Surah 18 · 110 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-Kahf in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

18:1

ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِ ٱلَّذِيٓ أَنزَلَ عَلَىٰ عَبۡدِهِ ٱلۡكِتَٰبَ وَلَمۡ يَجۡعَل لَّهُۥ عِوَجَاۜ

Udumo ungoluka-Mvelinqangi okunguyena owembula incwadi encekwini yakhe futhi wangakwenzi ubuzombezombe kuyo (iQur’an)

18:2

قَيِّمًا لِّيُنذِرَ بَأۡسًا شَدِيدًا مِّن لَّدُنۡهُ وَيُبَشِّرَ ٱلۡمُؤۡمِنِينَ ٱلَّذِينَ يَعۡمَلُونَ ٱلصَّٰلِحَٰتِ أَنَّ لَهُمۡ أَجۡرًا حَسَنًا

Eqondile, ukuze axwayise ngesijeziso esinzima esivela kuyena futhi alethe izindaba emzinandi kwabakholwayo, labo abenza izenzo ezilungileyo ukuthi okwabo ngumvuzo omuhle

18:3

مَّٰكِثِينَ فِيهِ أَبَدًا

Bayohlala khona ingunaphakade

18:4

وَيُنذِرَ ٱلَّذِينَ قَالُواْ ٱتَّخَذَ ٱللَّهُ وَلَدًا

Nokuxwayisi labo abathi “uMvelinqangi unendodana”

18:5

مَّا لَهُم بِهِۦ مِنۡ عِلۡمٍ وَلَا لِأٓبَآئِهِمۡۚ كَبُرَتۡ كَلِمَةً تَخۡرُجُ مِنۡ أَفۡوَٰهِهِمۡۚ إِن يَقُولُونَ إِلَّا كَذِبًا

Abanolwazi ngalokho ngisho nabobaba babo (abanolwazi) likhulu igama eliphuma emilonyeni yabo, abasho lutho ngaphandle kokuqamba amanga

18:6

فَلَعَلَّكَ بَٰخِعٌ نَّفۡسَكَ عَلَىٰٓ ءَاثَٰرِهِمۡ إِن لَّمۡ يُؤۡمِنُواْ بِهَٰذَا ٱلۡحَدِيثِ أَسَفًا

Ngakho-ke uzozibulala ngenxa yokuphatheka kabi mayelana nezinyathelo zabo uma bengakholelwa kulenkulumo na

18:7

إِنَّا جَعَلۡنَا مَا عَلَى ٱلۡأَرۡضِ زِينَةً لَّهَا لِنَبۡلُوَهُمۡ أَيُّهُمۡ أَحۡسَنُ عَمَلًا

Ngempela thina sakwenza lokho okusemhlabeni kwaba ngumhlobiso wawo ukuze sibavivinye ukuthi ngobani babo abanemisebenzi emihle ngokweqile

18:8

وَإِنَّا لَجَٰعِلُونَ مَا عَلَيۡهَا صَعِيدًا جُرُزًا

Ngempela thina siyokwenza ukuthi konke lokho okukuwona (umhlaba) kungatheli lutho, kube ngumhlaba owugwadule

18:9

أَمۡ حَسِبۡتَ أَنَّ أَصۡحَٰبَ ٱلۡكَهۡفِ وَٱلرَّقِيمِ كَانُواْ مِنۡ ءَايَٰتِنَا عَجَبًا

Noma ucabanga ukuthi izihlali zasemgedeni nombhalo kwakungezinye zezimpawu zethu ezimangalisayo

18:10

إِذۡ أَوَى ٱلۡفِتۡيَةُ إِلَى ٱلۡكَهۡفِ فَقَالُواْ رَبَّنَآ ءَاتِنَا مِن لَّدُنكَ رَحۡمَةً وَهَيِّئۡ لَنَا مِنۡ أَمۡرِنَا رَشَدًا

Khumbula ngenkathi intsha ifuna ukuya kohlala emgedeni ngakho-ke yase ithi, “Nkosi yethu siphe umusa ovela kuwena futhi usenzele udaba lwethu lube ngoluqondileyo”

18:11

فَضَرَبۡنَا عَلَىٰٓ ءَاذَانِهِمۡ فِي ٱلۡكَهۡفِ سِنِينَ عَدَدًا

Ngakho-ke sazivala izindlebe zabo emgedeni iminyaka eminingi

18:12

ثُمَّ بَعَثۡنَٰهُمۡ لِنَعۡلَمَ أَيُّ ٱلۡحِزۡبَيۡنِ أَحۡصَىٰ لِمَا لَبِثُوٓاْ أَمَدًا

Sabe sesiyabavusa ukuze sibe inolwazi ukuthi ngeliphi phakathi kwawo womabili amaqembu elalikwazi kongcono ukubala isikhathi ababesihlalile

18:13

نَّحۡنُ نَقُصُّ عَلَيۡكَ نَبَأَهُم بِٱلۡحَقِّۚ إِنَّهُمۡ فِتۡيَةٌ ءَامَنُواْ بِرَبِّهِمۡ وَزِدۡنَٰهُمۡ هُدًى

Thina sikuxoxela indaba yabo ngeqiniso, ngempela bona babeyintsha eyayikholelwa eNkosi yayo futhi sabanezelela ekuholweni

18:14

وَرَبَطۡنَا عَلَىٰ قُلُوبِهِمۡ إِذۡ قَامُواْ فَقَالُواْ رَبُّنَا رَبُّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ لَن نَّدۡعُوَاْ مِن دُونِهِۦٓ إِلَٰهًاۖ لَّقَدۡ قُلۡنَآ إِذًا شَطَطًا

Futhi saziqinisa zasimama izinhliziyo zayo ngenkathi isukuma (intsha) ithi, “iNkosi yethu Nkosi yamazulu nomhlaba asisoze simemeze omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe (uma senze kanjalo) ngempela siyobe sisho inkulumo yokungahloniphi”

18:15

هَٰٓؤُلَآءِ قَوۡمُنَا ٱتَّخَذُواْ مِن دُونِهِۦٓ ءَالِهَةًۖ لَّوۡلَا يَأۡتُونَ عَلَيۡهِم بِسُلۡطَٰنِۭ بَيِّنٍۖ فَمَنۡ أَظۡلَمُ مِمَّنِ ٱفۡتَرَىٰ عَلَى ٱللَّهِ كَذِبًا

Labantu bethu bazithathele abanye onkulunkulu esikhundleni sakhe, kwenziwa yini ukuthi (oNkulunkulu) bangabaletheli kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga na

18:16

وَإِذِ ٱعۡتَزَلۡتُمُوهُمۡ وَمَا يَعۡبُدُونَ إِلَّا ٱللَّهَ فَأۡوُۥٓاْ إِلَى ٱلۡكَهۡفِ يَنشُرۡ لَكُمۡ رَبُّكُم مِّن رَّحۡمَتِهِۦ وَيُهَيِّئۡ لَكُم مِّنۡ أَمۡرِكُم مِّرۡفَقًا

Futhi khumbula ngenkathi niqhelelana nabo kanye nakulokho abakukhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi ngakho-ke funani isiphephelo emgedeni, iyonidlalela iNkosi yenu emseni wayobese inenzela lube lula udaba lwenu ngendlela efanele

18:17

وَتَرَى ٱلشَّمۡسَ إِذَا طَلَعَت تَّزَٰوَرُ عَن كَهۡفِهِمۡ ذَاتَ ٱلۡيَمِينِ وَإِذَا غَرَبَت تَّقۡرِضُهُمۡ ذَاتَ ٱلشِّمَالِ وَهُمۡ فِي فَجۡوَةٍ مِّنۡهُۚ ذَٰلِكَ مِنۡ ءَايَٰتِ ٱللَّهِۗ مَن يَهۡدِ ٱللَّهُ فَهُوَ ٱلۡمُهۡتَدِۖ وَمَن يُضۡلِلۡ فَلَن تَجِدَ لَهُۥ وَلِيًّا مُّرۡشِدًا

