Surah 16 · 128 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah An-Nahl in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

16:1

أَتَىٰٓ أَمۡرُ ٱللَّهِ فَلَا تَسۡتَعۡجِلُوهُۚ سُبۡحَٰنَهُۥ وَتَعَٰلَىٰ عَمَّا يُشۡرِكُونَ

Impoqo ka-Mvelinqangi iyeza ngakho-ke ungayijahi udumo malube kuye nokuphakanyiswa ngaphezu kwalokho abakwenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni

16:2

يُنَزِّلُ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةَ بِٱلرُّوحِ مِنۡ أَمۡرِهِۦ عَلَىٰ مَن يَشَآءُ مِنۡ عِبَادِهِۦٓ أَنۡ أَنذِرُوٓاْ أَنَّهُۥ لَآ إِلَٰهَ إِلَّآ أَنَا۠ فَٱتَّقُونِ

Uthumela phansi izingelosi nesambulo ngempoqo yakhe kunoma ngabe ubani amthandayo ezincekwini zakhe ukuze zexwaye ukuthi akunanto enokukhonzwa ngaphandle kwami (uMvelinqangi) ngakho-ke ngesabeni

16:3

خَلَقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ بِٱلۡحَقِّۚ تَعَٰلَىٰ عَمَّا يُشۡرِكُونَ

Wadala amazulunomhlabangeqiniso, ungaphezukwakokonke lokho abamenzela ngakho abahlanganyeli ekumkhonzeni

16:4

خَلَقَ ٱلۡإِنسَٰنَ مِن نُّطۡفَةٍ فَإِذَا هُوَ خَصِيمٌ مُّبِينٌ

Wadala umuntu ngeconsi lesidoda elihlangene nokuphuma kwesifazane kepha (lowo muntu) nguyena oyisitha esigqamile

16:5

وَٱلۡأَنۡعَٰمَ خَلَقَهَاۖ لَكُمۡ فِيهَا دِفۡءٌ وَمَنَٰفِعُ وَمِنۡهَا تَأۡكُلُونَ

Nezinkomo wazidalela nina, kuzona kunemfudumalo (izembatho ezifudumele) kanye nenzuzo futhi niyayidla inyama yazo

16:6

وَلَكُمۡ فِيهَا جَمَالٌ حِينَ تُرِيحُونَ وَحِينَ تَسۡرَحُونَ

Futhi kunobuhle kunina ngenkathi niziqhuba (nibuya nazo) nangenkathi nizikhiphela (emadlelweni azo)

16:7

وَتَحۡمِلُ أَثۡقَالَكُمۡ إِلَىٰ بَلَدٍ لَّمۡ تَكُونُواْ بَٰلِغِيهِ إِلَّا بِشِقِّ ٱلۡأَنفُسِۚ إِنَّ رَبَّكُمۡ لَرَءُوفٌ رَّحِيمٌ

Futhi zinithwalela imithwalo yenu esindayo ziyise endaweni ebeningeke nifinyelele kuyona ngaphandle kobunzima bemiphefumulo, ngempela iNkosi yenu inobubele inesihawu

16:8

وَٱلۡخَيۡلَ وَٱلۡبِغَالَ وَٱلۡحَمِيرَ لِتَرۡكَبُوهَا وَزِينَةًۚ وَيَخۡلُقُ مَا لَا تَعۡلَمُونَ

Futhi (wadala) amahhashi neminyuzi nezimbongolo ukuze nikugibele (njengo) mhlobiso futhi udala konke lokho eningakwazi

16:9

وَعَلَى ٱللَّهِ قَصۡدُ ٱلسَّبِيلِ وَمِنۡهَا جَآئِرٌۚ وَلَوۡ شَآءَ لَهَدَىٰكُمۡ أَجۡمَعِينَ

Futhi ikuMvelinqangi inhloso yendlela (eqondile) futhi phakathi kwezindlela kunezinye eziphambukayo futhi ukube wayethanda wayezoniholela (endleleni eqondile) nonke

16:10

هُوَ ٱلَّذِيٓ أَنزَلَ مِنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءًۖ لَّكُم مِّنۡهُ شَرَابٌ وَمِنۡهُ شَجَرٌ فِيهِ تُسِيمُونَ

Nguyena owehlisela phansi amanzi (imvula) evela esibhakabhakeni ukuze niphuze kuyona, futhi ngayo (imvula) kumila izitshalo ezidliwa imfuyo

16:11

يُنۢبِتُ لَكُم بِهِ ٱلزَّرۡعَ وَٱلزَّيۡتُونَ وَٱلنَّخِيلَ وَٱلۡأَعۡنَٰبَ وَمِن كُلِّ ٱلثَّمَرَٰتِۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّقَوۡمٍ يَتَفَكَّرُونَ

Unimilisela ngayo izitshalo nomhlwathi (olivi) namasundu namagilebhisi kanye nazo zonke izinhlobo zezithelo, ngempela kulokho kunophawu ebantwini abacabangayo

16:12

وَسَخَّرَ لَكُمُ ٱلَّيۡلَ وَٱلنَّهَارَ وَٱلشَّمۡسَ وَٱلۡقَمَرَۖ وَٱلنُّجُومُ مُسَخَّرَٰتُۢ بِأَمۡرِهِۦٓۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يَعۡقِلُونَ

Futhi wanenzela ubusuku nemini nelanga nenyanga kanye nezinkanyezi, kwenziwa ngempoqo yakhe, ngempela kulokho kunezimpawu ebantwni abanomqondo

16:13

وَمَا ذَرَأَ لَكُمۡ فِي ٱلۡأَرۡضِ مُخۡتَلِفًا أَلۡوَٰنُهُۥٓۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّقَوۡمٍ يَذَّكَّرُونَ

Futhi konke lokho anidalela kona emhlabeni kunemibala eyehlukehlukene ngempela kulokho kunophawu (kunesifundo) kubantu abacangayo

16:14

وَهُوَ ٱلَّذِي سَخَّرَ ٱلۡبَحۡرَ لِتَأۡكُلُواْ مِنۡهُ لَحۡمًا طَرِيًّا وَتَسۡتَخۡرِجُواْ مِنۡهُ حِلۡيَةً تَلۡبَسُونَهَاۖ وَتَرَى ٱلۡفُلۡكَ مَوَاخِرَ فِيهِ وَلِتَبۡتَغُواْ مِن فَضۡلِهِۦ وَلَعَلَّكُمۡ تَشۡكُرُونَ

Futhi nguyena owadala ulwandle ukuze nikwazi ukudla inyama entsha ephuma kulona (izinhlanzi nokunye) nokuthi nikhiphe kulona izinto zokuhlobisa enizigqokayo futhi nokuthi imikhumbi ihamba kulona nokuthi ukuze nifune umusa wakhe futhi ukuze nibonge

16:15

وَأَلۡقَىٰ فِي ٱلۡأَرۡضِ رَوَٰسِيَ أَن تَمِيدَ بِكُمۡ وَأَنۡهَٰرًا وَسُبُلًا لَّعَلَّكُمۡ تَهۡتَدُونَ

Futhi waphonsa emhlabeni izintaba zasimama hleze zizamazame kanye nani, kanye nemifula nezindlela ukuze nizihole nina uqobo lwenu

16:16

وَعَلَٰمَٰتٍۚ وَبِٱلنَّجۡمِ هُمۡ يَهۡتَدُونَ

Kanye nezimpawu nangezinkanyezi (ebusuku) bona bayaholeleka (ngenxa yokukhanya kwazo)

16:17

أَفَمَن يَخۡلُقُ كَمَن لَّا يَخۡلُقُۚ أَفَلَا تَذَكَّرُونَ

Ngakube lowo odalayo uyefana yini nalowo ongadali na? Ngakube anikhumbuli yini na

16:18

وَإِن تَعُدُّواْ نِعۡمَةَ ٱللَّهِ لَا تُحۡصُوهَآۗ إِنَّ ٱللَّهَ لَغَفُورٌ رَّحِيمٌ

Futhi uma ningase (nifise) ukubala ububele bukaMvelinqangi angeke nikwazi ukububala ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu

16:19

وَٱللَّهُ يَعۡلَمُ مَا تُسِرُّونَ وَمَا تُعۡلِنُونَ

Futhi uMvelinqangi uyakwazi konke lokho enikufihlayo nakho konke lokho enikuvezayo

16:20

وَٱلَّذِينَ يَدۡعُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ لَا يَخۡلُقُونَ شَيۡـًٔا وَهُمۡ يُخۡلَقُونَ

Futhi labo abamemeza (abakhonza) abanye esikhundleni sikaMvelinqangi abadali lutho bona uqobo lwabo badalwa

