Surah 104 · 9 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-Humazah in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

104:1

وَيۡلٌ لِّكُلِّ هُمَزَةٍ لُّمَزَةٍ

Usizi kuyona yonke inhlebi nenhlekisa

104:2

ٱلَّذِي جَمَعَ مَالًا وَعَدَّدَهُۥ

Lowo ohlanganisa ingcebo futhi ayibale

104:3

يَحۡسَبُ أَنَّ مَالَهُۥٓ أَخۡلَدَهُۥ

Ucabanga ukuthi ingcebo yakhe iyomenza ukuthi ahlale ingunaphakade

104:4

كـَلَّاۖ لَيُنۢبَذَنَّ فِي ٱلۡحُطَمَةِ

Lutho! Ngempela uyophonswa emlilweni wesihogo

104:5

وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا ٱلۡحُطَمَةُ

Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini umlilo wesihogo

104:6

نَارُ ٱللَّهِ ٱلۡمُوقَدَةُ

Ngumlilo kaMvelinqangi obaselwe (ovuthayo)

104:7

ٱلَّتِي تَطَّلِعُ عَلَى ٱلۡأَفۡـِٔدَةِ

Okuyiwona owenyukela ezinhliziyweni

104:8

إِنَّهَا عَلَيۡهِم مُّؤۡصَدَةٌ

Ngempela wona (umlilo wesihogo) uyobamboza

104:9

فِي عَمَدٍ مُّمَدَّدَةِۭ

Ezinsikeni ezinwetshiwe

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.