Futhi wawulibona ilanga ngenkathi liphuma lithambekela ngasemgedeni wabo ngakwesokudla nangenkathi lishona libashiya ngakwesobunxele kulapho yona (intsha) isendaweni enkulu kuwona (umgede), lokhu kungukunye kwezimpawu zikaMvelinqangi noma ngabe ubani oholwa nguMvelinqangi ungoholelwe endleleni eqondile futhi noma ngabe ubani amholela ekudukeni ngakho-ke awusoze wamtholela umvikeli oyomhola

18:18

وَتَحۡسَبُهُمۡ أَيۡقَاظًا وَهُمۡ رُقُودٌۚ وَنُقَلِّبُهُمۡ ذَاتَ ٱلۡيَمِينِ وَذَاتَ ٱلشِّمَالِۖ وَكَلۡبُهُم بَٰسِطٌ ذِرَاعَيۡهِ بِٱلۡوَصِيدِۚ لَوِ ٱطَّلَعۡتَ عَلَيۡهِمۡ لَوَلَّيۡتَ مِنۡهُمۡ فِرَارًا وَلَمُلِئۡتَ مِنۡهُمۡ رُعۡبًا

Futhi ucabanga ukuthi babevukile (babephapheme) kulapho bona babelele futhi sabaguqulela ngakwesokudla nangakwesobunxele kanye nenja yabo ilule imilenze yayo yangaphambili ngasemnyango (womgede) ukube wawubonile wawuyobafulathela ngejubane futhi ngempela wawuyogcwala ukubesaba

18:19

وَكَذَٰلِكَ بَعَثۡنَٰهُمۡ لِيَتَسَآءَلُواْ بَيۡنَهُمۡۚ قَالَ قَآئِلٌ مِّنۡهُمۡ كَمۡ لَبِثۡتُمۡۖ قَالُواْ لَبِثۡنَا يَوۡمًا أَوۡ بَعۡضَ يَوۡمٍۚ قَالُواْ رَبُّكُمۡ أَعۡلَمُ بِمَا لَبِثۡتُمۡ فَٱبۡعَثُوٓاْ أَحَدَكُم بِوَرِقِكُمۡ هَٰذِهِۦٓ إِلَى ٱلۡمَدِينَةِ فَلۡيَنظُرۡ أَيُّهَآ أَزۡكَىٰ طَعَامًا فَلۡيَأۡتِكُم بِرِزۡقٍ مِّنۡهُ وَلۡيَتَلَطَّفۡ وَلَا يُشۡعِرَنَّ بِكُمۡ أَحَدًا

Futhi sabavusa kanjalo ukuze babuzane ngamunye, isikhulumi phakathi kwabo (sabuza) sathi “nihlale isikhathi esingakanani”? Bathi “sihlale usuku noma ingxenye yosuku” bathi “iNkosi yenu yazi kabanzi ukuthi nihlale isikhathi esingakanani” ngakho-ke thumelani oyedwa wenu edolobheni (emphakathini) naloluhlamvu lwesiliva bese eyabheka ukuthi yikuphi ukudla okumsulwa ngokwedlulele bese enilethela ingxenye yako futhi aqaphele futhi angalazisi ngisho noyedwa umuntu udaba lwenu

18:20

إِنَّهُمۡ إِن يَظۡهَرُواْ عَلَيۡكُمۡ يَرۡجُمُوكُمۡ أَوۡ يُعِيدُوكُمۡ فِي مِلَّتِهِمۡ وَلَن تُفۡلِحُوٓاْ إِذًا أَبَدًا

Ngempela bona uma bengase bazi ngani bazonikhanda ngamatshe noma baniphindisele emumva enkolweni yabo bese ningabe nisaphumelela

18:21

وَكَذَٰلِكَ أَعۡثَرۡنَا عَلَيۡهِمۡ لِيَعۡلَمُوٓاْ أَنَّ وَعۡدَ ٱللَّهِ حَقٌّ وَأَنَّ ٱلسَّاعَةَ لَا رَيۡبَ فِيهَآ إِذۡ يَتَنَٰزَعُونَ بَيۡنَهُمۡ أَمۡرَهُمۡۖ فَقَالُواْ ٱبۡنُواْ عَلَيۡهِم بُنۡيَٰنًاۖ رَّبُّهُمۡ أَعۡلَمُ بِهِمۡۚ قَالَ ٱلَّذِينَ غَلَبُواْ عَلَىٰٓ أَمۡرِهِمۡ لَنَتَّخِذَنَّ عَلَيۡهِم مَّسۡجِدًا

Futhi sakwenza kanjalo ukuba kwaziwe ngabo ukuze bazi ukuthi isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso nokuthi ihora akunakungatshazwa ngalo, ngenkathi bephikisana bodwa ngodaba lwabo ngakho-ke bathi “yakhani isakhiwo ngaphezu kwabo, iNkosi yabo yazi kabanzi ngabo” labo abanqoba kulodaba lwabo bathi, “ngempela sizokwakha indlu yokukhonzela phezu kwabo.”

18:22

سَيَقُولُونَ ثَلَٰثَةٌ رَّابِعُهُمۡ كَلۡبُهُمۡ وَيَقُولُونَ خَمۡسَةٌ سَادِسُهُمۡ كَلۡبُهُمۡ رَجۡمَۢا بِٱلۡغَيۡبِۖ وَيَقُولُونَ سَبۡعَةٌ وَثَامِنُهُمۡ كَلۡبُهُمۡۚ قُل رَّبِّيٓ أَعۡلَمُ بِعِدَّتِهِم مَّا يَعۡلَمُهُمۡ إِلَّا قَلِيلٌۗ فَلَا تُمَارِ فِيهِمۡ إِلَّا مِرَآءً ظَٰهِرًا وَلَا تَسۡتَفۡتِ فِيهِم مِّنۡهُمۡ أَحَدًا

Bayothi babebathathu owenise wabo kwakuyinja yabo futhi (abanye) bayothi bebeyisihlanu owesithupha wabo kwakwiyinja yabo–kungukuqagela ngokungabonwayo futhi (abanye) bathi babeyisikhombisa owesishiyagalombili wabo kwakuyinja yabo ithi iNkosi yami yazi kabanzi ngesibalo sabo akekho obaziyo ngaphandle kwabambalwa ngakho-ke ungabi nempikiswano ngabo ngaphandle kwempikiswano enobufakazi obucacile futhi ungabuzi ngisho noyedwa wabo ngabo

18:23

وَلَا تَقُولَنَّ لِشَاْيۡءٍ إِنِّي فَاعِلٌ ذَٰلِكَ غَدًا

Futhiungaboshoentweniukuthi“ngempelaminangizokwenza lokho kusasa”

18:24

إِلَّآ أَن يَشَآءَ ٱللَّهُۚ وَٱذۡكُر رَّبَّكَ إِذَا نَسِيتَ وَقُلۡ عَسَىٰٓ أَن يَهۡدِيَنِ رَبِّي لِأَقۡرَبَ مِنۡ هَٰذَا رَشَدًا

Ngaphandle uma uMvelinqangi ethanda futhi khumbula iNkosi yakho uma ukhohlwa bese uthi, “Ngifisa iNkosi yami ingiholele iNkosi yami izongiholela kokusondele kunalokhu ngokulunga”

18:25

وَلَبِثُواْ فِي كَهۡفِهِمۡ ثَلَٰثَ مِاْئَةٍ سِنِينَ وَٱزۡدَادُواْ تِسۡعًا

Futhi bahlala emgedeni wabo iminyaka engamakhulu amathathu nayisishiyagalolunye enezelelekile