16:21

أَمۡوَٰتٌ غَيۡرُ أَحۡيَآءٍۖ وَمَا يَشۡعُرُونَ أَيَّانَ يُبۡعَثُونَ

Abafile abaphili futhi abazi ukuthi bayovuswa nini

16:22

إِلَٰهُكُمۡ إِلَٰهٌ وَٰحِدٌۚ فَٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِٱلۡأٓخِرَةِ قُلُوبُهُم مُّنكِرَةٌ وَهُم مُّسۡتَكۡبِرُونَ

UMvelinqangi wenu uMvelinqangi oyedwa vo ngakho- ke labo abangakholelwa empilweni ezayo izinhliziyo zabo ziyakwenqaba (lokho) futhi bona bayazigabisa

16:23

لَا جَرَمَ أَنَّ ٱللَّهَ يَعۡلَمُ مَا يُسِرُّونَ وَمَا يُعۡلِنُونَۚ إِنَّهُۥ لَا يُحِبُّ ٱلۡمُسۡتَكۡبِرِينَ

Akungabazeki ukuthi uMvelinqangi uyakwazi lokho abakufihlayo kanye nalokho abakuvezayo ngempela yena akabathandi abazigabisayo

16:24

وَإِذَا قِيلَ لَهُم مَّاذَآ أَنزَلَ رَبُّكُمۡ قَالُوٓاْ أَسَٰطِيرُ ٱلۡأَوَّلِينَ

Futhi uma (bebuzwa) kuthiwa kubona yini eyembulwa iNkosi yena na? bathi, “izinganekwane zabantu basendulo”

16:25

لِيَحۡمِلُوٓاْ أَوۡزَارَهُمۡ كَامِلَةً يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ وَمِنۡ أَوۡزَارِ ٱلَّذِينَ يُضِلُّونَهُم بِغَيۡرِ عِلۡمٍۗ أَلَا سَآءَ مَا يَزِرُونَ

Ukuze bakwazi ukuthwala imithwalo yabo yonke ngelanga lokuvuka kwabafileyo kanye nemithwalo yalabo ababadukisa ngaphandle kolwazi ngokungangabazeki kubi lokho abayokuthwala

16:26

قَدۡ مَكَرَ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡ فَأَتَى ٱللَّهُ بُنۡيَٰنَهُم مِّنَ ٱلۡقَوَاعِدِ فَخَرَّ عَلَيۡهِمُ ٱلسَّقۡفُ مِن فَوۡقِهِمۡ وَأَتَىٰهُمُ ٱلۡعَذَابُ مِنۡ حَيۡثُ لَا يَشۡعُرُونَ

Labo ababengaphambilini kwabo benza icebo ngakho-ke uMvelinqangi weza ezakhiweni zabo eqhamuka ezisekelweni (zezakhiwo zabo) ngakho-ke lawela kubona uphahla luqhamuka ngaphezu kwabo nesijeziso saqhamuka kubona lapho babengaboni ukuthi singaqhamuka khona

16:27

ثُمَّ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ يُخۡزِيهِمۡ وَيَقُولُ أَيۡنَ شُرَكَآءِيَ ٱلَّذِينَ كُنتُمۡ تُشَٰٓقُّونَ فِيهِمۡۚ قَالَ ٱلَّذِينَ أُوتُواْ ٱلۡعِلۡمَ إِنَّ ٱلۡخِزۡيَ ٱلۡيَوۡمَ وَٱلسُّوٓءَ عَلَى ٱلۡكَٰفِرِينَ

Besekuthi ngosuku lokuvuka kwabafileyo abajabhise futhi athi, “baphi abahlanganyeli bami (enaningenzela bona) labo nina enaniphikisa ngabo (abakholwayo) labo ababenikwe ulwazi bayothi, “ngempela usuku lehlazo nokubi kuphezu kwabangakholwayo”

16:28

ٱلَّذِينَ تَتَوَفَّىٰهُمُ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ ظَالِمِيٓ أَنفُسِهِمۡۖ فَأَلۡقَوُاْ ٱلسَّلَمَ مَا كُنَّا نَعۡمَلُ مِن سُوٓءِۭۚ بَلَىٰٓۚ إِنَّ ٱللَّهَ عَلِيمُۢ بِمَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ

Labo izingelosi ezenza ukuthi bafe kulapho bona benze okungenabulungiswa emiphefumulweni yabo, ngakho- ke bayozinikela (bathi) “asizange sikwenze okubi” yebo (izingelosi ziyothi) “ngempela uMvelinqangi uyisazi saloko enanikwenza”

16:29

فَٱدۡخُلُوٓاْ أَبۡوَٰبَ جَهَنَّمَ خَٰلِدِينَ فِيهَاۖ فَلَبِئۡسَ مَثۡوَى ٱلۡمُتَكَبِّرِينَ

Ngakho-ke ngenani emasangweni esihogo nihlale khona phakathi ingunaphakade ngakho-ke yimbi indawo yokuhlala abazigabisayo

16:30

وَقِيلَ لِلَّذِينَ ٱتَّقَوۡاْ مَاذَآ أَنزَلَ رَبُّكُمۡۚ قَالُواْ خَيۡرًاۗ لِّلَّذِينَ أَحۡسَنُواْ فِي هَٰذِهِ ٱلدُّنۡيَا حَسَنَةٌۚ وَلَدَارُ ٱلۡأٓخِرَةِ خَيۡرٌۚ وَلَنِعۡمَ دَارُ ٱلۡمُتَّقِينَ

Futhi kuyothiwa kulabo ababenza okulungileyo, “yini eyembulwa iNkosi yenu na?” bayothi “okuhle kulabo abenza okuhle, kulomhlaba kunobuhle futhi ngempela ikhaya lempilo ezayo lingcono futhi ngempela lingelekhethelo ikhaya labalungileyo.”

16:31

جَنَّٰتُ عَدۡنٍ يَدۡخُلُونَهَا تَجۡرِي مِن تَحۡتِهَا ٱلۡأَنۡهَٰرُۖ لَهُمۡ فِيهَا مَا يَشَآءُونَۚ كَذَٰلِكَ يَجۡزِي ٱللَّهُ ٱلۡمُتَّقِينَ

Izivande zaseEden abayongena kuzona okugeleza ngaphansi kwazo imifula, okwabo khona yikhona konke abakuthandayo, uMvelinqangi ubanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle

16:32

ٱلَّذِينَ تَتَوَفَّىٰهُمُ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ طَيِّبِينَ يَقُولُونَ سَلَٰمٌ عَلَيۡكُمُ ٱدۡخُلُواْ ٱلۡجَنَّةَ بِمَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ

Labo izingelosi ezabenza ukuba bafe bengabalungileyo ziyothi “ukuthula makube kunina! Ngenani esivandeni ngenxa yalokho enanikwenza.”

16:33

هَلۡ يَنظُرُونَ إِلَّآ أَن تَأۡتِيَهُمُ ٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ أَوۡ يَأۡتِيَ أَمۡرُ رَبِّكَۚ كَذَٰلِكَ فَعَلَ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡۚ وَمَا ظَلَمَهُمُ ٱللَّهُ وَلَٰكِن كَانُوٓاْ أَنفُسَهُمۡ يَظۡلِمُونَ

Ngakube balinde (okuthize) ngaphandle kokuthi izingelosi zifike kubona noma ukuthi kufike impoqo yeNkosi yakho na? Benza kanjalo labo ababengaphambilini kwabo futhi uMvelinqangi akazange enze okungenabulungiswa kubona kepha imiphefumulo yabo eyazona yona

16:34

فَأَصَابَهُمۡ سَيِّـَٔاتُ مَا عَمِلُواْ وَحَاقَ بِهِم مَّا كَانُواْ بِهِۦ يَسۡتَهۡزِءُونَ

Ngakho-ke behlelwa ilobo bubi ababekwenza futhi kwaqiniseka kubona lokho ababenza inhlekisa ngakho

16:35

وَقَالَ ٱلَّذِينَ أَشۡرَكُواْ لَوۡ شَآءَ ٱللَّهُ مَا عَبَدۡنَا مِن دُونِهِۦ مِن شَيۡءٍ نَّحۡنُ وَلَآ ءَابَآؤُنَا وَلَا حَرَّمۡنَا مِن دُونِهِۦ مِن شَيۡءٍۚ كَذَٰلِكَ فَعَلَ ٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡۚ فَهَلۡ عَلَى ٱلرُّسُلِ إِلَّا ٱلۡبَلَٰغُ ٱلۡمُبِينُ

Futhi labo ababekhonza izithixo bathi, “ukube uMvelinqangi wayethanda sasingeke sikhonze lutho esikhundleni sakhe thina nabobaba bethu futhi sasingeke sinqabele lutho ngaphandle kwakhe, benza kanjalo labo ababengaphambilini kwabo, ngakube ukhona yini omunye umsebenzi ophezu kwezithunywa ngaphandle kokudlulisa umyalezo ocacile na

