Surah 92 · 21 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-Layl in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

92:1

وَٱلَّيۡلِ إِذَا يَغۡشَىٰ

Ngifunga ngobusuku uma bumboza (ngobumnyama)

92:2

وَٱلنَّهَارِ إِذَا تَجَلَّىٰ

Futhi ngifunga ngemini uma ivela

92:3

وَمَا خَلَقَ ٱلذَّكَرَ وَٱلۡأُنثَىٰٓ

Futhi ngifunga ngalowo owadala isilisa nesifazane

92:4

إِنَّ سَعۡيَكُمۡ لَشَتَّىٰ

Ngempela ukuzabalaza kwenu kwehlukahlukene

92:5

فَأَمَّا مَنۡ أَعۡطَىٰ وَٱتَّقَىٰ

Mayelana nalowo onikezayo futhi asabe (uMvelinqangi)

92:6

وَصَدَّقَ بِٱلۡحُسۡنَىٰ

Futhi akholelwe kokuhle kakhulu

92:7

فَسَنُيَسِّرُهُۥ لِلۡيُسۡرَىٰ

Manjalo siyomenzela lula indlela elula

92:8

وَأَمَّا مَنۢ بَخِلَ وَٱسۡتَغۡنَىٰ

Futhi mayelana nalowo oncishanayo futhi ozibona ukuthi

92:9

وَكَذَّبَ بِٱلۡحُسۡنَىٰ

Futhi uphika okuhle kakhulu

92:10

فَسَنُيَسِّرُهُۥ لِلۡعُسۡرَىٰ

Manjalo siyomenzela lula indlela eya ebunzimeni

92:11

وَمَا يُغۡنِي عَنۡهُ مَالُهُۥٓ إِذَا تَرَدَّىٰٓ

Futhi ayimsizi ingcebo yakhe uma esewa (efa)

92:12

إِنَّ عَلَيۡنَا لَلۡهُدَىٰ

Ngempela kuphezulu kwethu ukuholwa

92:13

وَإِنَّ لَنَا لَلۡأٓخِرَةَ وَٱلۡأُولَىٰ

Futhi ngempela ngeyethu impilo ezayo neyamanje

92:14

فَأَنذَرۡتُكُمۡ نَارًا تَلَظَّىٰ

Ngakho-ke nganexwayisa ngomlilo ovuthayo

92:15

لَا يَصۡلَىٰهَآ إِلَّا ٱلۡأَشۡقَى

Akekho oyongena kuwona ngaphandle koyisoni kakhulu

92:16

ٱلَّذِي كَذَّبَ وَتَوَلَّىٰ

Lowo owaphika futhi wafulathela (endleleni eqondile)

92:17

وَسَيُجَنَّبُهَا ٱلۡأَتۡقَى

Futhi uyokuqhelelaniswa nabalungileyo

92:18

ٱلَّذِي يُؤۡتِي مَالَهُۥ يَتَزَكَّىٰ

Lowo onikela ngengcebo yakhe ukuze azihlanze

92:19

وَمَا لِأَحَدٍ عِندَهُۥ مِن نِّعۡمَةٍ تُجۡزَىٰٓ

Futhi akukho ngisho nakoyedwa kuyena emseni ukuze anikezwe wona

92:20

إِلَّا ٱبۡتِغَآءَ وَجۡهِ رَبِّهِ ٱلۡأَعۡلَىٰ

Ngaphandle kokufuna ubuso beNkosi yakhe, ephakeme kakhulu

92:21

وَلَسَوۡفَ يَرۡضَىٰ

Futhi uzothokoza

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.