18:26

قُلِ ٱللَّهُ أَعۡلَمُ بِمَا لَبِثُواْۖ لَهُۥ غَيۡبُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۖ أَبۡصِرۡ بِهِۦ وَأَسۡمِعۡۚ مَا لَهُم مِّن دُونِهِۦ مِن وَلِيٍّ وَلَا يُشۡرِكُ فِي حُكۡمِهِۦٓ أَحَدًا

Ithi nguMvelinqangi owazi kabanzi ukuthi bahlala (emgedeni) isikhathi esingakanani, kungokwakhe okungabonwayo kwamazulu nomhlaba ukubona abona ngako (kugqamile) kanye nokuzwa, abanamvikeli ngaphandle kwakhe futhi akahlanganyeli namuntu ekwahluleleni kwakhe

18:27

وَٱتۡلُ مَآ أُوحِيَ إِلَيۡكَ مِن كِتَابِ رَبِّكَۖ لَا مُبَدِّلَ لِكَلِمَٰتِهِۦ وَلَن تَجِدَ مِن دُونِهِۦ مُلۡتَحَدًا

Futhi funda lokho okwembulwe kuwena okusencwadini yeNkosi yakho, akekho ongawaguqula amazwi ayo futhi awusoze wamthola ongaba isiphephelo ngaphandle kwakhe

18:28

وَٱصۡبِرۡ نَفۡسَكَ مَعَ ٱلَّذِينَ يَدۡعُونَ رَبَّهُم بِٱلۡغَدَوٰةِ وَٱلۡعَشِيِّ يُرِيدُونَ وَجۡهَهُۥۖ وَلَا تَعۡدُ عَيۡنَاكَ عَنۡهُمۡ تُرِيدُ زِينَةَ ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَاۖ وَلَا تُطِعۡ مَنۡ أَغۡفَلۡنَا قَلۡبَهُۥ عَن ذِكۡرِنَا وَٱتَّبَعَ هَوَىٰهُ وَكَانَ أَمۡرُهُۥ فُرُطًا

Futhi zigcine ubekezela kanye nalabo ababiza iNkosi yabo ekuseni nakusihlwa befuna ubuso bayo futhi ungavumeli amehlo akho ukuthi abuke ngale kwabo ufisa ubuhle bempilo yalomhlaba futhi ungamhloniphi lowo esenze inhliziyo yakhe yangakunaki ukukhunjulwa kwethu, futhi lowo olandela izifiso zakhe ngasosonke isikhathi udaba lwakhe luyalahleka

18:29

وَقُلِ ٱلۡحَقُّ مِن رَّبِّكُمۡۖ فَمَن شَآءَ فَلۡيُؤۡمِن وَمَن شَآءَ فَلۡيَكۡفُرۡۚ إِنَّآ أَعۡتَدۡنَا لِلظَّٰلِمِينَ نَارًا أَحَاطَ بِهِمۡ سُرَادِقُهَاۚ وَإِن يَسۡتَغِيثُواْ يُغَاثُواْ بِمَآءٍ كَٱلۡمُهۡلِ يَشۡوِي ٱلۡوُجُوهَۚ بِئۡسَ ٱلشَّرَابُ وَسَآءَتۡ مُرۡتَفَقًا

Futhi ithi “iqiniso livela eNkosini yenu ngakho-ke noma ngabe ubani okuthandayo (ukukholwa) makakholwe futhi noma ngabe ubani othanda ukungakholwa makangakholwa ngempela thina sabalungiselela abayizoni umlilo ozindonga zawo ziyobazungeleza futhi uma befuna ukusizwa bayosizwa ngamanzi abilayo abashise ubuso (babo) sibi lesosiphuzo futhi yimbi leyo ndawo yokuphumula”

18:30

إِنَّ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ إِنَّا لَا نُضِيعُ أَجۡرَ مَنۡ أَحۡسَنَ عَمَلًا

Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo ngempela thina asiwulahli umvuzo walowo owenza msebenzi omuhle ngokwedlulele

18:31

أُوْلَٰٓئِكَ لَهُمۡ جَنَّٰتُ عَدۡنٍ تَجۡرِي مِن تَحۡتِهِمُ ٱلۡأَنۡهَٰرُ يُحَلَّوۡنَ فِيهَا مِنۡ أَسَاوِرَ مِن ذَهَبٍ وَيَلۡبَسُونَ ثِيَابًا خُضۡرًا مِّن سُندُسٍ وَإِسۡتَبۡرَقٍ مُّتَّكِـِٔينَ فِيهَا عَلَى ٱلۡأَرَآئِكِۚ نِعۡمَ ٱلثَّوَابُ وَحَسُنَتۡ مُرۡتَفَقًا

Labo okwabo kuyoba izivande zaphakade okugeleza ngaphansi kwazo imifula lapho (ezivandeni) bayohlotshiswa ngemigexo eyakhiwe ngegolide futhi bayogqoka izingubo zikasilika eziluhlaza ezicolekile ezilula neziwugqinsi, bayobala lapho ezihlalweni eziphakeme (lowo) ngomvuzo wekhethelo nendawo enhle yokuphumula

18:32

وَٱضۡرِبۡ لَهُم مَّثَلًا رَّجُلَيۡنِ جَعَلۡنَا لِأَحَدِهِمَا جَنَّتَيۡنِ مِنۡ أَعۡنَٰبٍ وَحَفَفۡنَٰهُمَا بِنَخۡلٍ وَجَعَلۡنَا بَيۡنَهُمَا زَرۡعًا

Futhi benzele isibonelo samadoda amabili eyodwa yawo sayenzela izivande ezimbili zamagilebhisi sabe sesiyazibiyela ngamasundu futhi senza ukuthi phakathi kwazo zombili kube nendawo yezitshalo

18:33

كِلۡتَا ٱلۡجَنَّتَيۡنِ ءَاتَتۡ أُكُلَهَا وَلَمۡ تَظۡلِم مِّنۡهُ شَيۡـًٔاۚ وَفَجَّرۡنَا خِلَٰلَهُمَا نَهَرًا

Zombili lezizivande zathela izithelo zazo zangehluleki ngalutho kulokho futhi senza ukuthi kuqhume umfula phakathi kwazo zombili

18:34

وَكَانَ لَهُۥ ثَمَرٌ فَقَالَ لِصَٰحِبِهِۦ وَهُوَ يُحَاوِرُهُۥٓ أَنَا۠ أَكۡثَرُ مِنكَ مَالًا وَأَعَزُّ نَفَرًا

Futhi wayenesithelo wayesethi kumngane wakhe ngenkathi enengxoxo naye, “Mina nginengcebo eningi kunawe futhi nginamandla ngokwedlulele kunabanye abantu yimina ohlonipheke kakhulu kunawe”

18:35

وَدَخَلَ جَنَّتَهُۥ وَهُوَ ظَالِمٌ لِّنَفۡسِهِۦ قَالَ مَآ أَظُنُّ أَن تَبِيدَ هَٰذِهِۦٓ أَبَدًا

Futhi wayesengena esivandeni sakhe kulapho yena engakwenzanga ubulungiswa emphefumulweni wakhe wathi, “angicabangi ukuthi lokho kuyobhubha nanini?”