16:36

وَلَقَدۡ بَعَثۡنَا فِي كُلِّ أُمَّةٍ رَّسُولًا أَنِ ٱعۡبُدُواْ ٱللَّهَ وَٱجۡتَنِبُواْ ٱلطَّٰغُوتَۖ فَمِنۡهُم مَّنۡ هَدَى ٱللَّهُ وَمِنۡهُم مَّنۡ حَقَّتۡ عَلَيۡهِ ٱلضَّلَٰلَةُۚ فَسِيرُواْ فِي ٱلۡأَرۡضِ فَٱنظُرُواْ كَيۡفَ كَانَ عَٰقِبَةُ ٱلۡمُكَذِّبِينَ

Futhi ngempela sathumela kuzona zonke izizwe isithunywa ukuze (abantu) bakhonze uMvelinqangi baqhelelane nabonkulunkulu bamanga (izithixo) ngakho-ke phakathi kwabo kunalabo abaholwa nguMvelinqangi futhi phakathi kwabo kunalabo okugxilisiwe kubona ukuduka ngakho-ke hambani emhlabeni bese niyabona ukuthi sasinjani isiphetho sababephika

16:37

إِن تَحۡرِصۡ عَلَىٰ هُدَىٰهُمۡ فَإِنَّ ٱللَّهَ لَا يَهۡدِي مَن يُضِلُّۖ وَمَا لَهُم مِّن نَّٰصِرِينَ

Uma ufisa ukubahola ngakho-ke ngempela uMvelinqangi akabaholi labo abadukisile futhi angeke baze babenabo abasizi

16:38

وَأَقۡسَمُواْ بِٱللَّهِ جَهۡدَ أَيۡمَٰنِهِمۡ لَا يَبۡعَثُ ٱللَّهُ مَن يَمُوتُۚ بَلَىٰ وَعۡدًا عَلَيۡهِ حَقًّا وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَ ٱلنَّاسِ لَا يَعۡلَمُونَ

Futhi bafunga ngoMvelinqangi izifungo zabo ezinzima, uMvelinqangiangekeamvuselowoofayoyebo! Kuyisithembiso kuyena esiyiqiniso kepha iningi labantu alazi

16:39

لِيُبَيِّنَ لَهُمُ ٱلَّذِي يَخۡتَلِفُونَ فِيهِ وَلِيَعۡلَمَ ٱلَّذِينَ كَفَرُوٓاْ أَنَّهُمۡ كَانُواْ كَٰذِبِينَ

Ukuze abacacisele lokho abaphikisana kukona futhi ukuze bazi labo abangakholwanga ukuthi ngempela bona babengabaqambi bamanga

16:40

إِنَّمَا قَوۡلُنَا لِشَيۡءٍ إِذَآ أَرَدۡنَٰهُ أَن نَّقُولَ لَهُۥ كُن فَيَكُونُ

Kuphela inkulumo yethu entweni uma siyiqondile sithi kuyona “yenzeka” bese iyenzeka

16:41

وَٱلَّذِينَ هَاجَرُواْ فِي ٱللَّهِ مِنۢ بَعۡدِ مَا ظُلِمُواْ لَنُبَوِّئَنَّهُمۡ فِي ٱلدُّنۡيَا حَسَنَةًۖ وَلَأَجۡرُ ٱلۡأٓخِرَةِ أَكۡبَرُۚ لَوۡ كَانُواْ يَعۡلَمُونَ

Futhi labo ababefuduka ngenxa kaMvelinqangi emva kokuba becindezelwe ngempela sizobahlalisa lapho emhlabeni inhlalo enhle futhi nomvuzo wempilo ezayo mkhulu kakhulu ukube bebazi

16:42

ٱلَّذِينَ صَبَرُواْ وَعَلَىٰ رَبِّهِمۡ يَتَوَكَّلُونَ

Labo ababekezela futhi babeka ithemba eNkosini yabo

16:43

وَمَآ أَرۡسَلۡنَا مِن قَبۡلِكَ إِلَّا رِجَالًا نُّوحِيٓ إِلَيۡهِمۡۖ فَسۡـَٔلُوٓاْ أَهۡلَ ٱلذِّكۡرِ إِن كُنتُمۡ لَا تَعۡلَمُونَ

Futhi asizange sithumele muntu ngaphambilini kwakho ngaphandle kwamadoda esambulo kuwona (umyalezo wethu) ngakho-ke buzani abantu abaziyo uma ningazi

16:44

بِٱلۡبَيِّنَٰتِ وَٱلزُّبُرِۗ وَأَنزَلۡنَآ إِلَيۡكَ ٱلذِّكۡرَ لِتُبَيِّنَ لِلنَّاسِ مَا نُزِّلَ إِلَيۡهِمۡ وَلَعَلَّهُمۡ يَتَفَكَّرُونَ

(Sabathumela) nezimpawu ezicacile neZabur sabe sesembula kuwena isikhumbuzo (iQur’an) ukuze ucacisele abantu lokho okwembulwa kubona futhi ukuze babe nokucabanga

16:45

أَفَأَمِنَ ٱلَّذِينَ مَكَرُواْ ٱلسَّيِّـَٔاتِ أَن يَخۡسِفَ ٱللَّهُ بِهِمُ ٱلۡأَرۡضَ أَوۡ يَأۡتِيَهُمُ ٱلۡعَذَابُ مِنۡ حَيۡثُ لَا يَشۡعُرُونَ

Ngakho-ke ngakube bazizwa bephephile yini labo abenza amacebo amabi ukuthi uMvelinqangi angeke enze umhlaba ukuthi ubagwinye noma ukuthi bafikelwe isijeziso lapho bengaboni khona na

16:46

أَوۡ يَأۡخُذَهُمۡ فِي تَقَلُّبِهِمۡ فَمَا هُم بِمُعۡجِزِينَ

Noma ukuthi ababambe (abajezise) ekuyeni kwabo phambili nasemumva ngakho-ke bona angeke baphunyuke

16:47

أَوۡ يَأۡخُذَهُمۡ عَلَىٰ تَخَوُّفٍ فَإِنَّ رَبَّكُمۡ لَرَءُوفٌ رَّحِيمٌ

Noma ukuthi ababambe lapho besaba khona ngakho-ke ngempela iNkosi yenu inobubele inesihawu

16:48

أَوَلَمۡ يَرَوۡاْ إِلَىٰ مَا خَلَقَ ٱللَّهُ مِن شَيۡءٍ يَتَفَيَّؤُاْ ظِلَٰلُهُۥ عَنِ ٱلۡيَمِينِ وَٱلشَّمَآئِلِ سُجَّدًا لِّلَّهِ وَهُمۡ دَٰخِرُونَ

Ngakube abakuboni yini konke lokho akudala uMvelinqangi na? Izithunzi zako ziya ngasesandleni sokudla nangakwesobunxele zakhothamela uMvelinqangi kulapho zona zezithobileyo

16:49

وَلِلَّهِۤ يَسۡجُدُۤ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَمَا فِي ٱلۡأَرۡضِ مِن دَآبَّةٍ وَٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ وَهُمۡ لَا يَسۡتَكۡبِرُونَ

Futhi kukhothamela uMvelinqangi konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni okuyizidalwa eziphilayo kanye nezingelosi futhi zona azizigabisi

16:50

يَخَافُونَ رَبَّهُم مِّن فَوۡقِهِمۡ وَيَفۡعَلُونَ مَا يُؤۡمَرُونَ

Ziyayesaba iNkosi yazo ngaphezu kwabo futhi zenza lokho ezikuphoqwayo ukuba zikwenze

16:51

وَقَالَ ٱللَّهُ لَا تَتَّخِذُوٓاْ إِلَٰهَيۡنِ ٱثۡنَيۡنِۖ إِنَّمَا هُوَ إِلَٰهٌ وَٰحِدٌ فَإِيَّٰيَ فَٱرۡهَبُونِ

Futhi uNkulunkulu wathi “ningabi noNkulunkulu ababili” kuphela yena unguNkulunkulu oyedwa, ngakho-ke yesabani mina kuphela

16:52

وَلَهُۥ مَا فِي ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَلَهُ ٱلدِّينُ وَاصِبًاۚ أَفَغَيۡرَ ٱللَّهِ تَتَّقُونَ

Futhi kungokwakhe konke okusemazulwini nasemhlabeni futhi inkolo ingeyakhe, ngakube nesaba omunye kunoMvelinqangi na

16:53

وَمَا بِكُم مِّن نِّعۡمَةٍ فَمِنَ ٱللَّهِۖ ثُمَّ إِذَا مَسَّكُمُ ٱلضُّرُّ فَإِلَيۡهِ تَجۡـَٔرُونَ

Futhi noma ngabe ububele buni eninabo ngakho-ke buvela kuMvelinqangi bese kuthi uma nithintwa ukuhlupheka bese nikhala kuyena

16:54

ثُمَّ إِذَا كَشَفَ ٱلضُّرَّ عَنكُمۡ إِذَا فَرِيقٌ مِّنكُم بِرَبِّهِمۡ يُشۡرِكُونَ

