Surah 17 · 111 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-Isra in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

17:1

سُبۡحَٰنَ ٱلَّذِيٓ أَسۡرَىٰ بِعَبۡدِهِۦ لَيۡلًا مِّنَ ٱلۡمَسۡجِدِ ٱلۡحَرَامِ إِلَى ٱلۡمَسۡجِدِ ٱلۡأَقۡصَا ٱلَّذِي بَٰرَكۡنَا حَوۡلَهُۥ لِنُرِيَهُۥ مِنۡ ءَايَٰتِنَآۚ إِنَّهُۥ هُوَ ٱلسَّمِيعُ ٱلۡبَصِيرُ

Udumo malube kulowo owathatha inceku yakhe (enguMuhammad) ngobusuku (eyisusa eMasjid Al-Haraam (Makkah), eyiyisa eMasjid Al’Aqsa) ekuyiyona esakubusisa okuseduze kwayo ukuze siyikhombise (inceku yakhe) izimpawu zethu ngempela yena (uMvelinqangi) ungozwayo obonayo

17:2

وَءَاتَيۡنَا مُوسَى ٱلۡكِتَٰبَ وَجَعَلۡنَٰهُ هُدًى لِّبَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ أَلَّا تَتَّخِذُواْ مِن دُونِي وَكِيلًا

Futhi samnikeza uMose incwadi futhi sayenza yaba ngumholi ebantwaneni bakwa-Israyeli ukuthi ningathathi omunye umlondolozi ngaphandle kwami (Mvelinqangi)

17:3

ذُرِّيَّةَ مَنۡ حَمَلۡنَا مَعَ نُوحٍۚ إِنَّهُۥ كَانَ عَبۡدًا شَكُورًا

Inzalo yalabo esabathwala (esabafaka emkhunjini) kanye noNowa ngempela yena wayeyinceku ebongayo

17:4

وَقَضَيۡنَآ إِلَىٰ بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ فِي ٱلۡكِتَٰبِ لَتُفۡسِدُنَّ فِي ٱلۡأَرۡضِ مَرَّتَيۡنِ وَلَتَعۡلُنَّ عُلُوًّا كَبِيرًا

Futhi samemezela kubantwana bakwa-Israyeli encwadini ukuthi ngempela nizokwenza ukona emhlabeni amahlandla amabili futhi ngempela nizoba nobudlova nokuzigabisa okukhulu

17:5

فَإِذَا جَآءَ وَعۡدُ أُولَىٰهُمَا بَعَثۡنَا عَلَيۡكُمۡ عِبَادًا لَّنَآ أُوْلِي بَأۡسٍ شَدِيدٍ فَجَاسُواْ خِلَٰلَ ٱلدِّيَارِۚ وَكَانَ وَعۡدًا مَّفۡعُولًا

Ngakho-ke kwathi lapho sekufika isithembiso sokuqala ezithembisweni ezimbili, sathumela kunina izinceku zethu ezinempi esabekayo ngakho-ke zangena ngaphakathi ezindlini kwase kugcwaliseka isethembiso

17:6

ثُمَّ رَدَدۡنَا لَكُمُ ٱلۡكَرَّةَ عَلَيۡهِمۡ وَأَمۡدَدۡنَٰكُم بِأَمۡوَٰلٍ وَبَنِينَ وَجَعَلۡنَٰكُمۡ أَكۡثَرَ نَفِيرًا

Sabe sesinibuyisela ukunqoba phezu kwabo futhi sanilekelela ngengcebo nangezingane futhi sanenza naba ngabantu abaningi kakhulu

17:7

إِنۡ أَحۡسَنتُمۡ أَحۡسَنتُمۡ لِأَنفُسِكُمۡۖ وَإِنۡ أَسَأۡتُمۡ فَلَهَاۚ فَإِذَا جَآءَ وَعۡدُ ٱلۡأٓخِرَةِ لِيَسُـُٔواْ وُجُوهَكُمۡ وَلِيَدۡخُلُواْ ٱلۡمَسۡجِدَ كَمَا دَخَلُوهُ أَوَّلَ مَرَّةٍ وَلِيُتَبِّرُواْ مَا عَلَوۡاْ تَتۡبِيرًا

Uma nenze okuhle nikwenzele imiphefumulo yenu okuhle futhi uma nenze okubi kuqondene nawo ngakho-ke kwathi lapho sekufika isithembiso sesibili (sathumela izitha zenu) ukuze zihlaze ubuso nokuthi ukuze zingene eMasjid njengoba zangena kuyona okokuqala futhi ukuze babhubhise lokho abakunqobayo ngembubhiso (enkulu)

17:8

عَسَىٰ رَبُّكُمۡ أَن يَرۡحَمَكُمۡۚ وَإِنۡ عُدتُّمۡ عُدۡنَاۚ وَجَعَلۡنَا جَهَنَّمَ لِلۡكَٰفِرِينَ حَصِيرًا

Kunokwenzeka ukuthi iNkosi yenu ibe nomusa kunina kepha uma niphindela emumva (ezonweni) sizophindela emumva (ekujeziseni) futhi sasenza isihogo ukuthi sibe ijele labangakholwa

17:9

إِنَّ هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانَ يَهۡدِي لِلَّتِي هِيَ أَقۡوَمُ وَيُبَشِّرُ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ٱلَّذِينَ يَعۡمَلُونَ ٱلصَّٰلِحَٰتِ أَنَّ لَهُمۡ أَجۡرًا كَبِيرًا

Ngempela leQur’an iholela kulokho, okufaneleke ngokwedlulele futhi ingumlethi wezindaba ezimnandi kwabakholwayo labo abenza izenzo ezilungileyo ukuthi okwabo ngumvuzo omkhulu

17:10

وَأَنَّ ٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِٱلۡأٓخِرَةِ أَعۡتَدۡنَا لَهُمۡ عَذَابًا أَلِيمًا

Nokuthi labo abangakholelwa empilweni ezayo sabalungiselela isijeziso esibuhlungu

17:11

وَيَدۡعُ ٱلۡإِنسَٰنُ بِٱلشَّرِّ دُعَآءَهُۥ بِٱلۡخَيۡرِۖ وَكَانَ ٱلۡإِنسَٰنُ عَجُولًا

Futhi umuntu uthandazela okubi (uma ephatheke kabi) njengoba ethandazela okuhle futhi umuntu ngasosonke isikhathi ujahile

17:12

وَجَعَلۡنَا ٱلَّيۡلَ وَٱلنَّهَارَ ءَايَتَيۡنِۖ فَمَحَوۡنَآ ءَايَةَ ٱلَّيۡلِ وَجَعَلۡنَآ ءَايَةَ ٱلنَّهَارِ مُبۡصِرَةً لِّتَبۡتَغُواْ فَضۡلًا مِّن رَّبِّكُمۡ وَلِتَعۡلَمُواْ عَدَدَ ٱلسِّنِينَ وَٱلۡحِسَابَۚ وَكُلَّ شَيۡءٍ فَصَّلۡنَٰهُ تَفۡصِيلًا

Futhi senza ubusuku nemini kwaba izimpawu ezimbili ngakho-ke siyalususa uphawu lobusuku bese sibeka uphawu kwemini lubonakale ukuze nifune umusa ovela eNkosini yenu nokuthi nisazi isibalo seminyaka nokubala (isikhathi) futhi zonke izinto sizichaze ngobunjalo bazo

17:13

وَكُلَّ إِنسَٰنٍ أَلۡزَمۡنَٰهُ طَٰٓئِرَهُۥ فِي عُنُقِهِۦۖ وَنُخۡرِجُ لَهُۥ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ كِتَٰبًا يَلۡقَىٰهُ مَنشُورًا