18:36

وَمَآ أَظُنُّ ٱلسَّاعَةَ قَآئِمَةً وَلَئِن رُّدِدتُّ إِلَىٰ رَبِّي لَأَجِدَنَّ خَيۡرًا مِّنۡهَا مُنقَلَبًا

Futhi angicabangi ukuthi iHora liyofika futhi uma ngiyobuyiselwa eNkosini yami ngempela ngiyokuthola okungcono kunalokhu njengembuyiselo

18:37

قَالَ لَهُۥ صَاحِبُهُۥ وَهُوَ يُحَاوِرُهُۥٓ أَكَفَرۡتَ بِٱلَّذِي خَلَقَكَ مِن تُرَابٍ ثُمَّ مِن نُّطۡفَةٍ ثُمَّ سَوَّىٰكَ رَجُلًا

Umngane wakhe wathi kuye, kulapho enengxoxo naye “ngakube awukholwa yini kulowo owakudala ngothuli wayesekudala ngeconsi lesidoda (wakudala ngokuhlangana kowesilisa nowesifazane) wayesekwenza waba ngumuntu ophelele na?”

18:38

لَّٰكِنَّا۠ هُوَ ٱللَّهُ رَبِّي وَلَآ أُشۡرِكُ بِرَبِّيٓ أَحَدًا

Kepha yena unguMvelinqangi iNkosi yami futhi angiyenzeli muntu iNkosi yami ukuthi abe ngumhlanganyeli ekuyikhonzeni

18:39

وَلَوۡلَآ إِذۡ دَخَلۡتَ جَنَّتَكَ قُلۡتَ مَا شَآءَ ٱللَّهُ لَا قُوَّةَ إِلَّا بِٱللَّهِۚ إِن تَرَنِ أَنَا۠ أَقَلَّ مِنكَ مَالًا وَوَلَدًا

Futhi awushongo ngani ngenkathi ungena esivandeni sakho ukuthi lokho uMvelinqangi akuthandile (kuyenzeka) akekho onamandla ngaphandle kwakuMvelinqangi, uma wena ungibona, mina ngingaphansi kwakho ngengcebo nangezingane

18:40

فَعَسَىٰ رَبِّيٓ أَن يُؤۡتِيَنِ خَيۡرًا مِّن جَنَّتِكَ وَيُرۡسِلَ عَلَيۡهَا حُسۡبَانًا مِّنَ ٱلسَّمَآءِ فَتُصۡبِحَ صَعِيدًا زَلَقًا

Ngakho-ke futhi iNkosi yami izongipha okungcono kunesivande sakho futhi ithumele phezu kwaso isijeziso esivela esibhakabhakeni ngakho-ke bese sibangumhlabathi oshelelayo

18:41

أَوۡ يُصۡبِحَ مَآؤُهَا غَوۡرًا فَلَن تَسۡتَطِيعَ لَهُۥ طَلَبًا

Noma amanzi aso azike phansi (emhlabathini) ungabe usakwazi ukuwuthola

18:42

وَأُحِيطَ بِثَمَرِهِۦ فَأَصۡبَحَ يُقَلِّبُ كَفَّيۡهِ عَلَىٰ مَآ أَنفَقَ فِيهَا وَهِيَ خَاوِيَةٌ عَلَىٰ عُرُوشِهَا وَيَقُولُ يَٰلَيۡتَنِي لَمۡ أُشۡرِكۡ بِرَبِّيٓ أَحَدًا

Futhi izithelo zakhe zizungezwe (ukubhubha) bese ebangoshaya izandla zakhe (elahlekelwe ithemba futhi elusizi) ngenxa yalokho ayekuchitha kusona, kulapho sibhubhe ngisho nesisekelo saso wayesethi, “Oh! Ngifisa sengathi angizange ngenzele iNkosi yami umhlanganyeli ekuyikhonzeni”

18:43

وَلَمۡ تَكُن لَّهُۥ فِئَةٌ يَنصُرُونَهُۥ مِن دُونِ ٱللَّهِ وَمَا كَانَ مُنتَصِرًا

Futhi akanalo iqembu labantu elingamsiza ukubhekana noMvelinqangi futhi akakwazi ukuzivikela

18:44

هُنَالِكَ ٱلۡوَلَٰيَةُ لِلَّهِ ٱلۡحَقِّۚ هُوَ خَيۡرٌ ثَوَابًا وَخَيۡرٌ عُقۡبًا

Lapho igunya lingelikaMvelinqangi ngeqiniso, yena ungowedlula konke ngokunonga umvuzo futhi ungongcono ekugcineni (esiphethweni)

18:45

وَٱضۡرِبۡ لَهُم مَّثَلَ ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا كَمَآءٍ أَنزَلۡنَٰهُ مِنَ ٱلسَّمَآءِ فَٱخۡتَلَطَ بِهِۦ نَبَاتُ ٱلۡأَرۡضِ فَأَصۡبَحَ هَشِيمًا تَذۡرُوهُ ٱلرِّيَٰحُۗ وَكَانَ ٱللَّهُ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ مُّقۡتَدِرًا

Futhi benzele isibonelo sempilo yalomhlaba injengamanzi (imvula) esiyehlisela phansi ephuma emafini bese okumilayo komhlabathi (izihlahla, utshani nokunye) kumiliswe iyona, (ekugcineni) kuyona kuvuthuluke kuphephethwe ngumoya futhi ngasosonke isikhathi uMvelinqangi unamandla okwenza zonke izinto

18:46

ٱلۡمَالُ وَٱلۡبَنُونَ زِينَةُ ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَاۖ وَٱلۡبَٰقِيَٰتُ ٱلصَّٰلِحَٰتُ خَيۡرٌ عِندَ رَبِّكَ ثَوَابًا وَخَيۡرٌ أَمَلًا

Ingcebo nezingane kungumhlobiso wempilo yalomhlaba kepha imisebenzi emihle elungileyo ihlala ikhona njalo, mihle eNkosini yakho mayelana nomvuzo futhi (imisebenzi elungileyo) ingcono mayelana nethemba

18:47

وَيَوۡمَ نُسَيِّرُ ٱلۡجِبَالَ وَتَرَى ٱلۡأَرۡضَ بَارِزَةً وَحَشَرۡنَٰهُمۡ فَلَمۡ نُغَادِرۡ مِنۡهُمۡ أَحَدًا

Futhi khumbula ngosuku lapho siyobe sibhidliza izintaba futhi uyobona umhlaba undlaleke waqonda futhi siyobaqoqela ndawonye bonke ngakho-ke angeke size sishiye ngisho noyedwa wabo ngemumva

18:48

وَعُرِضُواْ عَلَىٰ رَبِّكَ صَفًّا لَّقَدۡ جِئۡتُمُونَا كَمَا خَلَقۡنَٰكُمۡ أَوَّلَ مَرَّةِۭۚ بَلۡ زَعَمۡتُمۡ أَلَّن نَّجۡعَلَ لَكُم مَّوۡعِدًا

Futhi bayolethwa ngaphambili kweNkosi yakho bamiswe ngolayini (iNkosi yakho iyothi) “ngempela senifikile kuthi njengoba sanidala ekuqaleni kepha nanicabanga ukuthi angeke sinithembise (ukuhlangana nathi)”

18:49

وَوُضِعَ ٱلۡكِتَٰبُ فَتَرَى ٱلۡمُجۡرِمِينَ مُشۡفِقِينَ مِمَّا فِيهِ وَيَقُولُونَ يَٰوَيۡلَتَنَا مَالِ هَٰذَا ٱلۡكِتَٰبِ لَا يُغَادِرُ صَغِيرَةً وَلَا كَبِيرَةً إِلَّآ أَحۡصَىٰهَاۚ وَوَجَدُواْ مَا عَمِلُواْ حَاضِرًاۗ وَلَا يَظۡلِمُ رَبُّكَ أَحَدًا

Futhi kuyovezwa incwadi, ngakho-ke niyobona izoni zesaba kulokho ezikukona ziyothi, “Oh yeka okwethu! Uhloboluni lencwadi lolu ayishiyi lutho ngaphandle ngisho noma luncane noma lukhulu iyakubala, futhi bayokuthola konke lokho ababekwenza (nabakwenzayo) manje futhi iNkosi yakho angeke yenze okungenabulungiswa ngisho nakoyedwa umuntu”