Besekuthi uma esusa ukuhlupheka kunina kulapho ingxenye yeqembu lenu lenzela iNkosi yalo abahlanganyeli ekuyikhonzeni

16:55

لِيَكۡفُرُواْ بِمَآ ءَاتَيۡنَٰهُمۡۚ فَتَمَتَّعُواْ فَسَوۡفَ تَعۡلَمُونَ

Ukuze bakuphike lokho esabanika kona ngakho-ke zithokoziseni niyokwazi (masinyane umphumela waloko)

16:56

وَيَجۡعَلُونَ لِمَا لَا يَعۡلَمُونَ نَصِيبًا مِّمَّا رَزَقۡنَٰهُمۡۗ تَٱللَّهِ لَتُسۡـَٔلُنَّ عَمَّا كُنتُمۡ تَفۡتَرُونَ

Futhi babekela lokho abangakwazi ingxenye kulokho esabapha kona ngoMvelinqangi! Ngempela niyobuzwa ngalokho enikuqambayo

16:57

وَيَجۡعَلُونَ لِلَّهِ ٱلۡبَنَٰتِ سُبۡحَٰنَهُۥ وَلَهُم مَّا يَشۡتَهُونَ

Futhi babekela uMvelinqangi amadodakazi makadunyiswe (uphakeme unamandla) futhi okwabo ilokho abakufisayo

16:58

وَإِذَا بُشِّرَ أَحَدُهُم بِٱلۡأُنثَىٰ ظَلَّ وَجۡهُهُۥ مُسۡوَدًّا وَهُوَ كَظِيمٌ

Futhi uma oyedwa wabo etshelwa izindaba ezimnandi zokuthi (uzozala) owesifazane buyahwaqabala ubuso bakhe bubemnyama futhi agcwale intukuthelo

16:59

يَتَوَٰرَىٰ مِنَ ٱلۡقَوۡمِ مِن سُوٓءِ مَا بُشِّرَ بِهِۦٓۚ أَيُمۡسِكُهُۥ عَلَىٰ هُونٍ أَمۡ يَدُسُّهُۥ فِي ٱلتُّرَابِۗ أَلَا سَآءَ مَا يَحۡكُمُونَ

Azifihle ebantwini ngenxa yokubi atshelwe ngako (ukuzala ingane eyisifazane) ngakube kufanele ayigcine njengechilo noma ayingcwabe emhlabathini ngokungangabazeki ububi ilobo abakwehlulelayo

16:60

لِلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِٱلۡأٓخِرَةِ مَثَلُ ٱلسَّوۡءِۖ وَلِلَّهِ ٱلۡمَثَلُ ٱلۡأَعۡلَىٰۚ وَهُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡحَكِيمُ

Kulabo abangakholelwa empilweni ezayo kuyisibonelo esibi futhi singesikaMvelinqangi isibonelo esiphakeme kakhulu futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani

16:61

وَلَوۡ يُؤَاخِذُ ٱللَّهُ ٱلنَّاسَ بِظُلۡمِهِم مَّا تَرَكَ عَلَيۡهَا مِن دَآبَّةٍ وَلَٰكِن يُؤَخِّرُهُمۡ إِلَىٰٓ أَجَلٍ مُّسَمًّىۖ فَإِذَا جَآءَ أَجَلُهُمۡ لَا يَسۡتَـٔۡخِرُونَ سَاعَةً وَلَا يَسۡتَقۡدِمُونَ

Futhi ukube uMvelinqangi wayebabamba (abajezise) abantu ngenxa yokona kwabo wayengeke ashiye kuwona (umhlaba) ngisho noma sinye isidalwa kepha ubahlehlisa kuze kube isikhathi esinqunyiwe ngakho-ke uma sesifikile isikhathi sabo angeke bakwazi ukulibambezela ihora futhi angeke bakwazi ukuliqhubekisa

16:62

وَيَجۡعَلُونَ لِلَّهِ مَا يَكۡرَهُونَۚ وَتَصِفُ أَلۡسِنَتُهُمُ ٱلۡكَذِبَ أَنَّ لَهُمُ ٱلۡحُسۡنَىٰۚ لَا جَرَمَ أَنَّ لَهُمُ ٱلنَّارَ وَأَنَّهُم مُّفۡرَطُونَ

Futhi benzela uMvelinqangi lokho abangakuthandi nezilimi zabo ziphikelela ekuqambeni amanga ukuthi okwabo okulungile ngokwedlulele ngokungangabazeki ukuthi okwabo ngumlilo, futhi ngempela bona bayoshiywa benganikiwe

16:63

تَٱللَّهِ لَقَدۡ أَرۡسَلۡنَآ إِلَىٰٓ أُمَمٍ مِّن قَبۡلِكَ فَزَيَّنَ لَهُمُ ٱلشَّيۡطَٰنُ أَعۡمَٰلَهُمۡ فَهُوَ وَلِيُّهُمُ ٱلۡيَوۡمَ وَلَهُمۡ عَذَابٌ أَلِيمٌ

Ngifunga ngoMvelinqangi! Ngempela sazithumela (izithunywa) ezizweni ngaphambilini kwakho kepha usathane wabenzela ukuthi zibukeke zizinhle izenzo zabo ngakho-ke yena ungumvikeli wabo kulolusuku futhi okwabo isijeziso esibuhlungu

16:64

وَمَآ أَنزَلۡنَا عَلَيۡكَ ٱلۡكِتَٰبَ إِلَّا لِتُبَيِّنَ لَهُمُ ٱلَّذِي ٱخۡتَلَفُواْ فِيهِ وَهُدًى وَرَحۡمَةً لِّقَوۡمٍ يُؤۡمِنُونَ

Futhi asiyithumelanga kuwena incwadi ngaphandle kokuba ubacacisele lokho ababephikisana ngako, nokuhola nomusa kubantu abakholwayo

16:65

وَٱللَّهُ أَنزَلَ مِنَ ٱلسَّمَآءِ مَآءً فَأَحۡيَا بِهِ ٱلۡأَرۡضَ بَعۡدَ مَوۡتِهَآۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّقَوۡمٍ يَسۡمَعُونَ

Futhi uMvelinqangi wehlisa amanzi (wanethisa imvula) evela esibhakabhakeni ngakho-ke wavusa ngayo umhlaba emva kokufa kwawo, ngempela kulokho kunophawu kubantu abalalelayo

16:66

وَإِنَّ لَكُمۡ فِي ٱلۡأَنۡعَٰمِ لَعِبۡرَةًۖ نُّسۡقِيكُم مِّمَّا فِي بُطُونِهِۦ مِنۢ بَيۡنِ فَرۡثٍ وَدَمٍ لَّبَنًا خَالِصًا سَآئِغًا لِّلشَّٰرِبِينَ

Futhi ngempela ezinkomeni, kunesifundo kunina siniphuzisa kulokho okuseziswini zazo okuphuma phakathi kobulongwe negazi ubisi olumsulwa oluhlwabusile kwabaliphuzayo

16:67

وَمِن ثَمَرَٰتِ ٱلنَّخِيلِ وَٱلۡأَعۡنَٰبِ تَتَّخِذُونَ مِنۡهُ سَكَرًا وَرِزۡقًا حَسَنًاۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّقَوۡمٍ يَعۡقِلُونَ

Futhi nasezithelweni zamasundu nasemagilebhisini nifumana kuzona okudakisayo nesipho esihle, ngempela kulokho kunophawu (isifundo) kubantu abanomqondo

16:68

وَأَوۡحَىٰ رَبُّكَ إِلَى ٱلنَّحۡلِ أَنِ ٱتَّخِذِي مِنَ ٱلۡجِبَالِ بُيُوتًا وَمِنَ ٱلشَّجَرِ وَمِمَّا يَعۡرِشُونَ

Futhi iNkosi yakho yembula enyosini ukuthi ayakhe izindlu zayo ezintabeni nasezihlahleni nakulokho (abantu) abakwakhayo

16:69

ثُمَّ كُلِي مِن كُلِّ ٱلثَّمَرَٰتِ فَٱسۡلُكِي سُبُلَ رَبِّكِ ذُلُلًاۚ يَخۡرُجُ مِنۢ بُطُونِهَا شَرَابٌ مُّخۡتَلِفٌ أَلۡوَٰنُهُۥ فِيهِ شِفَآءٌ لِّلنَّاسِۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَةً لِّقَوۡمٍ يَتَفَكَّرُونَ

Bese udla kuzona zonke izithelo uhambe ezindleleni zeNkosi yakho ezenziwe zaba lula, eziswini zazo kuphuma iziphuzo ezinemibala ehlukehlukene okukhona kuzona (iziphuzo ezinemibala ehlukehlukene) ukwelashwa kwabantu ngempela kulokho kunophawu kubantu abacabangayo