Futhi kuwona wonke umuntu salengisa izenzo zakhe emqaleni wakhe futhi siyomvezela zona, ngosuku lokuvuka kwabafileyo siyomkhombisa incwadi ayoyifumanisa ivulekile

17:14

ٱقۡرَأۡ كِتَٰبَكَ كَفَىٰ بِنَفۡسِكَ ٱلۡيَوۡمَ عَلَيۡكَ حَسِيبًا

(Kuyothiwa kuyena), “funda incwadi yakho umphefumulo wakho wanele kulolusuku ukuba ukwahlulele”

17:15

مَّنِ ٱهۡتَدَىٰ فَإِنَّمَا يَهۡتَدِي لِنَفۡسِهِۦۖ وَمَن ضَلَّ فَإِنَّمَا يَضِلُّ عَلَيۡهَاۚ وَلَا تَزِرُ وَازِرَةٌ وِزۡرَ أُخۡرَىٰۗ وَمَا كُنَّا مُعَذِّبِينَ حَتَّىٰ نَبۡعَثَ رَسُولًا

Nomangabeubanioholekilengakho-kekuphelaumphefumulo wakhe omholile futhi noma ngabe ubani odukile ngakho-ke kuphela udukele wona, futhi angeke umthwali ayothwala umthwali womunye futhi asiyibona abajezisi kuze kube sithumela isithunywa (kubantu njengomxwayisi)

17:16

وَإِذَآ أَرَدۡنَآ أَن نُّهۡلِكَ قَرۡيَةً أَمَرۡنَا مُتۡرَفِيهَا فَفَسَقُواْ فِيهَا فَحَقَّ عَلَيۡهَا ٱلۡقَوۡلُ فَدَمَّرۡنَٰهَا تَدۡمِيرًا

Futhi uma sifuna ukubhubhisa idolobha sithumela umyalezo (isimemezelo) kulabo abaphila kulona impilo enhle ephezulu bese bephula umthetho kulona (idolobha) bese liyagcwaliseka izwi kubona ngakho-ke siyababhubhisa ngembubhiso enkulu

17:17

وَكَمۡ أَهۡلَكۡنَا مِنَ ٱلۡقُرُونِ مِنۢ بَعۡدِ نُوحٍۗ وَكَفَىٰ بِرَبِّكَ بِذُنُوبِ عِبَادِهِۦ خَبِيرَۢا بَصِيرًا

Futhi zingaki izizukulwane esazibhubhisa emva kukaNowa na? Futhi iNkosi yakho yanele njengesazi nomboni wezono zezinceku zayo

17:18

مَّن كَانَ يُرِيدُ ٱلۡعَاجِلَةَ عَجَّلۡنَا لَهُۥ فِيهَا مَا نَشَآءُ لِمَن نُّرِيدُ ثُمَّ جَعَلۡنَا لَهُۥ جَهَنَّمَ يَصۡلَىٰهَا مَذۡمُومًا مَّدۡحُورًا

Noma ngabe ubani lowo ofisa impilo eyedlulayo (yalomhlaba) siyamsheshisela kuyona lakho esikuthandayo kulowo esimthandayo sabe sesimbekela isihogo ayosha kusona ethotshisiwe (ehlanziwe) elahliweyo

17:19

وَمَنۡ أَرَادَ ٱلۡأٓخِرَةَ وَسَعَىٰ لَهَا سَعۡيَهَا وَهُوَ مُؤۡمِنٌ فَأُوْلَٰٓئِكَ كَانَ سَعۡيُهُم مَّشۡكُورًا

Futhi noma ngabe ubani ofisa impilo ezayo bese ekhombisa ukuzimisela ngayo ngendlela efanele kulapho yena engakholwayo ngakho-ke labo ukuzimisela kwabo kuyabongeka

17:20

كُلًّا نُّمِدُّ هَٰٓؤُلَآءِ وَهَٰٓؤُلَآءِ مِنۡ عَطَآءِ رَبِّكَۚ وَمَا كَانَ عَطَآءُ رَبِّكَ مَحۡظُورًا

Ngamunye kulaba kanjalo nakulaba sibapha okuvela eNkosini yakho futhi ukuphana kweNkosi yakho angeke kunqatshelwe

17:21

ٱنظُرۡ كَيۡفَ فَضَّلۡنَا بَعۡضَهُمۡ عَلَىٰ بَعۡضٍۚ وَلَلۡأٓخِرَةُ أَكۡبَرُ دَرَجَٰتٍ وَأَكۡبَرُ تَفۡضِيلًا

Bheka ukuthi sibakhethe kanjani abanye ngaphezu kwabanye futhi ngempela impilo ezayo iphakeme ngokwedlulele ngamazinga futhi ikhetheke ngokwedlulele

17:22

لَّا تَجۡعَلۡ مَعَ ٱللَّهِ إِلَٰهًا ءَاخَرَ فَتَقۡعُدَ مَذۡمُومًا مَّخۡذُولًا

Ungahlanganisi uMvelinqangi kanye nomunye unkulunkulu (wamanga) ngokuba uyohlala phansi ujezisiwe ulahliwe (esihogweni)

17:23

وَقَضَىٰ رَبُّكَ أَلَّا تَعۡبُدُوٓاْ إِلَّآ إِيَّاهُ وَبِٱلۡوَٰلِدَيۡنِ إِحۡسَٰنًاۚ إِمَّا يَبۡلُغَنَّ عِندَكَ ٱلۡكِبَرَ أَحَدُهُمَآ أَوۡ كِلَاهُمَا فَلَا تَقُل لَّهُمَآ أُفٍّ وَلَا تَنۡهَرۡهُمَا وَقُل لَّهُمَا قَوۡلًا كَرِيمًا

Futhi iNkosi yakho yamemezela ukuthi ningakhonzi lutho ngaphandle kwayo kuphela nokuthi nenze, okuhle kubazali, noma ngabe oyedwa wabo noma bobabili uma beficwa ubudala bekanye nawe ngakho-ke ungabothi nxa kubona (noma usho igama elibi) noma uphakamise izwi kubona kepha khuluma nabo ngendlela enhle

17:24

وَٱخۡفِضۡ لَهُمَا جَنَاحَ ٱلذُّلِّ مِنَ ٱلرَّحۡمَةِ وَقُل رَّبِّ ٱرۡحَمۡهُمَا كَمَا رَبَّيَانِي صَغِيرًا

Futhi wehlisele kubona amaphiko okuzithoba aphuma emseni futhi uthi “Nkosi yami yiba nomusa kubona bobabili njengoba bangikhulisa ngisemncane”

17:25

رَّبُّكُمۡ أَعۡلَمُ بِمَا فِي نُفُوسِكُمۡۚ إِن تَكُونُواْ صَٰلِحِينَ فَإِنَّهُۥ كَانَ لِلۡأَوَّٰبِينَ غَفُورًا

INkosi yenu yazi kabanzi ngalokho okusemiphefumulweni yenu, uma niba ngabalungileyo ngakho-ke ngempela yona iyathethelela kulabo abaphendukela (kuyona) ngokuzisola

17:26

وَءَاتِ ذَا ٱلۡقُرۡبَىٰ حَقَّهُۥ وَٱلۡمِسۡكِينَ وَٱبۡنَ ٱلسَّبِيلِ وَلَا تُبَذِّرۡ تَبۡذِيرًا

Futhi nikeza isihlobo okusifanele noswele kanyenesihambi futhi ungachithi (ingcebo) ngokuyimosha

17:27

إِنَّ ٱلۡمُبَذِّرِينَ كَانُوٓاْ إِخۡوَٰنَ ٱلشَّيَٰطِينِۖ وَكَانَ ٱلشَّيۡطَٰنُ لِرَبِّهِۦ كَفُورًا

Ngempela abamoshayo bangabafowabo bakasathane futhi usathane uhlala njalo engabongi eNkosini yakhe

