphumelele lowo owuhlanzile (umphefumulo wakhe)

91:10

وَقَدۡ خَابَ مَن دَسَّىٰهَا

Futhi ngempela wehlulekile lowo owenze okubi kuwona

91:11

كَذَّبَتۡ ثَمُودُ بِطَغۡوَىٰهَآ

(Abantu) baThamud baphika (umphrofethi wabo) ngokungahloniphi

91:12

إِذِ ٱنۢبَعَثَ أَشۡقَىٰهَا

Ngenkathi lowo oyisoni kubona eya phambili

91:13

فَقَالَ لَهُمۡ رَسُولُ ٱللَّهِ نَاقَةَ ٱللَّهِ وَسُقۡيَٰهَا

Manjalo sabe sesithi isithunywa sikaMvelinqangi kubona, “Ningalithinti, yikameli lensikazi likaMvelinqangi nesiphuzo salo”

91:14

فَكَذَّبُوهُ فَعَقَرُوهَا فَدَمۡدَمَ عَلَيۡهِمۡ رَبُّهُم بِذَنۢبِهِمۡ فَسَوَّىٰهَا

Ngakho-ke basiphika (isithunywa sikaMvelinqangi) balibulala, manjalo iNkosi yabo yehlisela phezulu kwabo imbubhiso ngenxa yesono sabo yasilinganisa (kubona bonke)

91:15

وَلَا يَخَافُ عُقۡبَٰهَا

Futhi ayiwesabi umphumela walokho

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.