16:70

وَٱللَّهُ خَلَقَكُمۡ ثُمَّ يَتَوَفَّىٰكُمۡۚ وَمِنكُم مَّن يُرَدُّ إِلَىٰٓ أَرۡذَلِ ٱلۡعُمُرِ لِكَيۡ لَا يَعۡلَمَ بَعۡدَ عِلۡمٍ شَيۡـًٔاۚ إِنَّ ٱللَّهَ عَلِيمٌ قَدِيرٌ

Futhi uMvelinqangi wanidala wayesenenza ukuba nife futhi phakathi kwenu kunalowo oyobuyiselwa emumva ekukhuleni ngokweqile (ekugugeni) ukuze angabi nolwazi emva kokuba esekwazile okuthize, ngempela uMvelinqangi unolwazi unamandla (okwenza zonke izinto)

16:71

وَٱللَّهُ فَضَّلَ بَعۡضَكُمۡ عَلَىٰ بَعۡضٍ فِي ٱلرِّزۡقِۚ فَمَا ٱلَّذِينَ فُضِّلُواْ بِرَآدِّي رِزۡقِهِمۡ عَلَىٰ مَا مَلَكَتۡ أَيۡمَٰنُهُمۡ فَهُمۡ فِيهِ سَوَآءٌۚ أَفَبِنِعۡمَةِ ٱللَّهِ يَجۡحَدُونَ

Futhi uMvelinqangi wakhetha abanye benu (waba nobubele kwabanye benu) kunabanye mayelana nezipho ngakho-ke labo ababekhethiwe ngaphezu kwabanye angeke izipho zabo bazinike labo abasezandleni zabo zangakwesokudla (izigqila) ukuze bona balingane kukona, ngakube baphika ububele bukaMvelinqangi na

16:72

وَٱللَّهُ جَعَلَ لَكُم مِّنۡ أَنفُسِكُمۡ أَزۡوَٰجًا وَجَعَلَ لَكُم مِّنۡ أَزۡوَٰجِكُم بَنِينَ وَحَفَدَةً وَرَزَقَكُم مِّنَ ٱلطَّيِّبَٰتِۚ أَفَبِٱلۡبَٰطِلِ يُؤۡمِنُونَ وَبِنِعۡمَتِ ٱللَّهِ هُمۡ يَكۡفُرُونَ

FuthiuMvelinqangiwanenzelaninauqobolwenuamakhosikazi futhi wanipha amadodana nabazukulu emakhosikazini enu futhi wanipha ezintweni ezinhle, ngakube bakholelwa entweni eyize leze bese bona bephika ububele bukaMvelinqangi na

16:73

وَيَعۡبُدُونَ مِن دُونِ ٱللَّهِ مَا لَا يَمۡلِكُ لَهُمۡ رِزۡقًا مِّنَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ شَيۡـًٔا وَلَا يَسۡتَطِيعُونَ

FuthiesikhundlenisikaMvelinqangibakhonzalokhookungeke kubaphathele lutho okuyisipho emazulwini nasemhlabeni futhi abanamandla

16:74

فَلَا تَضۡرِبُواْ لِلَّهِ ٱلۡأَمۡثَالَۚ إِنَّ ٱللَّهَ يَعۡلَمُ وَأَنتُمۡ لَا تَعۡلَمُونَ

Ngakho-ke musani ukwenzela uMvelinqangi izibonelo, ngempela uMvelinqangi uyazi kepha nina anazi

16:75

ضَرَبَ ٱللَّهُ مَثَلًا عَبۡدًا مَّمۡلُوكًا لَّا يَقۡدِرُ عَلَىٰ شَيۡءٍ وَمَن رَّزَقۡنَٰهُ مِنَّا رِزۡقًا حَسَنًا فَهُوَ يُنفِقُ مِنۡهُ سِرًّا وَجَهۡرًاۖ هَلۡ يَسۡتَوُۥنَۚ ٱلۡحَمۡدُ لِلَّهِۚ بَلۡ أَكۡثَرُهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ

UMvelinqangi wenza isibonelo ngesigqila esinomnikazi esingenamandla okwenza lutho kanye nalowo esamupha isipho esihle esivela kuthina ngakho-ke uyanikela ngengxenye ethize kusona esithe nasobala, ngakube bayalingana yini na? Udumo lungolukaMvelinqangi! Kepha iningi labo alazi

16:76

وَضَرَبَ ٱللَّهُ مَثَلًا رَّجُلَيۡنِ أَحَدُهُمَآ أَبۡكَمُ لَا يَقۡدِرُ عَلَىٰ شَيۡءٍ وَهُوَ كَلٌّ عَلَىٰ مَوۡلَىٰهُ أَيۡنَمَا يُوَجِّههُّ لَا يَأۡتِ بِخَيۡرٍ هَلۡ يَسۡتَوِي هُوَ وَمَن يَأۡمُرُ بِٱلۡعَدۡلِ وَهُوَ عَلَىٰ صِرَٰطٍ مُّسۡتَقِيمٍ

Futhi uMvelinqangi wenza isibonelo samadoda amabili oyedwa kubona bobabili uyisimungulu akanamandla okwenza okuthize futhi yena ungumthwalo kumnikazi wakhe noma ngabe umthuma kuphi akabuyi nalutho oluhle, ngakube yena uyalingana yini kanye nalowo ophoqa ngobulungiswa futhi yena esendleleni eqondile na

16:77

وَلِلَّهِ غَيۡبُ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِۚ وَمَآ أَمۡرُ ٱلسَّاعَةِ إِلَّا كَلَمۡحِ ٱلۡبَصَرِ أَوۡ هُوَ أَقۡرَبُۚ إِنَّ ٱللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيۡءٍ قَدِيرٌ

Futhi kungokukaMvelinqangi okungabonwayo okusemazul- wini nasemhlabeni futhi udaba (lokufika) kwehora aliyilutho ngaphandle kokuthi liyoba ngukuphazima kweso noma yena useduzane, ngempela uMvelinqangi unamandla ngaphezu kwazo zonke izinto

16:78

وَٱللَّهُ أَخۡرَجَكُم مِّنۢ بُطُونِ أُمَّهَٰتِكُمۡ لَا تَعۡلَمُونَ شَيۡـًٔا وَجَعَلَ لَكُمُ ٱلسَّمۡعَ وَٱلۡأَبۡصَٰرَ وَٱلۡأَفۡـِٔدَةَ لَعَلَّكُمۡ تَشۡكُرُونَ

Futhi uMvelinqangi wanikhipha eziswini zabomama benu naningazi lutho wanipha ukuzwa nokubona nezinhliziyo ukuze nibe nokubonga

16:79

أَلَمۡ يَرَوۡاْ إِلَى ٱلطَّيۡرِ مُسَخَّرَٰتٍ فِي جَوِّ ٱلسَّمَآءِ مَا يُمۡسِكُهُنَّ إِلَّا ٱللَّهُۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَأٓيَٰتٍ لِّقَوۡمٍ يُؤۡمِنُونَ

Ngakube abaziboni yini izinyoni ezindiza emkhathini wesibhakabhaka akekho ozithintayo ngaphandle kukaMvelinqangi, ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abakholwayo

16:80

وَٱللَّهُ جَعَلَ لَكُم مِّنۢ بُيُوتِكُمۡ سَكَنًا وَجَعَلَ لَكُم مِّن جُلُودِ ٱلۡأَنۡعَٰمِ بُيُوتًا تَسۡتَخِفُّونَهَا يَوۡمَ ظَعۡنِكُمۡ وَيَوۡمَ إِقَامَتِكُمۡ وَمِنۡ أَصۡوَافِهَا وَأَوۡبَارِهَا وَأَشۡعَارِهَآ أَثَٰثًا وَمَتَٰعًا إِلَىٰ حِينٍ

Futhi nguMvelinqangi owaninika indawo yokuhlala ezindlini zenu futhi wanenzela ngezikhumba zezinkomo izindlu zalula (ukuzithwala) mhla nihamba nangamhla nihlala (lapho nifudukele khona) kanye nangovolo noboya bemvu nangoboya (bamakameli nezimbuzi) ukuze kuhlobiseke bahlale kahle okwesikhashana

16:81

وَٱللَّهُ جَعَلَ لَكُم مِّمَّا خَلَقَ ظِلَٰلًا وَجَعَلَ لَكُم مِّنَ ٱلۡجِبَالِ أَكۡنَٰنًا وَجَعَلَ لَكُمۡ سَرَٰبِيلَ تَقِيكُمُ ٱلۡحَرَّ وَسَرَٰبِيلَ تَقِيكُم بَأۡسَكُمۡۚ كَذَٰلِكَ يُتِمُّ نِعۡمَتَهُۥ عَلَيۡكُمۡ لَعَلَّكُمۡ تُسۡلِمُونَ