17:28

وَإِمَّا تُعۡرِضَنَّ عَنۡهُمُ ٱبۡتِغَآءَ رَحۡمَةٍ مِّن رَّبِّكَ تَرۡجُوهَا فَقُل لَّهُمۡ قَوۡلًا مَّيۡسُورًا

Futhi uma uqhelelana nabo ufuna umusa ovela eNkosini yakho owuwuthembile ngakho-ke khuluma nabo inkulumo emnene

17:29

وَلَا تَجۡعَلۡ يَدَكَ مَغۡلُولَةً إِلَىٰ عُنُقِكَ وَلَا تَبۡسُطۡهَا كُلَّ ٱلۡبَسۡطِ فَتَقۡعُدَ مَلُومًا مَّحۡسُورًا

Futhi ungenzi ukuthi isandla sakho siboshwe emqaleni wakho futhi ungaseluli ngokwedlulele (ungaphani ngaphezu konako) hleze uhlale phansi usolekile futhi umpofu ngokweqile

17:30

إِنَّ رَبَّكَ يَبۡسُطُ ٱلرِّزۡقَ لِمَن يَشَآءُ وَيَقۡدِرُۚ إِنَّهُۥ كَانَ بِعِبَادِهِۦ خَبِيرَۢا بَصِيرًا

Ngempela iNkosi yakho iyasandisa isipho kulowo eyimthandayo futhi iyisigodla (kulowo eyimthandayo) ngempela yona iyazi iyabona mayelana nezinceku zayo

17:31

وَلَا تَقۡتُلُوٓاْ أَوۡلَٰدَكُمۡ خَشۡيَةَ إِمۡلَٰقٍۖ نَّحۡنُ نَرۡزُقُهُمۡ وَإِيَّاكُمۡۚ إِنَّ قَتۡلَهُمۡ كَانَ خِطۡـًٔا كَبِيرًا

Futhi ningazibulali izingane zenu ngenxa yokwesaba ubuphofu thina siyobenzela izindlela zokuphila kanye nani ngempela ukuzibulala (izingane) kuyohleze njalo kuyisono esikhulu

17:32

وَلَا تَقۡرَبُواْ ٱلزِّنَىٰٓۖ إِنَّهُۥ كَانَ فَٰحِشَةً وَسَآءَ سَبِيلًا

Futhi ningasondelani nokulalana ngokungemthetho (ngaphandle komshado) ngempela kona kuyohlala njalo kuyisono futhi kuyindlela embi

17:33

وَلَا تَقۡتُلُواْ ٱلنَّفۡسَ ٱلَّتِي حَرَّمَ ٱللَّهُ إِلَّا بِٱلۡحَقِّۗ وَمَن قُتِلَ مَظۡلُومًا فَقَدۡ جَعَلۡنَا لِوَلِيِّهِۦ سُلۡطَٰنًا فَلَا يُسۡرِف فِّي ٱلۡقَتۡلِۖ إِنَّهُۥ كَانَ مَنصُورًا

Futhi ningawubulali umphefumulo uMvelinqangi akwenze kwangabisemthethweniukubaubulawengaphandlekweqiniso futhi noma ngabe ubani owabulawa ngokungesibona ubulungiswa ngempela siyinikezile indlalifa yakhe igunya ngakho-ke makangayeqi imingcele mayelana nokubulala ngempela yena uyosizwa (ngumthetho)

17:34

وَلَا تَقۡرَبُواْ مَالَ ٱلۡيَتِيمِ إِلَّا بِٱلَّتِي هِيَ أَحۡسَنُ حَتَّىٰ يَبۡلُغَ أَشُدَّهُۥۚ وَأَوۡفُواْ بِٱلۡعَهۡدِۖ إِنَّ ٱلۡعَهۡدَ كَانَ مَسۡـُٔولًا

Futhi ungasondelani nengcebo yentandane ngaphandle kokuba uma kungendlela enhle kuze kube ilapho ifika khona ebudaleni futhi gcwalisani isivumelwano ngempela isivumelwano kuyobuzwa ngaso

17:35

وَأَوۡفُواْ ٱلۡكَيۡلَ إِذَا كِلۡتُمۡ وَزِنُواْ بِٱلۡقِسۡطَاسِ ٱلۡمُسۡتَقِيمِۚ ذَٰلِكَ خَيۡرٌ وَأَحۡسَنُ تَأۡوِيلًا

Futhi nikezani isilinganiso esigcwele uma nenza isilinganiso futhi kalani isisindo ngobulungiswa obuphelele, lokho kuyoba kuhle futhi kube ngcono ekugcineni

17:36

وَلَا تَقۡفُ مَا لَيۡسَ لَكَ بِهِۦ عِلۡمٌۚ إِنَّ ٱلسَّمۡعَ وَٱلۡبَصَرَ وَٱلۡفُؤَادَ كُلُّ أُوْلَٰٓئِكَ كَانَ عَنۡهُ مَسۡـُٔولًا

Futhi ungakulandeli lokho ongenalo ulwazi ngako ngempela ukuzwa nokubona kanye nenhliziyo konke lokhu bayobuzwa ngakho

17:37

وَلَا تَمۡشِ فِي ٱلۡأَرۡضِ مَرَحًاۖ إِنَّكَ لَن تَخۡرِقَ ٱلۡأَرۡضَ وَلَن تَبۡلُغَ ٱلۡجِبَالَ طُولًا

Futhi ungahambi emhlabeni ngokuziphakamisa ngempela wena awusoze wawuqhekeza umhlaba futhi awusoze wedlule izintaba ngokuphakama

17:38

كُلُّ ذَٰلِكَ كَانَ سَيِّئُهُۥ عِندَ رَبِّكَ مَكۡرُوهًا

Konke lokhu (osekubaliwe ngenhla) ububi bako emehlweni eNkosi yakho abuthandeki

17:39

ذَٰلِكَ مِمَّآ أَوۡحَىٰٓ إِلَيۡكَ رَبُّكَ مِنَ ٱلۡحِكۡمَةِۗ وَلَا تَجۡعَلۡ مَعَ ٱللَّهِ إِلَٰهًا ءَاخَرَ فَتُلۡقَىٰ فِي جَهَنَّمَ مَلُومًا مَّدۡحُورًا

Lokhu kuyingxenye yalokho iNkosi yakho eyakwembula kuwena (Mphrofethi Muhammad) okungubuhlakani futhi ungahlanganisi uMvelinqangi nomunye hleze uphonswe esihogweni usolekile ulahliwe

17:40

أَفَأَصۡفَىٰكُمۡ رَبُّكُم بِٱلۡبَنِينَ وَٱتَّخَذَ مِنَ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةِ إِنَٰثًاۚ إِنَّكُمۡ لَتَقُولُونَ قَوۡلًا عَظِيمًا

Ngakube iNkosi yenu inikhethele ukuba nibe namadodana yase izithathela izingelosini amadodakazi na? Ngempela nina nikhuluma inkulumo enzima (engavumelekile)

17:41

وَلَقَدۡ صَرَّفۡنَا فِي هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانِ لِيَذَّكَّرُواْ وَمَا يَزِيدُهُمۡ إِلَّا نُفُورًا

Futhi ngempela siziphindaphindile (izexwayiso) kuleQur’anukuze bakhumbuziseke futhi ayibanezeleli ngalutho ngaphandle kokwenqena

17:42

قُل لَّوۡ كَانَ مَعَهُۥٓ ءَالِهَةٌ كَمَا يَقُولُونَ إِذًا لَّٱبۡتَغَوۡاْ إِلَىٰ ذِي ٱلۡعَرۡشِ سَبِيلًا

Ithi, “Ukube wayekanye nabanye onkulunkulu njengoba benza ngempela babezoyifuna indlela eya kumnikazi wesihlalo esiphakeme”