18:50

وَإِذۡ قُلۡنَا لِلۡمَلَٰٓئِكَةِ ٱسۡجُدُواْ لِأٓدَمَ فَسَجَدُوٓاْ إِلَّآ إِبۡلِيسَ كَانَ مِنَ ٱلۡجِنِّ فَفَسَقَ عَنۡ أَمۡرِ رَبِّهِۦٓۗ أَفَتَتَّخِذُونَهُۥ وَذُرِّيَّتَهُۥٓ أَوۡلِيَآءَ مِن دُونِي وَهُمۡ لَكُمۡ عَدُوُّۢۚ بِئۡسَ لِلظَّٰلِمِينَ بَدَلًا

Futhi khumbula ngenkathi sithi ezingelosini kothamelani u-Adamu ngakho-ke zakhothama ngaphandle kuka-Iblis wayengomunye wamaJinn ngakho-ke akawuhloniphanga umthetho weNkosi yakhe, ngakube nithatha yena kanye nenzalo yakhe njengabavikeli esikhundleni sami na? Kulapho bona beyizitha zenu na? Kubi okushintshwa izoni

18:51

مَّآ أَشۡهَدتُّهُمۡ خَلۡقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَلَا خَلۡقَ أَنفُسِهِمۡ وَمَا كُنتُ مُتَّخِذَ ٱلۡمُضِلِّينَ عَضُدًا

Angibakhombisanga indalo yamazulu nomhlaba futhi angibakhombisanga ngisho nokudalwa kwabo uqobo futhi angizange ngithathe abedukisayo njengabasizi

18:52

وَيَوۡمَ يَقُولُ نَادُواْ شُرَكَآءِيَ ٱلَّذِينَ زَعَمۡتُمۡ فَدَعَوۡهُمۡ فَلَمۡ يَسۡتَجِيبُواْ لَهُمۡ وَجَعَلۡنَا بَيۡنَهُم مَّوۡبِقًا

Futhi khumbula ngosuku lapho eyothi, “bizani labo enaningenzela abahlanganyeli nabo ekungikhonzeni ngakho- ke bayobamemeza kepha angeke babaphendule futhi siyokwenza ukuthi bahlukane (abadukileyo nabaholelwe endleleni elungileyo)”

18:53

وَرَءَا ٱلۡمُجۡرِمُونَ ٱلنَّارَ فَظَنُّوٓاْ أَنَّهُم مُّوَاقِعُوهَا وَلَمۡ يَجِدُواْ عَنۡهَا مَصۡرِفًا

Futhi izoni ziyawubona umlilo bese ziyazi ukuthi zona zizongena kuwona futhi angeke zithole ukuphunyuka kuwona

18:54

وَلَقَدۡ صَرَّفۡنَا فِي هَٰذَا ٱلۡقُرۡءَانِ لِلنَّاسِ مِن كُلِّ مَثَلٍۚ وَكَانَ ٱلۡإِنسَٰنُ أَكۡثَرَ شَيۡءٍ جَدَلًا

Futhi ngempela sabenzela abantu kuleQur’an zonke izinhlobo zezibonelo futhi ngasosonke isikhathi okuningi okwenziwa ngumuntu impikiswano

18:55

وَمَا مَنَعَ ٱلنَّاسَ أَن يُؤۡمِنُوٓاْ إِذۡ جَآءَهُمُ ٱلۡهُدَىٰ وَيَسۡتَغۡفِرُواْ رَبَّهُمۡ إِلَّآ أَن تَأۡتِيَهُمۡ سُنَّةُ ٱلۡأَوَّلِينَ أَوۡ يَأۡتِيَهُمُ ٱلۡعَذَابُ قُبُلًا

Futhi akukho lutho oluvimbela abantu ukuthi bakholwe uma sebefikelwe ukuholwa futhi nasekuceleni intethelelo eNkosini yabo ngaphandle uma befikelwa indlela esathatha ngayo abantu basendulo noma bafikelwe isijeziso sibekwe ngaphambi kwabo

18:56

وَمَا نُرۡسِلُ ٱلۡمُرۡسَلِينَ إِلَّا مُبَشِّرِينَ وَمُنذِرِينَۚ وَيُجَٰدِلُ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ بِٱلۡبَٰطِلِ لِيُدۡحِضُواْ بِهِ ٱلۡحَقَّۖ وَٱتَّخَذُوٓاْ ءَايَٰتِي وَمَآ أُنذِرُواْ هُزُوًا

Futhi asizithumeli izithunywa ngaphandle kokuthi zibe ngabalethi bezindaba ezimnandi nabaxwayisi futhi labo abangakholwa benza impikiswano ngamanga ukuze babhuntshise iqiniso ngawo, bathatha amavesi ami kanye nalokho abaxwayiswa ngako inhlekisa

18:57

وَمَنۡ أَظۡلَمُ مِمَّن ذُكِّرَ بِـَٔايَٰتِ رَبِّهِۦ فَأَعۡرَضَ عَنۡهَا وَنَسِيَ مَا قَدَّمَتۡ يَدَاهُۚ إِنَّا جَعَلۡنَا عَلَىٰ قُلُوبِهِمۡ أَكِنَّةً أَن يَفۡقَهُوهُ وَفِيٓ ءَاذَانِهِمۡ وَقۡرًاۖ وَإِن تَدۡعُهُمۡ إِلَى ٱلۡهُدَىٰ فَلَن يَهۡتَدُوٓاْ إِذًا أَبَدًا

Futhi ngubani ongenabulungiswa ngokwedlulele kunalowo okhunjuziswa ngamavesi eNkosi yakhe bese engawanaki futhi akhohlwe yilokho okuthunyelwe izandla zakhe ngaphambili na? Ngempela sibeke ezinhliziyweni zabo izisicilelo hleze bayiqonde (iQur’an) sabeka nobuthuli emadlebeni abo, futhi uma ubamemela ekuholweni ngakho-ke abasoze baholeleke endleleni eqondile

18:58

وَرَبُّكَ ٱلۡغَفُورُ ذُو ٱلرَّحۡمَةِۖ لَوۡ يُؤَاخِذُهُم بِمَا كَسَبُواْ لَعَجَّلَ لَهُمُ ٱلۡعَذَابَۚ بَل لَّهُم مَّوۡعِدٌ لَّن يَجِدُواْ مِن دُونِهِۦ مَوۡئِلًا

Futhi iNkosi yakho iyathethelela ingumnikazi womusa, ukube ibathatha ngendlela abazuze ngayo beyizobasheshisela isijeziso kepha okwabo isethembiso (isikhathi esinqunyiweyo), abasoze balithole ithuba lokuphunyuka

18:59

وَتِلۡكَ ٱلۡقُرَىٰٓ أَهۡلَكۡنَٰهُمۡ لَمَّا ظَلَمُواْ وَجَعَلۡنَا لِمَهۡلِكِهِم مَّوۡعِدًا

Futhi lamadolobha sawabhubhisa ngenkathi enza okungalungile futhi sawabekela isikhathi sokubhujiswa kwawo

18:60

وَإِذۡ قَالَ مُوسَىٰ لِفَتَىٰهُ لَآ أَبۡرَحُ حَتَّىٰٓ أَبۡلُغَ مَجۡمَعَ ٱلۡبَحۡرَيۡنِ أَوۡ أَمۡضِيَ حُقُبًا

Futhi khumbula ngenkathi uMose ethi emfaneni wakhe (isisebenzi) “angeke ngililahle ithemba kuze kube ilapho ngifika khona ezinhlanganweni zolwandle olubili noma ngihambe isikhathi sonke sempilo”