Futhi nguMvelinqangi owanenzela kulokho akudalile umthunzi futhi wanenzela izindawo zokuphephela ezintabeni futhi wanenzela nezembatho ezinihlenga ekushiseni kanye nezembatho zensimbi ukunihlenga ekwesabeni (empini) uwuphelelisa kanjalo umusa wakhe phezu kwenu ukuze mhlawumbe nizinikele ngaphansi kwentando yakhe

16:82

فَإِن تَوَلَّوۡاْ فَإِنَّمَا عَلَيۡكَ ٱلۡبَلَٰغُ ٱلۡمُبِينُ

Ngakho-ke uma befulathela, kuphela umthwala ophezu kwakho ukudlulisa umyalezo ocacile

16:83

يَعۡرِفُونَ نِعۡمَتَ ٱللَّهِ ثُمَّ يُنكِرُونَهَا وَأَكۡثَرُهُمُ ٱلۡكَٰفِرُونَ

Bayawazi umusa kaMvelinqangi kepha bayawuphika futhi iningi labo alikholwa

16:84

وَيَوۡمَ نَبۡعَثُ مِن كُلِّ أُمَّةٍ شَهِيدًا ثُمَّ لَا يُؤۡذَنُ لِلَّذِينَ كَفَرُواْ وَلَا هُمۡ يُسۡتَعۡتَبُونَ

Futhi ngosuku mhla sivusa ufakazi kuzona zonke izizwe, ithuba angeke lize linikezwe labo abangazange bakholwa

16:85

وَإِذَا رَءَا ٱلَّذِينَ ظَلَمُواْ ٱلۡعَذَابَ فَلَا يُخَفَّفُ عَنۡهُمۡ وَلَا هُمۡ يُنظَرُونَ

Futhi labo abayizoni uma besibona isijeziso, ngakho-ke angeke benziwele (isijeziso) lula futhi angeke banikwe ithuba

16:86

وَإِذَا رَءَا ٱلَّذِينَ أَشۡرَكُواْ شُرَكَآءَهُمۡ قَالُواْ رَبَّنَا هَٰٓؤُلَآءِ شُرَكَآؤُنَا ٱلَّذِينَ كُنَّا نَدۡعُواْ مِن دُونِكَۖ فَأَلۡقَوۡاْ إِلَيۡهِمُ ٱلۡقَوۡلَ إِنَّكُمۡ لَكَٰذِبُونَ

Futhi labo ababekhonza izithixo uma sebezibona izithixo zabo bayothi, “Nkosi yethu lezi izithixo zethu esasizikhonza esikhundleni sakho ngakho-ke bayoyiphonsa kuzona inkulumo, ngempela nina ningabaqambi bamanga”

16:87

وَأَلۡقَوۡاْ إِلَى ٱللَّهِ يَوۡمَئِذٍ ٱلسَّلَمَۖ وَضَلَّ عَنۡهُم مَّا كَانُواْ يَفۡتَرُونَ

Futhi bayozinikela kuMvelinqangi ngalolosuku futhi kuyobalahlekela konke lokho ababekuqamba

16:88

ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ وَصَدُّواْ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ زِدۡنَٰهُمۡ عَذَابًا فَوۡقَ ٱلۡعَذَابِ بِمَا كَانُواْ يُفۡسِدُونَ

Laba abangazange bakholwe futhi bavimbela (abanye) endleleni kaMvelinqangi siyonezelela kubona isijeziso phezu kwesijeziso ngenxa yokuthi babeyizoni

16:89

وَيَوۡمَ نَبۡعَثُ فِي كُلِّ أُمَّةٍ شَهِيدًا عَلَيۡهِم مِّنۡ أَنفُسِهِمۡۖ وَجِئۡنَا بِكَ شَهِيدًا عَلَىٰ هَٰٓؤُلَآءِۚ وَنَزَّلۡنَا عَلَيۡكَ ٱلۡكِتَٰبَ تِبۡيَٰنًا لِّكُلِّ شَيۡءٍ وَهُدًى وَرَحۡمَةً وَبُشۡرَىٰ لِلۡمُسۡلِمِينَ

Futhi ngosuku lapho siyokhipha kuzona izizwe ufakazi (abaphrofethi) abayobhekana nabo bephuma phakathi kwabo bese siletha wena (Muhammad) ukuze ube ngufakazi kubona futhi sayembula kuwena incwadi (iQur’an) echaza zonke izinto neholayo nomusa nezindaba ezimnandi zabazinikeleyo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi

16:90

إِنَّ ٱللَّهَ يَأۡمُرُ بِٱلۡعَدۡلِ وَٱلۡإِحۡسَٰنِ وَإِيتَآيِٕ ذِي ٱلۡقُرۡبَىٰ وَيَنۡهَىٰ عَنِ ٱلۡفَحۡشَآءِ وَٱلۡمُنكَرِ وَٱلۡبَغۡيِۚ يَعِظُكُمۡ لَعَلَّكُمۡ تَذَكَّرُونَ

Ngempela uMvelinqangi uphoqa ngobulungiswa nokwenza okuhle nokupha labo abaseduzane (izihlobo) futhi uyazenqabela izenzo ezimbi nokungahloniphi nengcindezelo, uyaniyala ukuze nikhumbule

16:91

وَأَوۡفُواْ بِعَهۡدِ ٱللَّهِ إِذَا عَٰهَدتُّمۡ وَلَا تَنقُضُواْ ٱلۡأَيۡمَٰنَ بَعۡدَ تَوۡكِيدِهَا وَقَدۡ جَعَلۡتُمُ ٱللَّهَ عَلَيۡكُمۡ كَفِيلًاۚ إِنَّ ٱللَّهَ يَعۡلَمُ مَا تَفۡعَلُونَ

Futhi gcwalisani isivumelwano sikaMvelinqangi uma nenze isivumelwano futhi ningazephuli izifungo emva kokuziqinisekisa kulapho senenze uMvelinqangi waba isiphephelo kunina, ngempela uMvelinqangi uyakwazi konke lokho enikwenzayo

16:92

وَلَا تَكُونُواْ كَٱلَّتِي نَقَضَتۡ غَزۡلَهَا مِنۢ بَعۡدِ قُوَّةٍ أَنكَٰثًا تَتَّخِذُونَ أَيۡمَٰنَكُمۡ دَخَلَۢا بَيۡنَكُمۡ أَن تَكُونَ أُمَّةٌ هِيَ أَرۡبَىٰ مِنۡ أُمَّةٍۚ إِنَّمَا يَبۡلُوكُمُ ٱللَّهُ بِهِۦۚ وَلَيُبَيِّنَنَّ لَكُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ مَا كُنتُمۡ فِيهِ تَخۡتَلِفُونَ

Futhi ningabi njengalowo owesifazane owaqaqa intambo emva kokuba (eseyenzile) yaqina ngokuthatha izifungo zenu zibe (inkohliso) phakathi kwenu, uma esinye isizwe sidlondlobele kunesinye kuphela uMvelinqangi uyanivivinya ngako futhi uyonichazela ngosuku lokuvuka kwabafileyo konke lokho enaniphikisana ngakho

16:93

وَلَوۡ شَآءَ ٱللَّهُ لَجَعَلَكُمۡ أُمَّةً وَٰحِدَةً وَلَٰكِن يُضِلُّ مَن يَشَآءُ وَيَهۡدِي مَن يَشَآءُۚ وَلَتُسۡـَٔلُنَّ عَمَّا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ

Futhi ukube uMvelinqangi wayethanda wayezonenza isizwe esisodwa kepha udukisa lowo amthandayo futhi aholele endleleni eqondile lowo amthandayo futhi ngempela niyobuzwa ngalokho enanikwenza

16:94

وَلَا تَتَّخِذُوٓاْ أَيۡمَٰنَكُمۡ دَخَلَۢا بَيۡنَكُمۡ فَتَزِلَّ قَدَمُۢ بَعۡدَ ثُبُوتِهَا وَتَذُوقُواْ ٱلسُّوٓءَ بِمَا صَدَدتُّمۡ عَن سَبِيلِ ٱللَّهِ وَلَكُمۡ عَذَابٌ عَظِيمٌ

Futhi ningabokwenza izifungo zenu phakathi kwenu ukuthi zibe inkohliso kunjengokushelela konyawo emva kokuqiniseka kwalo futhi yizwani okubi ngenxa yokuthi nanivimbela abantu endleleni kaMvelinqangi futhi okwenu kuyoba isijeziso esikhulu (esinzima)

16:95

وَلَا تَشۡتَرُواْ بِعَهۡدِ ٱللَّهِ ثَمَنًا قَلِيلًاۚ إِنَّمَا عِندَ ٱللَّهِ هُوَ خَيۡرٌ لَّكُمۡ إِن كُنتُمۡ تَعۡلَمُونَ

Futhi ningabothenga isivumelwano sikaMvelinqangi ngenani elincane (ngokungeyinzuzo yalutho) kuphela okukuMvelinqangi kungcono kunina ukuba nje benazi