17:43

سُبۡحَٰنَهُۥ وَتَعَٰلَىٰ عَمَّا يَقُولُونَ عُلُوًّا كَبِيرًا

Udumo malube kuye! Futhi uphakeme ngaphezu kwalokho abakushoyo uphakeme kakhulu

17:44

تُسَبِّحُ لَهُ ٱلسَّمَٰوَٰتُ ٱلسَّبۡعُ وَٱلۡأَرۡضُ وَمَن فِيهِنَّۚ وَإِن مِّن شَيۡءٍ إِلَّا يُسَبِّحُ بِحَمۡدِهِۦ وَلَٰكِن لَّا تَفۡقَهُونَ تَسۡبِيحَهُمۡۚ إِنَّهُۥ كَانَ حَلِيمًا غَفُورًا

Amazulu ayisikhombisa nomhlaba ayamdumisa kanye nanoma ngabe ubani, okuwona (amazulu ayisikhombisa nomhlaba uyamdumisa) futhi noma ngabe yintoni iyamdumisa ngodumo lwakhe kepha anikuqondi ukudumisa kwabo ngempela yena (uMvelinqangi) uyabekezela uyathethelela ngasosonke isikhathi

17:45

وَإِذَا قَرَأۡتَ ٱلۡقُرۡءَانَ جَعَلۡنَا بَيۡنَكَ وَبَيۡنَ ٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِٱلۡأٓخِرَةِ حِجَابًا مَّسۡتُورًا

Futhi uma ufunda iQur’an sibeka isembozo esihlukanisayo phakathi kwakho kanye nalabo abangakholwa

17:46

وَجَعَلۡنَا عَلَىٰ قُلُوبِهِمۡ أَكِنَّةً أَن يَفۡقَهُوهُ وَفِيٓ ءَاذَانِهِمۡ وَقۡرًاۚ وَإِذَا ذَكَرۡتَ رَبَّكَ فِي ٱلۡقُرۡءَانِ وَحۡدَهُۥ وَلَّوۡاْ عَلَىٰٓ أَدۡبَٰرِهِمۡ نُفُورًا

Futhi sabeka izembozo ezinhliziyweni zabo, hleze bayiqonde futhi senza nezindlebe zabo ukuthi zingezwa futhi uma ukhumbule iNkosi yakho kwi-Qur’an (iNkosi) eyodwa vo bafulathelisa imihlane yabo bengathandi

17:47

نَّحۡنُ أَعۡلَمُ بِمَا يَسۡتَمِعُونَ بِهِۦٓ إِذۡ يَسۡتَمِعُونَ إِلَيۡكَ وَإِذۡ هُمۡ نَجۡوَىٰٓ إِذۡ يَقُولُ ٱلظَّٰلِمُونَ إِن تَتَّبِعُونَ إِلَّا رَجُلًا مَّسۡحُورًا

Thina siyakwazi ngokwedlulele lokho abakulalelayo uma bekulalela futhi uma benezingxoxo zangasese kulapho izoni zithi, “anilandeli muntu ngaphandle kwendoda elunjiwe”

17:48

ٱنظُرۡ كَيۡفَ ضَرَبُواْ لَكَ ٱلۡأَمۡثَالَ فَضَلُّواْ فَلَا يَسۡتَطِيعُونَ سَبِيلًا

Bheka ukuthi bakwenzela kanjani izibonelo kepha baduka ngakho-ke abazange bakwazi ukuthola indlela

17:49

وَقَالُوٓاْ أَءِذَا كُنَّا عِظَٰمًا وَرُفَٰتًا أَءِنَّا لَمَبۡعُوثُونَ خَلۡقًا جَدِيدًا

Futhi bathi, “uma singamathambo siyizinhlayiya ezibuthuziwe ngakube ngempela siyovuswa sibe yizidalwa ezintsha na?”

17:50

قُلۡ كُونُواْ حِجَارَةً أَوۡ حَدِيدًا

Ithi, “yibani ngamatshe noma nibe yinsimbi”

17:51

أَوۡ خَلۡقًا مِّمَّا يَكۡبُرُ فِي صُدُورِكُمۡۚ فَسَيَقُولُونَ مَن يُعِيدُنَاۖ قُلِ ٱلَّذِي فَطَرَكُمۡ أَوَّلَ مَرَّةٍۚ فَسَيُنۡغِضُونَ إِلَيۡكَ رُءُوسَهُمۡ وَيَقُولُونَ مَتَىٰ هُوَۖ قُلۡ عَسَىٰٓ أَن يَكُونَ قَرِيبًا

Noma okunye kwezinye izinto ezidaliwe ezinkulu (ezibukhuni) ezifubeni zenu ngakho-ke bayothi, “ngubani oyosibuyisela emumva ekuphileni na? Ithi “yilowo owanidalayo ngesikhathi sokuqala” ngakho-ke bayonqankuzisela amakhanda abo kuwena bese bethi, “kuyokwenzeka nini lokho” ithi “Mhlawumbe kuseduzane”

17:52

يَوۡمَ يَدۡعُوكُمۡ فَتَسۡتَجِيبُونَ بِحَمۡدِهِۦ وَتَظُنُّونَ إِن لَّبِثۡتُمۡ إِلَّا قَلِيلًا

Ngosuku lapho eyobe enimemeza bese niphendula ngendumiso yakhe futhi niyocabanga ukuthi anihlalanga ngaphandle kwesikhashana

17:53

وَقُل لِّعِبَادِي يَقُولُواْ ٱلَّتِي هِيَ أَحۡسَنُۚ إِنَّ ٱلشَّيۡطَٰنَ يَنزَغُ بَيۡنَهُمۡۚ إِنَّ ٱلشَّيۡطَٰنَ كَانَ لِلۡإِنسَٰنِ عَدُوًّا مُّبِينًا

Futhi zitshele izinceku zami ukuthi zisho lokho okuhle ngokwedlulele ngempela usathane utshala ukungezwani phakathi kwabo, ngempela usathane uhlala njalo eyisitha somuntu esigqamile

17:54

رَّبُّكُمۡ أَعۡلَمُ بِكُمۡۖ إِن يَشَأۡ يَرۡحَمۡكُمۡ أَوۡ إِن يَشَأۡ يُعَذِّبۡكُمۡۚ وَمَآ أَرۡسَلۡنَٰكَ عَلَيۡهِمۡ وَكِيلًا

INkosi yenu yazi kabanzi ngani, uma ithanda izoba nomusa ngani noma uma ithanda inijezise futhi asizange sikuthumele kubona njengomqapheli (wabo)

17:55

وَرَبُّكَ أَعۡلَمُ بِمَن فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۗ وَلَقَدۡ فَضَّلۡنَا بَعۡضَ ٱلنَّبِيِّـۧنَ عَلَىٰ بَعۡضٍۖ وَءَاتَيۡنَا دَاوُۥدَ زَبُورًا

Futhi iNkosi yakho yazi kabanzi nganoma ngabe ubani osemazulwini nasemhlabeni futhi ngempela futhi ngempela sakhetha abanye abaphrofethi ngaphezu kwabanye futhi samnikeza uDavide iZabur

17:56

قُلِ ٱدۡعُواْ ٱلَّذِينَ زَعَمۡتُم مِّن دُونِهِۦ فَلَا يَمۡلِكُونَ كَشۡفَ ٱلضُّرِّ عَنكُمۡ وَلَا تَحۡوِيلًا

Ithi, “bizani labo enibacabangayo (enibathandayo) esikhundleni sakhe, kepha abanawo amandla okususa ubunzima kunina noma ukubuguqulela (kwesinye isimo)”