18:61

فَلَمَّا بَلَغَا مَجۡمَعَ بَيۡنِهِمَا نَسِيَا حُوتَهُمَا فَٱتَّخَذَ سَبِيلَهُۥ فِي ٱلۡبَحۡرِ سَرَبًا

Ngakho-ke kwathi lapho bobabili sebefika ezinhlanganweni zalo lolubili bakhohlwa inhlanzi yabo yase ithatha indlela yayo ebheke olwandle kalula

18:62

فَلَمَّا جَاوَزَا قَالَ لِفَتَىٰهُ ءَاتِنَا غَدَآءَنَا لَقَدۡ لَقِينَا مِن سَفَرِنَا هَٰذَا نَصَبًا

Ngakho-ke kwathi lapho sebeqhubekela phambili (uMose) wathi, emfaneni wakhe (isisebenzi), “silethele ukudla kwethu kwasemini ngempela sesikhathele kuloluhambo lwethu”

18:63

قَالَ أَرَءَيۡتَ إِذۡ أَوَيۡنَآ إِلَى ٱلصَّخۡرَةِ فَإِنِّي نَسِيتُ ٱلۡحُوتَ وَمَآ أَنسَىٰنِيهُ إِلَّا ٱلشَّيۡطَٰنُ أَنۡ أَذۡكُرَهُۥۚ وَٱتَّخَذَ سَبِيلَهُۥ فِي ٱلۡبَحۡرِ عَجَبًا

(Umfana) wayesethi, “ubonile yini ngesikhathi besiphumulile edwaleni ngakho-ke ngempela mina ngikhohlwe inhlanzi futhi akukho lutho olungenze ukuthi ngikhohlwe ngaphandle kukasathane ukuthi ngiyikhumbule yabe seyithatha indlela yayo ebheke olwandle ngokumangalisayo”

18:64

قَالَ ذَٰلِكَ مَا كُنَّا نَبۡغِۚ فَٱرۡتَدَّا عَلَىٰٓ ءَاثَارِهِمَا قَصَصًا

Wathi, “lokhu yikona ebesikade sikufuna” ngakho-ke bobabili baphindela emumva behamba ezinyathelweni zabo

18:65

فَوَجَدَا عَبۡدًا مِّنۡ عِبَادِنَآ ءَاتَيۡنَٰهُ رَحۡمَةً مِّنۡ عِندِنَا وَعَلَّمۡنَٰهُ مِن لَّدُنَّا عِلۡمًا

Base bethola enye yezinceku zethu esayipha umusa ovela kuthina futhi esayifundisa kulolwazi esinalo

18:66

قَالَ لَهُۥ مُوسَىٰ هَلۡ أَتَّبِعُكَ عَلَىٰٓ أَن تُعَلِّمَنِ مِمَّا عُلِّمۡتَ رُشۡدًا

UMose wathi kuyona (inceku), “ngingakulandela yini ukuze ungifundise okuthize kulokho okufundisiwe na?”

18:67

قَالَ إِنَّكَ لَن تَسۡتَطِيعَ مَعِيَ صَبۡرًا

Yathi, “ngempela wena awusoze wakwazi ukungibekezelela”

18:68

وَكَيۡفَ تَصۡبِرُ عَلَىٰ مَا لَمۡ تُحِطۡ بِهِۦ خُبۡرًا

Futhi uzokubekezelela kanjani lokho ongenalwazi lwako na

18:69

قَالَ سَتَجِدُنِيٓ إِن شَآءَ ٱللَّهُ صَابِرًا وَلَآ أَعۡصِي لَكَ أَمۡرًا

Wathi (uMose), “uzongithola ngingobekezelayo uma uMvelinqangi ethanda futhi angeke ngingakuhloniphi odabeni.”

18:70

قَالَ فَإِنِ ٱتَّبَعۡتَنِي فَلَا تَسۡـَٔلۡنِي عَن شَيۡءٍ حَتَّىٰٓ أُحۡدِثَ لَكَ مِنۡهُ ذِكۡرًا

Yathi (inceku) uma ungilandela ngakho-ke ungangibuzi lutho kuze kube ilapho ngikhuluma nawe ngako

18:71

فَٱنطَلَقَا حَتَّىٰٓ إِذَا رَكِبَا فِي ٱلسَّفِينَةِ خَرَقَهَاۖ قَالَ أَخَرَقۡتَهَا لِتُغۡرِقَ أَهۡلَهَا لَقَدۡ جِئۡتَ شَيۡـًٔا إِمۡرًا

Ngakho-ke bobabili bahamba kwaze kwaba ilapho bobabili begibela emkhunjini (inceku yethu) yawulimaza (uMose) wathi, “ngakube uwulimazile ukuze uminzise abantu bawo na? Ngempela wenze into embi (enzima)

18:72

قَالَ أَلَمۡ أَقُلۡ إِنَّكَ لَن تَسۡتَطِيعَ مَعِيَ صَبۡرًا

(Yaphendula inceku yethu) yathi, “angizange ngikutshele yini ukuthi ngempela wena angeke ukwazi ukungibekezelela na?”

18:73

قَالَ لَا تُؤَاخِذۡنِي بِمَا نَسِيتُ وَلَا تُرۡهِقۡنِي مِنۡ أَمۡرِي عُسۡرًا

Wathi (uMose) “ungangisoli ngengikhohliwe ngako futhi ungabi nzima kumina odabeni lwami (nawe).”

18:74

فَٱنطَلَقَا حَتَّىٰٓ إِذَا لَقِيَا غُلَٰمًا فَقَتَلَهُۥ قَالَ أَقَتَلۡتَ نَفۡسًا زَكِيَّةَۢ بِغَيۡرِ نَفۡسٍ لَّقَدۡ جِئۡتَ شَيۡـًٔا نُّكۡرًا

Ngakho-ke bobabili baqhubeka bahamba kwaze kwaba ilapho behlangana khona nomfanyana (inceku yethu) yambulala (uMose) wathi, “ngakube sewubulale umuntu omsulwa ngaphandle kwesizathu, ngempela wenze into emangalisayo”

18:75

قَالَ أَلَمۡ أَقُل لَّكَ إِنَّكَ لَن تَسۡتَطِيعَ مَعِيَ صَبۡرًا

Yathi (inceku yethu), “angizange yini ngikutshele ukuthi ngempela wena angeke ukwazi ukungibekezelela na?”

18:76

قَالَ إِن سَأَلۡتُكَ عَن شَيۡءِۭ بَعۡدَهَا فَلَا تُصَٰحِبۡنِيۖ قَدۡ بَلَغۡتَ مِن لَّدُنِّي عُذۡرًا

Wathi (uMose), “uma ngikubuza ngokuthize emva kwalokhu ngakho-ke ungabe usahamba nami, uyobe sewuthole izaba (lokungahambi) nami”

18:77

فَٱنطَلَقَا حَتَّىٰٓ إِذَآ أَتَيَآ أَهۡلَ قَرۡيَةٍ ٱسۡتَطۡعَمَآ أَهۡلَهَا فَأَبَوۡاْ أَن يُضَيِّفُوهُمَا فَوَجَدَا فِيهَا جِدَارًا يُرِيدُ أَن يَنقَضَّ فَأَقَامَهُۥۖ قَالَ لَوۡ شِئۡتَ لَتَّخَذۡتَ عَلَيۡهِ أَجۡرًا

Ngakho-ke baqhubeka bobabili bahamba kwaze kwaba ilapho bobabili befika ebantwini bedolobha bacela ukudla ebantwini balo kepha (abantu bedolobha) benqaba ukubathatha njengezihambeli ngakho-ke bafica kulona udonga olwaseluzodilika ngakho-ke (inceku yethu) yalulungisa (uMose) wathi, “ukube bewuthanda bewuzofuna inkokhelo ngalokho”