16:96

مَا عِندَكُمۡ يَنفَدُ وَمَا عِندَ ٱللَّهِ بَاقٍۗ وَلَنَجۡزِيَنَّ ٱلَّذِينَ صَبَرُوٓاْ أَجۡرَهُم بِأَحۡسَنِ مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ

Konke lokho eninako kuyedlula kepha konke lokhu okukuMvelinqangi kuhlala kukhona njalo futhi ngempela siyobanika umvuzo labo ababekezelayo, umvuzo wabo ngenxa yobuhle ababekwenza

16:97

مَنۡ عَمِلَ صَٰلِحًا مِّن ذَكَرٍ أَوۡ أُنثَىٰ وَهُوَ مُؤۡمِنٌ فَلَنُحۡيِيَنَّهُۥ حَيَوٰةً طَيِّبَةًۖ وَلَنَجۡزِيَنَّهُمۡ أَجۡرَهُم بِأَحۡسَنِ مَا كَانُواْ يَعۡمَلُونَ

Lowo owenza izenzo ezilungileyo ngisho noma ngabe owesilisa noma owesifazane ebe engakholwa ngakho-ke siyomenza ukuthi aphile impilo enhle futhi ngempela siyobanika umvuzo, umvuzo wabo ngenxa yobuhle ababekwenza

16:98

فَإِذَا قَرَأۡتَ ٱلۡقُرۡءَانَ فَٱسۡتَعِذۡ بِٱللَّهِ مِنَ ٱلشَّيۡطَٰنِ ٱلرَّجِيمِ

Ngakho-ke uma ufunda iQur’an funa isiphephelo kuMvelinqangi ukuze uphephe kusathane owagxoshwa (embusweni kaMvelinqangi)

16:99

إِنَّهُۥ لَيۡسَ لَهُۥ سُلۡطَٰنٌ عَلَى ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَعَلَىٰ رَبِّهِمۡ يَتَوَكَّلُونَ

Ngempela yena (usathane) akanalo igunya phezu kwalabo abakholwayo futhi babeka ithemba eNkosini yabo

16:100

إِنَّمَا سُلۡطَٰنُهُۥ عَلَى ٱلَّذِينَ يَتَوَلَّوۡنَهُۥ وَٱلَّذِينَ هُم بِهِۦ مُشۡرِكُونَ

Kuphela igunya lakhe liphezu kwalabo abangabangane bakhe kanye nakulabo abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni (abakhonzi bezithixo)

16:101

وَإِذَا بَدَّلۡنَآ ءَايَةً مَّكَانَ ءَايَةٍ وَٱللَّهُ أَعۡلَمُ بِمَا يُنَزِّلُ قَالُوٓاْ إِنَّمَآ أَنتَ مُفۡتَرِۭۚ بَلۡ أَكۡثَرُهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ

Futhi uma sishintsha ivesi endaweni yevesi manjalo uMvelinqangi owazi ngokwedlulele ngalokho akwembulayo (akuthumela phansi) bathi “kuphela wena ungumqambi” (wamanga) kepha iningi labo alazi

16:102

قُلۡ نَزَّلَهُۥ رُوحُ ٱلۡقُدُسِ مِن رَّبِّكَ بِٱلۡحَقِّ لِيُثَبِّتَ ٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَهُدًى وَبُشۡرَىٰ لِلۡمُسۡلِمِينَ

Ithi, “umoya ongcwele (uGabriyeli) oyilethile (iQur’an) evela eNkosini yakho ngeqiniso ukuze iqinise labo abakholwayo, nokubahola futhi ibe njengomlethi wezindaba ezimnandi kwabakholwayo”

16:103

وَلَقَدۡ نَعۡلَمُ أَنَّهُمۡ يَقُولُونَ إِنَّمَا يُعَلِّمُهُۥ بَشَرٌۗ لِّسَانُ ٱلَّذِي يُلۡحِدُونَ إِلَيۡهِ أَعۡجَمِيٌّ وَهَٰذَا لِسَانٌ عَرَبِيٌّ مُّبِينٌ

Futhi ngempela siyazi ukuthi bona bathi, “kuphela ufundiswa ngumuntu ulimi lwalowo abamthatha ngokuthi ungowakwelinye izwe kulapho lolu kungulimi lwesi-Arabhu olucacile”

16:104

إِنَّ ٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِـَٔايَٰتِ ٱللَّهِ لَا يَهۡدِيهِمُ ٱللَّهُ وَلَهُمۡ عَذَابٌ أَلِيمٌ

Ngempela labo abangakholelwa emavesini kaMvelinqangi angeke abaholele endleleni eqondile uMvelinqangi, futhi okwabo isijeziso esibuhlungu

16:105

إِنَّمَا يَفۡتَرِي ٱلۡكَذِبَ ٱلَّذِينَ لَا يُؤۡمِنُونَ بِـَٔايَٰتِ ٱللَّهِۖ وَأُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡكَٰذِبُونَ

Kuphela baqamba amanga labo abangakholelwa emavesini kaMvelinqangi labo-ke yibona abangabaqambi bamanga

16:106

مَن كَفَرَ بِٱللَّهِ مِنۢ بَعۡدِ إِيمَٰنِهِۦٓ إِلَّا مَنۡ أُكۡرِهَ وَقَلۡبُهُۥ مُطۡمَئِنُّۢ بِٱلۡإِيمَٰنِ وَلَٰكِن مَّن شَرَحَ بِٱلۡكُفۡرِ صَدۡرًا فَعَلَيۡهِمۡ غَضَبٌ مِّنَ ٱللَّهِ وَلَهُمۡ عَذَابٌ عَظِيمٌ

Lowo ongakholwa kuMvelinqangi emva kokukholwa kwakhe ngaphandle kwalowo ophoqwayo kanti inhliziyo yakhe eyenelekisekile ngenkolo kepha lowo ovulele ukungakholwa isifuba (sakhe) ngakho-ke kuphezu kwabo ukuthukuthela okuvela kuMvelinqangi futhi okwabo isijeziso esikhulu (esinzima)

16:107

ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمُ ٱسۡتَحَبُّواْ ٱلۡحَيَوٰةَ ٱلدُّنۡيَا عَلَى ٱلۡأٓخِرَةِ وَأَنَّ ٱللَّهَ لَا يَهۡدِي ٱلۡقَوۡمَ ٱلۡكَٰفِرِينَ

Lokho kungenxa yokuthi bona babethanda impilo yalomhlaba kunempilo ezayo nokuthi uMvelinqangi akabaholi abantu abangakholwayo

16:108

أُوْلَٰٓئِكَ ٱلَّذِينَ طَبَعَ ٱللَّهُ عَلَىٰ قُلُوبِهِمۡ وَسَمۡعِهِمۡ وَأَبۡصَٰرِهِمۡۖ وَأُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡغَٰفِلُونَ

Labo yibona uMvelinqangi asicilele izinhliziyo zabo nokuzwa kwabo namehlo abo futhi labo yibona kanye abanganaki

16:109

لَا جَرَمَ أَنَّهُمۡ فِي ٱلۡأٓخِرَةِ هُمُ ٱلۡخَٰسِرُونَ

Ngokungangabazeki ukuthi bona empilweni ezayo bayoba ngabalahlekelweyo

16:110

ثُمَّ إِنَّ رَبَّكَ لِلَّذِينَ هَاجَرُواْ مِنۢ بَعۡدِ مَا فُتِنُواْ ثُمَّ جَٰهَدُواْ وَصَبَرُوٓاْ إِنَّ رَبَّكَ مِنۢ بَعۡدِهَا لَغَفُورٌ رَّحِيمٌ

Besekuthi ngempela iNkosi yakho kulabo ababefuduka beya kwenye indawo emva kokuhlushwa bese beyazabalaza futhi babekezela, ngempela iNkosi yakho emva kwalokho iyathethelela inesihawu

16:111

يَوۡمَ تَأۡتِي كُلُّ نَفۡسٍ تُجَٰدِلُ عَن نَّفۡسِهَا وَتُوَفَّىٰ كُلُّ نَفۡسٍ مَّا عَمِلَتۡ وَهُمۡ لَا يُظۡلَمُونَ

Ngosuku lapho lowo nalowo mphefumulo uyoza uzincengela wona, futhi yonke imiphefumulo iyokhokhelwa ngokugcwele ngalokho ekwenzile futhi yona (imiphefumulo) angeke yenziwe okungenabulungiswa

16:112

وَضَرَبَ ٱللَّهُ مَثَلًا قَرۡيَةً كَانَتۡ ءَامِنَةً مُّطۡمَئِنَّةً يَأۡتِيهَا رِزۡقُهَا رَغَدًا مِّن كُلِّ مَكَانٍ فَكَفَرَتۡ بِأَنۡعُمِ ٱللَّهِ فَأَذَٰقَهَا ٱللَّهُ لِبَاسَ ٱلۡجُوعِ وَٱلۡخَوۡفِ بِمَا كَانُواْ يَصۡنَعُونَ