17:57

أُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ يَدۡعُونَ يَبۡتَغُونَ إِلَىٰ رَبِّهِمُ ٱلۡوَسِيلَةَ أَيُّهُمۡ أَقۡرَبُ وَيَرۡجُونَ رَحۡمَتَهُۥ وَيَخَافُونَ عَذَابَهُۥٓۚ إِنَّ عَذَابَ رَبِّكَ كَانَ مَحۡذُورًا

Labo ababamemezayo bafuna izindlela zokufinyelela eNkosini yabo ukuthi ngubani kubona okufanele abeseduzane kakhulu, futhi bathembele emseni wayo futhi bayasesaba isijeziso sayo, ngempela isijeziso seNkosi yakho sifanelwe ukuqashelwa ngaso sonke isikhathi

17:58

وَإِن مِّن قَرۡيَةٍ إِلَّا نَحۡنُ مُهۡلِكُوهَا قَبۡلَ يَوۡمِ ٱلۡقِيَٰمَةِ أَوۡ مُعَذِّبُوهَا عَذَابًا شَدِيدًاۚ كَانَ ذَٰلِكَ فِي ٱلۡكِتَٰبِ مَسۡطُورًا

Futhi alikho idolobha esingeke silibhubhise ngaphambi kosuku lokuvuka kwabafileyo noma silijezise ngesijeziso esinzima ngasosonke isikhathi lokhu kulotshiwe encwadini

17:59

وَمَا مَنَعَنَآ أَن نُّرۡسِلَ بِٱلۡأٓيَٰتِ إِلَّآ أَن كَذَّبَ بِهَا ٱلۡأَوَّلُونَۚ وَءَاتَيۡنَا ثَمُودَ ٱلنَّاقَةَ مُبۡصِرَةً فَظَلَمُواْ بِهَاۚ وَمَا نُرۡسِلُ بِٱلۡأٓيَٰتِ إِلَّا تَخۡوِيفًا

Futhi akukho okwanqabela ukuthi sithumele izimpawu ngaphandle kokuthi baziphika abantu basendulo futhi sanikeza uThamud ikameli lensikazi njengophawu olugqamile ngakho- ke benza okungalungile ngalo futhi asizange sizithumele izimpawu ngaphandle kokuxwayisa

17:60

وَإِذۡ قُلۡنَا لَكَ إِنَّ رَبَّكَ أَحَاطَ بِٱلنَّاسِۚ وَمَا جَعَلۡنَا ٱلرُّءۡيَا ٱلَّتِيٓ أَرَيۡنَٰكَ إِلَّا فِتۡنَةً لِّلنَّاسِ وَٱلشَّجَرَةَ ٱلۡمَلۡعُونَةَ فِي ٱلۡقُرۡءَانِۚ وَنُخَوِّفُهُمۡ فَمَا يَزِيدُهُمۡ إِلَّا طُغۡيَٰنًا كَبِيرًا

Futhi ngenkathi sithi kuwena, “ngempela iNkosi yakho ibazungelezile abantu futhi asizange siwenze umbono esakubonisa wona ngaphandle kokuba ube isivivinyo kubantu nesihlahla esiqalekisiweyo kwi-Qur’an, futhi siyabaxwayisa ukuthi ayikho into eyonezelela kubona ngaphandle kokuduka okukhulu”

17:61

وَإِذۡ قُلۡنَا لِلۡمَلَٰٓئِكَةِ ٱسۡجُدُواْ لِأٓدَمَ فَسَجَدُوٓاْ إِلَّآ إِبۡلِيسَ قَالَ ءَأَسۡجُدُ لِمَنۡ خَلَقۡتَ طِينًا

Futhi khumbula ngesikhathi sithi ezingelosini “khothamelani u-Adam” ngakho-ke zakhothama ngaphandle kuka-Iblis wathi, “ngakube ngingakhothamela lowo owamdala ngobumba na?”

17:62

قَالَ أَرَءَيۡتَكَ هَٰذَا ٱلَّذِي كَرَّمۡتَ عَلَيَّ لَئِنۡ أَخَّرۡتَنِ إِلَىٰ يَوۡمِ ٱلۡقِيَٰمَةِ لَأَحۡتَنِكَنَّ ذُرِّيَّتَهُۥٓ إِلَّا قَلِيلًا

Wathi “ngakube uyambona yini lona imphakamise ngaphezu kwami na?” Uma ungase ungihlehlisele ukuthi kuze kube usuku lokuvuka kwabafileyo ngempela mina ngiyoyibamba ngiyidukise inzalo yakhe ngaphandle kwedlanzana

17:63

قَالَ ٱذۡهَبۡ فَمَن تَبِعَكَ مِنۡهُمۡ فَإِنَّ جَهَنَّمَ جَزَآؤُكُمۡ جَزَآءً مَّوۡفُورًا

Wathi (uMvelinqangi) “hamba! Ngakho-ke noma ngabe ubani okulandelayo phakathi kwabo ngempela isihogo kuyoba umvuzo wenu ophelele”

17:64

وَٱسۡتَفۡزِزۡ مَنِ ٱسۡتَطَعۡتَ مِنۡهُم بِصَوۡتِكَ وَأَجۡلِبۡ عَلَيۡهِم بِخَيۡلِكَ وَرَجِلِكَ وَشَارِكۡهُمۡ فِي ٱلۡأَمۡوَٰلِ وَٱلۡأَوۡلَٰدِ وَعِدۡهُمۡۚ وَمَا يَعِدُهُمُ ٱلشَّيۡطَٰنُ إِلَّا غُرُورًا

Futhi ubadukise labo ongakwazi ukubadukisa phakathi kwabo ngezwi lakho futhi bashaye ngamasosha agibele nahamba ngezinyawo futhi uhlukaniselane nabo engcebweni nasezinganeni ubathembise futhi usathane akabathembisi lutho ngaphandle kwenkohliso

17:65

إِنَّ عِبَادِي لَيۡسَ لَكَ عَلَيۡهِمۡ سُلۡطَٰنٌۚ وَكَفَىٰ بِرَبِّكَ وَكِيلًا

Ngempela awunagunya phezu kwezinceku zami futhi yanele iNkosi yakho njengomlondolozi

17:66

رَّبُّكُمُ ٱلَّذِي يُزۡجِي لَكُمُ ٱلۡفُلۡكَ فِي ٱلۡبَحۡرِ لِتَبۡتَغُواْ مِن فَضۡلِهِۦٓۚ إِنَّهُۥ كَانَ بِكُمۡ رَحِيمًا

INkosi yenu iyona enihambisela imikhumbi olwandle ukuze nifune ububele bayo, ngempela yona inomusa kunina ngasosonke isikhathi

17:67

وَإِذَا مَسَّكُمُ ٱلضُّرُّ فِي ٱلۡبَحۡرِ ضَلَّ مَن تَدۡعُونَ إِلَّآ إِيَّاهُۖ فَلَمَّا نَجَّىٰكُمۡ إِلَى ٱلۡبَرِّ أَعۡرَضۡتُمۡۚ وَكَانَ ٱلۡإِنسَٰنُ كَفُورًا

Futhi uma nithintwa ubunzima olwandle bayanyamalala labo enibamemezayo ngaphandle kwakhe, ngakho-ke kwathi lapho enisindisa (ebunzimeni olwandle) wanikhiphela emhlabeni nabe seniyafulathela futhi ngasosonke isikhathi umuntu akabongi

17:68

أَفَأَمِنتُمۡ أَن يَخۡسِفَ بِكُمۡ جَانِبَ ٱلۡبَرِّ أَوۡ يُرۡسِلَ عَلَيۡكُمۡ حَاصِبًا ثُمَّ لَا تَجِدُواْ لَكُمۡ وَكِيلًا

Ngakube nizizwa niphephile yini ukuthi angeke enze ukuthi inigwinye ingxenye yomhlaba noma athumele kunina isivunguvungu somoya ohamba nesihlabathi na? Bese ningabe nisazitholela umlondolozi