18:78

قَالَ هَٰذَا فِرَاقُ بَيۡنِي وَبَيۡنِكَۚ سَأُنَبِّئُكَ بِتَأۡوِيلِ مَا لَمۡ تَسۡتَطِع عَّلَيۡهِ صَبۡرًا

(Inceku yethu) yathi “lokhu sekungukuhlukana phakathi kwami nawe ngizokutshela incazelo yalokho owehluleka ukukubekezelela”

18:79

أَمَّا ٱلسَّفِينَةُ فَكَانَتۡ لِمَسَٰكِينَ يَعۡمَلُونَ فِي ٱلۡبَحۡرِ فَأَرَدتُّ أَنۡ أَعِيبَهَا وَكَانَ وَرَآءَهُم مَّلِكٌ يَأۡخُذُ كُلَّ سَفِينَةٍ غَصۡبًا

Mayelana nomkhumbi, bewungowabantu abampofu abasebenza olwandle ngakho-ke bengihlose ukuwulimaza ngokuba ngaphambi kwabo bekuneNkosi ebeyithatha yonke imikhumbi ngendluzula

18:80

وَأَمَّا ٱلۡغُلَٰمُ فَكَانَ أَبَوَاهُ مُؤۡمِنَيۡنِ فَخَشِينَآ أَن يُرۡهِقَهُمَا طُغۡيَٰنًا وَكُفۡرًا

Futhi mayelana nomfanyana (engimbulele) abazali bakhe bangamakholwa ngakho-ke sesabile ukuthi hleze abahluphe ngokungabahloniphi nokungakholwa

18:81

فَأَرَدۡنَآ أَن يُبۡدِلَهُمَا رَبُّهُمَا خَيۡرًا مِّنۡهُ زَكَوٰةً وَأَقۡرَبَ رُحۡمًا

Ngakho-ke sithandile ukuthi iNkosi yabo bobabili (abazali bakhe) ibashintshele esikhundleni sakhe ngongcono kunaye omsulwa futhi osondele kakhulu ngomusa

18:82

وَأَمَّا ٱلۡجِدَارُ فَكَانَ لِغُلَٰمَيۡنِ يَتِيمَيۡنِ فِي ٱلۡمَدِينَةِ وَكَانَ تَحۡتَهُۥ كَنزٌ لَّهُمَا وَكَانَ أَبُوهُمَا صَٰلِحًا فَأَرَادَ رَبُّكَ أَن يَبۡلُغَآ أَشُدَّهُمَا وَيَسۡتَخۡرِجَا كَنزَهُمَا رَحۡمَةً مِّن رَّبِّكَۚ وَمَا فَعَلۡتُهُۥ عَنۡ أَمۡرِيۚ ذَٰلِكَ تَأۡوِيلُ مَا لَمۡ تَسۡطِع عَّلَيۡهِ صَبۡرًا

Futhi mayelana nodonga (olwaseluwa) lwalungolwabafanyana ababili abayizintandane edolobheni (emphakathini) futhi ngaphansi kwalo (udonga) kwakunomnotho wazo zombili (lezizintandane) futhi uyise (ukhokho) wazo zombili wayengolungileyo ngakho-ke iNkosi yakho yayihlose ukuthi bobabili bafinyelele ekukhuleni ngokwanele bese bobabili bekwaziukukhiphaumnothowabo, longumusaovelaeNkosini yakho ngakho-ke angikwenzanga lokho ngokuthanda kwami, lokho kuyincazelo (nokuhunyushwa) kwako konke lokho owawungakwazi ukukubekezelela

18:83

وَيَسۡـَٔلُونَكَ عَن ذِي ٱلۡقَرۡنَيۡنِۖ قُلۡ سَأَتۡلُواْ عَلَيۡكُم مِّنۡهُ ذِكۡرًا

Futhi bakubuza ngoZul-Qarnain ithi, “ngizonifundela okuthize ngomlando wakhe”

18:84

إِنَّا مَكَّنَّا لَهُۥ فِي ٱلۡأَرۡضِ وَءَاتَيۡنَٰهُ مِن كُلِّ شَيۡءٍ سَبَبًا

Ngempela thina samzinzisa emhlabeni futhi samnikeza izindlela zayo yonke into

18:85

فَأَتۡبَعَ سَبَبًا

Ngakho-ke walandela indlela

18:86

حَتَّىٰٓ إِذَا بَلَغَ مَغۡرِبَ ٱلشَّمۡسِ وَجَدَهَا تَغۡرُبُ فِي عَيۡنٍ حَمِئَةٍ وَوَجَدَ عِندَهَا قَوۡمًاۖ قُلۡنَا يَٰذَا ٱلۡقَرۡنَيۡنِ إِمَّآ أَن تُعَذِّبَ وَإِمَّآ أَن تَتَّخِذَ فِيهِمۡ حُسۡنًا

Kwaze kwaba ilapho efika khona ekushoneni kwelanga walifica lishona emanzini ahwalele futhi wafica abantu eduzane nalo, sathi “Oh Zul-Qarnain! Phakathi kokuba uyabajezisa noma uba nobubele kubona”

18:87

قَالَ أَمَّا مَن ظَلَمَ فَسَوۡفَ نُعَذِّبُهُۥ ثُمَّ يُرَدُّ إِلَىٰ رَبِّهِۦ فَيُعَذِّبُهُۥ عَذَابًا نُّكۡرًا

Wathi, “kepha lowo owenza okungenabulungiswa ngakho-ke sizomjezisa bese ephindiselwa eNkosini yakhe bese imjezisa ngesijeziso esinzima”

18:88

وَأَمَّا مَنۡ ءَامَنَ وَعَمِلَ صَٰلِحًا فَلَهُۥ جَزَآءً ٱلۡحُسۡنَىٰۖ وَسَنَقُولُ لَهُۥ مِنۡ أَمۡرِنَا يُسۡرًا

Futhi mayelana nalowo owakholwayo futhi owenza okulungileyo ngakho-ke okwakhe kuyoba ngumvuzo omuhle futhi siyokhuluma naye kalula ngempoqo yethu

18:89

ثُمَّ أَتۡبَعَ سَبَبًا

Wayeselandela indlela

18:90

حَتَّىٰٓ إِذَا بَلَغَ مَطۡلِعَ ٱلشَّمۡسِ وَجَدَهَا تَطۡلُعُ عَلَىٰ قَوۡمٍ لَّمۡ نَجۡعَل لَّهُم مِّن دُونِهَا سِتۡرًا

Kwaze kwaba ilapho efika khona endaweni lapho kuphuma khona ilanga walifica liphumela phezu kwabantu esasingazange sibenzele umpheme wokukhosela (wokuzivikela) kulona

18:91

كَذَٰلِكَۖ وَقَدۡ أَحَطۡنَا بِمَا لَدَيۡهِ خُبۡرًا

Kanjalo-ke futhi sasikungamele lokho ayenolwazi ngako

18:92

ثُمَّ أَتۡبَعَ سَبَبًا

Wayeselandela indlela

18:93

حَتَّىٰٓ إِذَا بَلَغَ بَيۡنَ ٱلسَّدَّيۡنِ وَجَدَ مِن دُونِهِمَا قَوۡمًا لَّا يَكَادُونَ يَفۡقَهُونَ قَوۡلًا

Kwaze kwaba ilapho efika khona phakathi kwezintaba ezimbili wafica ngale kwazo zombili, abantu ababengakwazi ngisho ukuqonda inkulumo

18:94

قَالُواْ يَٰذَا ٱلۡقَرۡنَيۡنِ إِنَّ يَأۡجُوجَ وَمَأۡجُوجَ مُفۡسِدُونَ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَهَلۡ نَجۡعَلُ لَكَ خَرۡجًا عَلَىٰٓ أَن تَجۡعَلَ بَيۡنَنَا وَبَيۡنَهُمۡ سَدًّا

Bathi, “Oh Zul-Qarnain! ngempela uGog noMagog bayizoni emhlabeni ngakube kufanele yini sethule isethulo kuwena ukuthi usenzele uthango phakathi kwethu nabo na?”