Futhi uMvelinqangi wenza isibonelo sedolobha elalilondekile lenelisekile (Makkah) kwafika kulona izipho zalo kuzona zonke izindawo kepha lawuphika umusa kaMvelinqangi ngakho-ke uMvelinqangi walizwisa (ubunzima idolobha) ngokulikhungatha ngendlala nokwesaba ngenxa yalokho ababekwenza

16:113

وَلَقَدۡ جَآءَهُمۡ رَسُولٌ مِّنۡهُمۡ فَكَذَّبُوهُ فَأَخَذَهُمُ ٱلۡعَذَابُ وَهُمۡ ظَٰلِمُونَ

Futhi ngempela safika kubona isithunywa esiphuma phakathi kwabo kepha basiphika ngakho-ke isijeziso sabathatha kulapho bona beyizoni

16:114

فَكُلُواْ مِمَّا رَزَقَكُمُ ٱللَّهُ حَلَٰلًا طَيِّبًا وَٱشۡكُرُواْ نِعۡمَتَ ٱللَّهِ إِن كُنتُمۡ إِيَّاهُ تَعۡبُدُونَ

Ngakho-ke yidlani kulokho uMvelinqangi anipha kukona okuvumelekile ukuthi kungadliwa nokuhle bese niyawubonga umusa kaMvelinqangi uma kunguyena kuphela enimkhonzayo

16:115

إِنَّمَا حَرَّمَ عَلَيۡكُمُ ٱلۡمَيۡتَةَ وَٱلدَّمَ وَلَحۡمَ ٱلۡخِنزِيرِ وَمَآ أُهِلَّ لِغَيۡرِ ٱللَّهِ بِهِۦۖ فَمَنِ ٱضۡطُرَّ غَيۡرَ بَاغٍ وَلَا عَادٍ فَإِنَّ ٱللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ

Kuphela akuvumelekile kunina lokho okuzifeleyo negazi kanye nenyama yengulube nalokho okubizwe igama ekungesilona likaMvelinqangi (ngenkathi kubulawa) kepha uma omunye ephoqwa yisimo engaqondile ukungahloniphi nokuphula umthetho ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu

16:116

وَلَا تَقُولُواْ لِمَا تَصِفُ أَلۡسِنَتُكُمُ ٱلۡكَذِبَ هَٰذَا حَلَٰلٌ وَهَٰذَا حَرَامٌ لِّتَفۡتَرُواْ عَلَى ٱللَّهِ ٱلۡكَذِبَۚ إِنَّ ٱلَّذِينَ يَفۡتَرُونَ عَلَى ٱللَّهِ ٱلۡكَذِبَ لَا يُفۡلِحُونَ

Futhi mayelana nalokho okushiwo izilimi zenu okungamanga ningabothi “lokhu kuvumelekile futhi lokhu akuvumelekile” ukuze niqambele uMvelinqangi amanga, ngempela labo abaqambela uMvelinqangi amanga angeke baphunyeleliswe

16:117

مَتَٰعٌ قَلِيلٌ وَلَهُمۡ عَذَابٌ أَلِيمٌ

Injabulo encane bese okwabo kube isijeziso esibuhlungu

16:118

وَعَلَى ٱلَّذِينَ هَادُواْ حَرَّمۡنَا مَا قَصَصۡنَا عَلَيۡكَ مِن قَبۡلُۖ وَمَا ظَلَمۡنَٰهُمۡ وَلَٰكِن كَانُوٓاْ أَنفُسَهُمۡ يَظۡلِمُونَ

Futhi kulabo abangamaJuda sazenqabela lezo zinto esasizishilo kuwena ngaphambilini futhi asizange senze okungalungile kubona kepha imiphefumulo yabo eyenza okungalungile

16:119

ثُمَّ إِنَّ رَبَّكَ لِلَّذِينَ عَمِلُواْ ٱلسُّوٓءَ بِجَهَٰلَةٍ ثُمَّ تَابُواْ مِنۢ بَعۡدِ ذَٰلِكَ وَأَصۡلَحُوٓاْ إِنَّ رَبَّكَ مِنۢ بَعۡدِهَا لَغَفُورٌ رَّحِيمٌ

Besekuthi ngempela iNkosi yakho kulabo abenza okubi ngokungazi bese beyazisola (bacele intethelelo kuMvelinqangi) emva kwalokho bese bayazilungisa, ngempela iNkosi yakho emva kwalokho iyathethelela inesihawu

16:120

إِنَّ إِبۡرَٰهِيمَ كَانَ أُمَّةً قَانِتًا لِّلَّهِ حَنِيفًا وَلَمۡ يَكُ مِنَ ٱلۡمُشۡرِكِينَ

Ngempela u-Abrahamu wayengumholi emhlonipha uMvelinqangi, eqotho futhi wayengesiyena omunye wabakhonza izithixo

16:121

شَاكِرًا لِّأَنۡعُمِهِۚ ٱجۡتَبَىٰهُ وَهَدَىٰهُ إِلَىٰ صِرَٰطٍ مُّسۡتَقِيمٍ

Wayengobongayo mayelana nobubele (ayenzelwe bona nguMvelinqangi), (uMvelinqangi) wamkhetha futhi wamholela endleleni eqondile

16:122

وَءَاتَيۡنَٰهُ فِي ٱلدُّنۡيَا حَسَنَةًۖ وَإِنَّهُۥ فِي ٱلۡأٓخِرَةِ لَمِنَ ٱلصَّٰلِحِينَ

Futhi samnika okuhle lapha emhlabeni futhi ngempela yena empilweni ezaya uyokuba ngomunye wabalungileyo

16:123

ثُمَّ أَوۡحَيۡنَآ إِلَيۡكَ أَنِ ٱتَّبِعۡ مِلَّةَ إِبۡرَٰهِيمَ حَنِيفًاۖ وَمَا كَانَ مِنَ ٱلۡمُشۡرِكِينَ

Sabe sesithumela kuwena isembulo (sathi) “landela inkolo ka- Abrahamu oqotho futhi wayengesiyena omunye wabakhonzi bezithixo”

16:124

إِنَّمَا جُعِلَ ٱلسَّبۡتُ عَلَى ٱلَّذِينَ ٱخۡتَلَفُواْ فِيهِۚ وَإِنَّ رَبَّكَ لَيَحۡكُمُ بَيۡنَهُمۡ يَوۡمَ ٱلۡقِيَٰمَةِ فِيمَا كَانُواْ فِيهِ يَخۡتَلِفُونَ

Kuphela isabatha lalibekelwe labo ababephikisana ngalo futhi ngempela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo mayelana nalokho ababephikisana ngakho

16:125

ٱدۡعُ إِلَىٰ سَبِيلِ رَبِّكَ بِٱلۡحِكۡمَةِ وَٱلۡمَوۡعِظَةِ ٱلۡحَسَنَةِۖ وَجَٰدِلۡهُم بِٱلَّتِي هِيَ أَحۡسَنُۚ إِنَّ رَبَّكَ هُوَ أَعۡلَمُ بِمَن ضَلَّ عَن سَبِيلِهِۦ وَهُوَ أَعۡلَمُ بِٱلۡمُهۡتَدِينَ

Memela endleleni yeNkosi yakho ngobuhlakani nangentshumayelo enhle futhi uphikisane nabo ngalokho okuhle (ngendlela enhle) ngempela iNkosi yakho yona yazi ngokwedlulele ngalowo odukile endleleni yayo futhi yona yazi kangcono ngabaholiweyo

16:126

وَإِنۡ عَاقَبۡتُمۡ فَعَاقِبُواْ بِمِثۡلِ مَا عُوقِبۡتُم بِهِۦۖ وَلَئِن صَبَرۡتُمۡ لَهُوَ خَيۡرٌ لِّلصَّٰبِرِينَ

Uma nijezisa, ngakho-ke jezisani ngokulinganayo nalokho enanijeziswe ngakho, kepha uma nibekezela ngempela kungcono kwababekezelayo

16:127

وَٱصۡبِرۡ وَمَا صَبۡرُكَ إِلَّا بِٱللَّهِۚ وَلَا تَحۡزَنۡ عَلَيۡهِمۡ وَلَا تَكُ فِي ضَيۡقٍ مِّمَّا يَمۡكُرُونَ

Futhi bekezela, ukubekezela kwakho angeke kube khona ngaphandle kukaMvelinqangi futhi ungaphatheki kabi ngabo futhi ungaphatheki kabi ngenxa yalokho abakucebayo

16:128

إِنَّ ٱللَّهَ مَعَ ٱلَّذِينَ ٱتَّقَواْ وَّٱلَّذِينَ هُم مُّحۡسِنُونَ

Ngempela uMvelinqangi ukanye nalabo abenza okulungileyo kanye nalabo abangabenzi bokuhle

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.