17:69

أَمۡ أَمِنتُمۡ أَن يُعِيدَكُمۡ فِيهِ تَارَةً أُخۡرَىٰ فَيُرۡسِلَ عَلَيۡكُمۡ قَاصِفًا مِّنَ ٱلرِّيحِ فَيُغۡرِقَكُم بِمَا كَفَرۡتُمۡ ثُمَّ لَا تَجِدُواْ لَكُمۡ عَلَيۡنَا بِهِۦ تَبِيعًا

Noma nizinzwa niphephile yini ukuthi angeke aniphindisele kulona (ulwandle) ngesinye isikhathi na? Bese ethumela kunina umoya oyisiphepho, animinzise ngenxa yokungakholwa kwenu bese ningabe nisazitholela ozophindisela ngako abhekane nathi

17:70

وَلَقَدۡ كَرَّمۡنَا بَنِيٓ ءَادَمَ وَحَمَلۡنَٰهُمۡ فِي ٱلۡبَرِّ وَٱلۡبَحۡرِ وَرَزَقۡنَٰهُم مِّنَ ٱلطَّيِّبَٰتِ وَفَضَّلۡنَٰهُمۡ عَلَىٰ كَثِيرٍ مِّمَّنۡ خَلَقۡنَا تَفۡضِيلًا

Futhi ngempela sabahlonipha abantwana ba-Adam futhi sabathwala emhlabeni kanye nasolwandle futhi sabapha ezintweni ezinhle futhi sabakhetha ngaphezu kwabaningi kulabo esabadala

17:71

يَوۡمَ نَدۡعُواْ كُلَّ أُنَاسِۭ بِإِمَٰمِهِمۡۖ فَمَنۡ أُوتِيَ كِتَٰبَهُۥ بِيَمِينِهِۦ فَأُوْلَٰٓئِكَ يَقۡرَءُونَ كِتَٰبَهُمۡ وَلَا يُظۡلَمُونَ فَتِيلًا

Khumbula ngosuku lapho siyobiza bonke abantu kanye nomholi wabo ngakho-ke noma ngabe ubani onikwa incwadi esandleni sokudla bona-ke bayofunda incwadi yabo futhi angeke benzelwe okungesibona ubulungiswa ngisho nakancane

17:72

وَمَن كَانَ فِي هَٰذِهِۦٓ أَعۡمَىٰ فَهُوَ فِي ٱلۡأٓخِرَةِ أَعۡمَىٰ وَأَضَلُّ سَبِيلًا

Futhi noma ngabe ubani oyimpumputhe kulomhlaba ngakho- ke yena uyoba yimpumputhe empilweni ezayo futhi uduke ngokusobala

17:73

وَإِن كَادُواْ لَيَفۡتِنُونَكَ عَنِ ٱلَّذِيٓ أَوۡحَيۡنَآ إِلَيۡكَ لِتَفۡتَرِيَ عَلَيۡنَا غَيۡرَهُۥۖ وَإِذًا لَّٱتَّخَذُوكَ خَلِيلًا

Futhi ngempela bacishe bakulinga ngalokhu esakwembula kuwena ukuze uqambe okuphambene nathi okungesikona lokho futhi babezokuthatha njengomngane

17:74

وَلَوۡلَآ أَن ثَبَّتۡنَٰكَ لَقَدۡ كِدتَّ تَرۡكَنُ إِلَيۡهِمۡ شَيۡـًٔا قَلِيلًا

Futhi ukuba asizange sikusimamise (sikuphe amandla) ngempela wawuzothambekela kubona ngokuthize okuncane

17:75

إِذًا لَّأَذَقۡنَٰكَ ضِعۡفَ ٱلۡحَيَوٰةِ وَضِعۡفَ ٱلۡمَمَاتِ ثُمَّ لَا تَجِدُ لَكَ عَلَيۡنَا نَصِيرًا

Lapho-ke sasizokuzwisa (isijeziso) esiphindiwe kabili empilweni kanye nesiphindwe kabili emva kokufa bese ungazitholeli umsizi wokubhekana nathi

17:76

وَإِن كَادُواْ لَيَسۡتَفِزُّونَكَ مِنَ ٱلۡأَرۡضِ لِيُخۡرِجُوكَ مِنۡهَاۖ وَإِذًا لَّا يَلۡبَثُونَ خِلَٰفَكَ إِلَّا قَلِيلًا

Futhi ngempela bacishe bakusabisa emhlabeni ukuze bakugxoshe kuwona, kepha babengeke bahlale emva kwakho ngaphandle kwesikhashana

17:77

سُنَّةَ مَن قَدۡ أَرۡسَلۡنَا قَبۡلَكَ مِن رُّسُلِنَاۖ وَلَا تَجِدُ لِسُنَّتِنَا تَحۡوِيلًا

(Lena) yindlela yalabo esasibathuma ngaphambilini kwakho abayizithunywa zethu futhi angeke uyithole inguquko endleleni yethu

17:78

أَقِمِ ٱلصَّلَوٰةَ لِدُلُوكِ ٱلشَّمۡسِ إِلَىٰ غَسَقِ ٱلَّيۡلِ وَقُرۡءَانَ ٱلۡفَجۡرِۖ إِنَّ قُرۡءَانَ ٱلۡفَجۡرِ كَانَ مَشۡهُودًا

Yenza umthandazo phakathi nemini kuze kube ubumnyama bobusuku (nokufundwa) kweQur’an (Salatul Fajr) ngokuntwela kokusa, ngempela (ukufundwa) kweQur’an ngokuntwela kokusa kuhlala njalo kufakazelwa izingelosi

17:79

وَمِنَ ٱلَّيۡلِ فَتَهَجَّدۡ بِهِۦ نَافِلَةً لَّكَ عَسَىٰٓ أَن يَبۡعَثَكَ رَبُّكَ مَقَامًا مَّحۡمُودًا

Futhi nangezingxenye zobusuku yenza umthandazo kanye nabo njengomthandazo onezeleliwe (uzenzele) wena ukuze iNkosi yakho iyokuvusa kwabafileyo endaweni yokudumisa

17:80

وَقُل رَّبِّ أَدۡخِلۡنِي مُدۡخَلَ صِدۡقٍ وَأَخۡرِجۡنِي مُخۡرَجَ صِدۡقٍ وَٱجۡعَل لِّي مِن لَّدُنكَ سُلۡطَٰنًا نَّصِيرًا

Futhi ithi, “Nkosi yami ngingenise ekungeneni okuyiqiniso futhi ungikhiphe ekuphumeni okuyiqiniso futhi ungiphe igunya eliwusizo elivela kuwena”

17:81

وَقُلۡ جَآءَ ٱلۡحَقُّ وَزَهَقَ ٱلۡبَٰطِلُۚ إِنَّ ٱلۡبَٰطِلَ كَانَ زَهُوقًا

Futhi ithi, “iqiniso lafika kwashabalala amanga ngempela amanga ayohlala njalo eshabalala”

17:82

وَنُنَزِّلُ مِنَ ٱلۡقُرۡءَانِ مَا هُوَ شِفَآءٌ وَرَحۡمَةٌ لِّلۡمُؤۡمِنِينَ وَلَا يَزِيدُ ٱلظَّٰلِمِينَ إِلَّا خَسَارًا

Futhi sithumela phansi okwe-Qur’an lokho okwelaphayo kanye nomusa kwabakholwayo futhi ayinezeli lutho kubenzi bokubi ngaphandle kokulahlekelwa

17:83

وَإِذَآ أَنۡعَمۡنَا عَلَى ٱلۡإِنسَٰنِ أَعۡرَضَ وَنَـَٔا بِجَانِبِهِۦ وَإِذَا مَسَّهُ ٱلشَّرُّ كَانَ يَـُٔوسًا