18:95

قَالَ مَا مَكَّنِّي فِيهِ رَبِّي خَيۡرٌ فَأَعِينُونِي بِقُوَّةٍ أَجۡعَلۡ بَيۡنَكُمۡ وَبَيۡنَهُمۡ رَدۡمًا

Wathi, “lokho engisimamise kukona iNkosi yami kungcono, ngakho-ke ngisizeni ngamandla ukuze ngenze uthango phakathi kwenu nabo”

18:96

ءَاتُونِي زُبَرَ ٱلۡحَدِيدِۖ حَتَّىٰٓ إِذَا سَاوَىٰ بَيۡنَ ٱلصَّدَفَيۡنِ قَالَ ٱنفُخُواْۖ حَتَّىٰٓ إِذَا جَعَلَهُۥ نَارًا قَالَ ءَاتُونِيٓ أُفۡرِغۡ عَلَيۡهِ قِطۡرًا

Ngiletheleni izingcezu zensimbi kwathi lapho esegcwalise isikhala esiphakathi kwezintaba ezimbili wathi, “futhani” kwaze kwaba ilapho ekwenze kwaba ngumlilo wathi, “ngiletheleni ithusi (elincibilikileyo) ngilithele phezu kwabo”

18:97

فَمَا ٱسۡطَٰعُوٓاْ أَن يَظۡهَرُوهُ وَمَا ٱسۡتَطَٰعُواْ لَهُۥ نَقۡبًا

Ngakho-ke (uGog noMagog) abakwazanga ukuphuma futhi abakwazanga ukuwugumba umgodi (ukuze baphume)

18:98

قَالَ هَٰذَا رَحۡمَةٌ مِّن رَّبِّيۖ فَإِذَا جَآءَ وَعۡدُ رَبِّي جَعَلَهُۥ دَكَّآءَۖ وَكَانَ وَعۡدُ رَبِّي حَقًّا

Wathi, “lonangumusaovelaeNkosiniyamikephaumasekufika isethembiso seNkosi yami iyolibhidliza (udonga) futhi ngaso sonke isikhathi isethembiso seNkosi yami siyiqiniso”

18:99

وَتَرَكۡنَا بَعۡضَهُمۡ يَوۡمَئِذٍ يَمُوجُ فِي بَعۡضٍۖ وَنُفِخَ فِي ٱلصُّورِ فَجَمَعۡنَٰهُمۡ جَمۡعًا

Futhi ngalolosuku (lokuphuma kukaGog noMagog) siyokwenzaukuthiabanyebabobezekwabanyenjengamagagasi futhi kuyokhaliswa icilongo bese sibaqoqela ndawonye bonke

18:100

وَعَرَضۡنَا جَهَنَّمَ يَوۡمَئِذٍ لِّلۡكَٰفِرِينَ عَرۡضًا

Futhi ngalolosuku isihogo siyosivezela obala abangakholwayo

18:101

ٱلَّذِينَ كَانَتۡ أَعۡيُنُهُمۡ فِي غِطَآءٍ عَن ذِكۡرِي وَكَانُواْ لَا يَسۡتَطِيعُونَ سَمۡعًا

Labo amehlo abo ayemboziwe esikhumbuzweni sami futhi babengakwazi ukuzwa

18:102

أَفَحَسِبَ ٱلَّذِينَ كَفَرُوٓاْ أَن يَتَّخِذُواْ عِبَادِي مِن دُونِيٓ أَوۡلِيَآءَۚ إِنَّآ أَعۡتَدۡنَا جَهَنَّمَ لِلۡكَٰفِرِينَ نُزُلًا

Ngakube labo abangazange bakholwe bacabanga ukuthi bangathathaizincekuzamiukubazibengabavikeliesikhundleni sami na? Ngempela thina sabalungiselela abangakholwayo isihogo njengendawo yokuhlala

18:103

قُلۡ هَلۡ نُنَبِّئُكُم بِٱلۡأَخۡسَرِينَ أَعۡمَٰلًا

Ithi, “ngakube sinitshelile yini ngabalahlekelwe kakhulu mayelana nezenzo na?”

18:104

ٱلَّذِينَ ضَلَّ سَعۡيُهُمۡ فِي ٱلۡحَيَوٰةِ ٱلدُّنۡيَا وَهُمۡ يَحۡسَبُونَ أَنَّهُمۡ يُحۡسِنُونَ صُنۡعًا

Labo imifutho yabo eyelahlekele empilweni yalomhlaba kulapho bona becabanga ukuthi benza imisebenzi emihle

18:105

أُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ بِـَٔايَٰتِ رَبِّهِمۡ وَلِقَآئِهِۦ فَحَبِطَتۡ أَعۡمَٰلُهُمۡ فَلَا نُقِيمُ لَهُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ وَزۡنًا

Labo bayilabo abangakholelwa emavesini eNkosi yabo nase kuhlanganeni nayo ngakho-ke imisebenzi yabo iyize leze, angeke sibenzele isisindo (ukubaluleka) ngosuku lukuvuka kwabafileyo

18:106

ذَٰلِكَ جَزَآؤُهُمۡ جَهَنَّمُ بِمَا كَفَرُواْ وَٱتَّخَذُوٓاْ ءَايَٰتِي وَرُسُلِي هُزُوًا

Lokho ngumvuzo wabo, isihogo ngenxa yokungakholwa kwabo nokuthi babethatha amavesi (izimpawu) zami nezithunywa zami njengenhlekisa

18:107

إِنَّ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَمِلُواْ ٱلصَّٰلِحَٰتِ كَانَتۡ لَهُمۡ جَنَّٰتُ ٱلۡفِرۡدَوۡسِ نُزُلًا

Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezinhle okwabo izivande zePharadisi njengendawo yokuhlala

18:108

خَٰلِدِينَ فِيهَا لَا يَبۡغُونَ عَنۡهَا حِوَلًا

Bayohlala khona ingunaphakade angeke baze bafise ukuphuma kusona

18:109

قُل لَّوۡ كَانَ ٱلۡبَحۡرُ مِدَادًا لِّكَلِمَٰتِ رَبِّي لَنَفِدَ ٱلۡبَحۡرُ قَبۡلَ أَن تَنفَدَ كَلِمَٰتُ رَبِّي وَلَوۡ جِئۡنَا بِمِثۡلِهِۦ مَدَدًا

Ithi, “ukube ulwandle lwalungu-inki wokubhala amagama eNkosi yami lwaluzophela ulwandle ngaphambi kokuba kuphele amagama eNkosi yami futhi ngisho noma sasingeza (nolwandle) olufana nalo (lwaluzophela)”

18:110

قُلۡ إِنَّمَآ أَنَا۠ بَشَرٌ مِّثۡلُكُمۡ يُوحَىٰٓ إِلَيَّ أَنَّمَآ إِلَٰهُكُمۡ إِلَٰهٌ وَٰحِدٌۖ فَمَن كَانَ يَرۡجُواْ لِقَآءَ رَبِّهِۦ فَلۡيَعۡمَلۡ عَمَلًا صَٰلِحًا وَلَا يُشۡرِكۡ بِعِبَادَةِ رَبِّهِۦٓ أَحَدَۢا

Ithi,“kuphelaminangingumuntuofananjengani,okwembulwa kumina ukuthi uNkulunkulu wenu nguNkulunkulu oyedwa, ngakho-ke noma ngabe ngubani ofisa ukuhlangana neNkosi yakhe makenze imisebenzi elungileyo futhi angahlanganisi ngisho noyedwa ekukhonzeni iNkosi yakhe”

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.