Surah 100 · 11 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-'Adiyat in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

100:1

وَٱلۡعَٰدِيَٰتِ ضَبۡحًا

Ngifunga ngalokho okugijimayo (amahashi) okukhefuzelayo

100:2

فَٱلۡمُورِيَٰتِ قَدۡحًا

Okukhipha umlilo

100:3

فَٱلۡمُغِيرَٰتِ صُبۡحًا

Amahashi ahlasela ekuseni

100:4

فَأَثَرۡنَ بِهِۦ نَقۡعًا

Futhi ngifunga ngamahashi avusa uthuli

100:5

فَوَسَطۡنَ بِهِۦ جَمۡعًا

Kanye nokufika lapho maphakathi beyisixuku

100:6

إِنَّ ٱلۡإِنسَٰنَ لِرَبِّهِۦ لَكَنُودٌ

Ngempela umuntu eNkosini yakhe akabongi

100:7

وَإِنَّهُۥ عَلَىٰ ذَٰلِكَ لَشَهِيدٌ

Futhi ngempela yena kulokho ungufakazi

100:8

وَإِنَّهُۥ لِحُبِّ ٱلۡخَيۡرِ لَشَدِيدٌ

Futhi ngempela yena usothandweni kakhulu lengcebo

100:9

أَفَلَا يَعۡلَمُ إِذَا بُعۡثِرَ مَا فِي ٱلۡقُبُورِ

Ngakube akazi yini ukuthi ngenkathi kusakazwa lokho okusemangcwabeni

100:10

وَحُصِّلَ مَا فِي ٱلصُّدُورِ

Futhi kwenziwa kwaziwa lokho okusezifubeni

100:11

إِنَّ رَبَّهُم بِهِمۡ يَوۡمَئِذٍ لَّخَبِيرُۢ

Ngempela iNkosi yabo ngalolosuku (lokwahlulela) iyazi kabanzi ngabo

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.