Futhi uma sehlisela umusa phezu komuntu uyafulathela futhi aqhelelane nawo futhi uma ethintwa okubi ngasosonke isikhathi uphelelwa ngamandla

17:84

قُلۡ كُلٌّ يَعۡمَلُ عَلَىٰ شَاكِلَتِهِۦ فَرَبُّكُمۡ أَعۡلَمُ بِمَنۡ هُوَ أَهۡدَىٰ سَبِيلًا

Ithi, “Lowo nalowo muntu usebenza ngendlela yakhe ngakho- ke iNkosi yenu yazi kabanzi ngalowo oholwe endleleni (eqondile) ngokwedlulele”

17:85

وَيَسۡـَٔلُونَكَ عَنِ ٱلرُّوحِۖ قُلِ ٱلرُّوحُ مِنۡ أَمۡرِ رَبِّي وَمَآ أُوتِيتُم مِّنَ ٱلۡعِلۡمِ إِلَّا قَلِيلًا

Futhi bayakubuza ngomphefumulo ithi “umphefumulo ungokwempoqo yeNkosi yami futhi anizange ninikezwe lutho ngaphandle kokuncane”

17:86

وَلَئِن شِئۡنَا لَنَذۡهَبَنَّ بِٱلَّذِيٓ أَوۡحَيۡنَآ إِلَيۡكَ ثُمَّ لَا تَجِدُ لَكَ بِهِۦ عَلَيۡنَا وَكِيلًا

Futhi uma sithanda ngempela singakuthatha lokho esakwembula kuwena bese ungabe usazitholela umvikeli obhekene nathi mayelana nako

17:87

إِلَّا رَحۡمَةً مِّن رَّبِّكَۚ إِنَّ فَضۡلَهُۥ كَانَ عَلَيۡكَ كَبِيرًا

Ngaphandle komusa ovela eNkosini yakho ngempela umusa wayo kuwena ngasosonke isikhathi mkhulu

17:88

قُل لَّئِنِ ٱجۡتَمَعَتِ ٱلۡإِنسُ وَٱلۡجِنُّ عَلَىٰٓ أَن يَأۡتُواْ بِمِثۡلِ هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانِ لَا يَأۡتُونَ بِمِثۡلِهِۦ وَلَوۡ كَانَ بَعۡضُهُمۡ لِبَعۡضٍ ظَهِيرًا

Ithi, “uma abantu namaJinn bengahlangana ndawonye ukuze beze nokufana naleQur’an angeke bakwazi ukuza nefana nayo ngisho noma ngabe abanye babo bangabasizi babanye”

17:89

وَلَقَدۡ صَرَّفۡنَا لِلنَّاسِ فِي هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانِ مِن كُلِّ مَثَلٍ فَأَبَىٰٓ أَكۡثَرُ ٱلنَّاسِ إِلَّا كُفُورًا

Futhi ngempela sibachazelile ngokugcwele abantu kuleQur’an ngazo zonke izibonela kepha iningi labantu lenqaba (zonke izinto) ngaphandle kokungakholwa

17:90

وَقَالُواْ لَن نُّؤۡمِنَ لَكَ حَتَّىٰ تَفۡجُرَ لَنَا مِنَ ٱلۡأَرۡضِ يَنۢبُوعًا

Futhibathi,“asisozesakukholwakuzekubeilaphousiqhumisela khona umthombo wamanzi emhlabathini”

17:91

أَوۡ تَكُونَ لَكَ جَنَّةٌ مِّن نَّخِيلٍ وَعِنَبٍ فَتُفَجِّرَ ٱلۡأَنۡهَٰرَ خِلَٰلَهَا تَفۡجِيرًا

Noma ungaba nesivande sezihlahla zamasundu kanye namagilebhisi bese wenza ukuthi kugeleze imifula phakathi kwazo (izivande)

17:92

أَوۡ تُسۡقِطَ ٱلسَّمَآءَ كَمَا زَعَمۡتَ عَلَيۡنَا كِسَفًا أَوۡ تَأۡتِيَ بِٱللَّهِ وَٱلۡمَلَٰٓئِكَةِ قَبِيلًا

Noma ungenza ukuthi kuwele kuthina isibhakabhaka sibe yizingcezu njengoba wawusho (ufisa) noma ulethe uMvelinqangi kanye nezingelosi zibhekane nathi amehlo namehlo

17:93

أَوۡ يَكُونَ لَكَ بَيۡتٌ مِّن زُخۡرُفٍ أَوۡ تَرۡقَىٰ فِي ٱلسَّمَآءِ وَلَن نُّؤۡمِنَ لِرُقِيِّكَ حَتَّىٰ تُنَزِّلَ عَلَيۡنَا كِتَٰبًا نَّقۡرَؤُهُۥۗ قُلۡ سُبۡحَانَ رَبِّي هَلۡ كُنتُ إِلَّا بَشَرًا رَّسُولًا

Noma ungaba nendlu eyenziwe ngegolide noma ngabe wenyukela esibhakabhakeni asisoze sikholelwe ekwenyukeni kwakho kuze kube wembula kuthina incwadi esizoyifunda ithi, “udumo malube seNkosini yami ngakube ngingokuthize yini ngaphandle kokuba ngibe ngumuntu oyisithunywa na?”

17:94

وَمَا مَنَعَ ٱلنَّاسَ أَن يُؤۡمِنُوٓاْ إِذۡ جَآءَهُمُ ٱلۡهُدَىٰٓ إِلَّآ أَن قَالُوٓاْ أَبَعَثَ ٱللَّهُ بَشَرًا رَّسُولًا

Futhi ayikho into evimbela abantu ukuthi bakholwe uma sebefikelwe ukuholeka ngaphandle kokuthi bathi “ngakube uMvelinqangi uthumele umuntu ukuthi abe yisithunywa na?”

17:95

قُل لَّوۡ كَانَ فِي ٱلۡأَرۡضِ مَلَٰٓئِكَةٌ يَمۡشُونَ مُطۡمَئِنِّينَ لَنَزَّلۡنَا عَلَيۡهِم مِّنَ ٱلسَّمَآءِ مَلَكًا رَّسُولًا

Ithi, “ukube emhlabeni bekukhona izingelosi zizihambela ngokuthula ngempela besizothumela kubona ingelosi njengesithunywa esivela ezulwini”

17:96

قُلۡ كَفَىٰ بِٱللَّهِ شَهِيدَۢا بَيۡنِي وَبَيۡنَكُمۡۚ إِنَّهُۥ كَانَ بِعِبَادِهِۦ خَبِيرَۢا بَصِيرًا

Ithi, “uMvelinqangi wanele njengofakazi phakathi kwami nani ngempela yena ngasosonke isikhathi uyazi ngezinceku zakhe uyazibona”

17:97

وَمَن يَهۡدِ ٱللَّهُ فَهُوَ ٱلۡمُهۡتَدِۖ وَمَن يُضۡلِلۡ فَلَن تَجِدَ لَهُمۡ أَوۡلِيَآءَ مِن دُونِهِۦۖ وَنَحۡشُرُهُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ عَلَىٰ وُجُوهِهِمۡ عُمۡيًا وَبُكۡمًا وَصُمًّاۖ مَّأۡوَىٰهُمۡ جَهَنَّمُۖ كُلَّمَا خَبَتۡ زِدۡنَٰهُمۡ سَعِيرًا

Futhi noma ngabe ubani uMvelinqangi amholayo ngakho- ke yena ungoholiweyo futhi noma ngabe ubani amdukisayo ngakho-ke awusoze wabatholela abavikeli ngaphandle kwakhe futhi siyobaqoqela ndawonye ngosuku lokuvuka kwabafileyo behamba ngobuso babo-beyizimpumputhe, beyizimungulu futhi beyizithuli indawo yabo yokuhlala kuyoba isihogo ngasosonke isikhathi uma uncipha (umlilo) siyokunezelela kubona ukusha

17:98

ذَٰلِكَ جَزَآؤُهُم بِأَنَّهُمۡ كَفَرُواْ بِـَٔايَٰتِنَا وَقَالُوٓاْ أَءِذَا كُنَّا عِظَٰمًا وَرُفَٰتًا أَءِنَّا لَمَبۡعُوثُونَ خَلۡقًا جَدِيدًا

Lokhu kuyinhlawulo yabo ngenxa yokuthi bona babephika amavesi ethu futhi babethi, “uma singamathambo singeyilutho ngakube ngempela thina siyovuswa sibe izidalwa ezintsha na?”

