Surah 99 · 8 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Az-Zalzalah in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

99:1

إِذَا زُلۡزِلَتِ ٱلۡأَرۡضُ زِلۡزَالَهَا

Khumbula ngenkathi uma umhlaba uyozama-zama ngokunyakaza kwawo

99:2

وَأَخۡرَجَتِ ٱلۡأَرۡضُ أَثۡقَالَهَا

Futhi khumbula ngenkathi umhlaba ukhipha imithwalo yawo

99:3

وَقَالَ ٱلۡإِنسَٰنُ مَا لَهَا

Futhi khumbula umuntu uyothi, “kwenzekani ngawo”

99:4

يَوۡمَئِذٍ تُحَدِّثُ أَخۡبَارَهَا

Ngalolosuku uyokhuluma izindaba zawo

99:5

بِأَنَّ رَبَّكَ أَوۡحَىٰ لَهَا

Ngokuthi iNkosi yakho iyowushisekelisa

99:6

يَوۡمَئِذٍ يَصۡدُرُ ٱلنَّاسُ أَشۡتَاتًا لِّيُرَوۡاْ أَعۡمَٰلَهُمۡ

Ngalolosuku abantu bayoza bengamaqembu ukuze bakhonjiswe izenzo zabo

99:7

فَمَن يَعۡمَلۡ مِثۡقَالَ ذَرَّةٍ خَيۡرًا يَرَهُۥ

Ngakho-ke noma ngabe ngubani owenza okungangesisindo esincane sokuhle uyokubona

99:8

وَمَن يَعۡمَلۡ مِثۡقَالَ ذَرَّةٍ شَرًّا يَرَهُۥ

Futhi noma ngabe ngubani owenza okungangesisindo esincane sokubi uyokubona

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.