17:99

أَوَلَمۡ يَرَوۡاْ أَنَّ ٱللَّهَ ٱلَّذِي خَلَقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ قَادِرٌ عَلَىٰٓ أَن يَخۡلُقَ مِثۡلَهُمۡ وَجَعَلَ لَهُمۡ أَجَلًا لَّا رَيۡبَ فِيهِ فَأَبَى ٱلظَّٰلِمُونَ إِلَّا كُفُورًا

Ngakube ababoni yini ukuthi nguMvelinqangi owadala amazulu nomhlaba uyakwazi ukuthi adale okufana nabo na? Futhi wababekela isikhathi ekungenakungatshazwa ngaso ngakho-ke izoni zaziphika (yonke into) ngaphandle kokungakholwa

17:100

قُل لَّوۡ أَنتُمۡ تَمۡلِكُونَ خَزَآئِنَ رَحۡمَةِ رَبِّيٓ إِذًا لَّأَمۡسَكۡتُمۡ خَشۡيَةَ ٱلۡإِنفَاقِۚ وَكَانَ ٱلۡإِنسَٰنُ قَتُورًا

Ithi “ukube nina beningabalondolozi bomusa weNkosi yami ngempela benizowagodla ngenxa yokwesaba ukuphana futhi ngasosonke isikhathi umuntu uhlala njalo encishana”

17:101

وَلَقَدۡ ءَاتَيۡنَا مُوسَىٰ تِسۡعَ ءَايَٰتِۭ بَيِّنَٰتٍۖ فَسۡـَٔلۡ بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ إِذۡ جَآءَهُمۡ فَقَالَ لَهُۥ فِرۡعَوۡنُ إِنِّي لَأَظُنُّكَ يَٰمُوسَىٰ مَسۡحُورًا

Futhi ngempela samnikeza uMose izimpawu eziyisishiyagalolunye ezicacile ngakho-ke buza abantwana bakwa-Israyeli ngenkathi efika kubona, wayesethi u-Faro kuyena “ngempela mina ngicabanga ukuthi wena Mose ulunjiwe”

17:102

قَالَ لَقَدۡ عَلِمۡتَ مَآ أَنزَلَ هَٰٓؤُلَآءِ إِلَّا رَبُّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ بَصَآئِرَ وَإِنِّي لَأَظُنُّكَ يَٰفِرۡعَوۡنُ مَثۡبُورًا

Wathi, “ngempela wazile ukuthi akukhomuntu owehlisela phansi izimpawu ngaphandle kweNkosi yamazulu nomhlaba futhi ngempela mina ngicabanga ukuthi wena Oh Faro! Ungobhujisiwe”

17:103

فَأَرَادَ أَن يَسۡتَفِزَّهُم مِّنَ ٱلۡأَرۡضِ فَأَغۡرَقۡنَٰهُ وَمَن مَّعَهُۥ جَمِيعًا

Ngakho-ke (uFaro) wayefisa ukubagxosha ezweni sabe sesiyamuminzisa kanye nalabo ayekanye nabo bonke

17:104

وَقُلۡنَا مِنۢ بَعۡدِهِۦ لِبَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ ٱسۡكُنُواْ ٱلۡأَرۡضَ فَإِذَا جَآءَ وَعۡدُ ٱلۡأٓخِرَةِ جِئۡنَا بِكُمۡ لَفِيفًا

Futhi sathi emva kwakhe (uFaro) kubantwana bakwa-Israyeli “hlalani emhlabeni ngakho-ke uma sifika isethembiso sempilo ezayo siyoniqoqela ndawonye nibe niyiqembu”

17:105

وَبِٱلۡحَقِّ أَنزَلۡنَٰهُ وَبِٱلۡحَقِّ نَزَلَۗ وَمَآ أَرۡسَلۡنَٰكَ إِلَّا مُبَشِّرًا وَنَذِيرًا

Futhi ngeqiniso sayithumela phansi (iQur’an) futhi yathumeleka ngeqiniso futhi asizange sikuthumelele lutho ngaphandle kokuba ngumlethi wezindaba ezimnandi nomxwayisi

17:106

وَقُرۡءَانًا فَرَقۡنَٰهُ لِتَقۡرَأَهُۥ عَلَى ٱلنَّاسِ عَلَىٰ مُكۡثٍ وَنَزَّلۡنَٰهُ تَنزِيلًا

Futhi iQur’an siyehlukanisile ukuze uyifundele abantu izikhawu futhi sayembula (iQur’an) izigaba ngizigaba

17:107

قُلۡ ءَامِنُواْ بِهِۦٓ أَوۡ لَا تُؤۡمِنُوٓاْۚ إِنَّ ٱلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡعِلۡمَ مِن قَبۡلِهِۦٓ إِذَا يُتۡلَىٰ عَلَيۡهِمۡ يَخِرُّونَۤ لِلۡأَذۡقَانِۤ سُجَّدًاۤ

Ithi, “kholelwani kuyona noma ningakholwa ngempela labo ababenikezwe ulwazi ngaphambilini kwayo uma befundelwa yona, bawa phansi ngobuso baguqe bezithobileyo”

17:108

وَيَقُولُونَ سُبۡحَٰنَ رَبِّنَآ إِن كَانَ وَعۡدُ رَبِّنَا لَمَفۡعُولًا

Futhi bathi, “udumo malube seNkosini! Uma ngempela isethembiso seNkosi yethu sizogcwaliseka.”

17:109

وَيَخِرُّونَ لِلۡأَذۡقَانِ يَبۡكُونَ وَيَزِيدُهُمۡ خُشُوعًا

Futhi bawa phansi ngobuso bekhala futhi kwenyusela ukuzithoba kwabo

17:110

قُلِ ٱدۡعُواْ ٱللَّهَ أَوِ ٱدۡعُواْ ٱلرَّحۡمَٰنَۖ أَيًّا مَّا تَدۡعُواْ فَلَهُ ٱلۡأَسۡمَآءُ ٱلۡحُسۡنَىٰۚ وَلَا تَجۡهَرۡ بِصَلَاتِكَ وَلَا تُخَافِتۡ بِهَا وَٱبۡتَغِ بَيۡنَ ذَٰلِكَ سَبِيلًا

Ithi, “bizani uMvelinqangi noma nibize onomusa noma ngabe yiliphi igama enimbiza ngalo ngakho-ke angawakhe amagama amahle futhi ungawenzi umthandazo wakho ngezwi eliphezulu noma eliphansi futhi thola indlela phakathi kwalokho”

17:111

وَقُلِ ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ ٱلَّذِي لَمۡ يَتَّخِذۡ وَلَدًا وَلَمۡ يَكُن لَّهُۥ شَرِيكٌ فِي ٱلۡمُلۡكِ وَلَمۡ يَكُن لَّهُۥ وَلِيٌّ مِّنَ ٱلذُّلِّۖ وَكَبِّرۡهُ تَكۡبِيرَۢا

Futhi ithi, “udumo lungoluka-Mvelinqangi futhi ongenamhlanganyeli embusweni futhi ongenaye umvikeli ngenxa yobuthakathaka futhi mdumise ngendumiso”

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.