Surah 96 · 19 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah Al-'Alaq in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

96:1

ٱقۡرَأۡ بِٱسۡمِ رَبِّكَ ٱلَّذِي خَلَقَ

Funda ngegama leNkosi yakho eyadala

96:2

خَلَقَ ٱلۡإِنسَٰنَ مِنۡ عَلَقٍ

Eyadala umuntu ngehlule

96:3

ٱقۡرَأۡ وَرَبُّكَ ٱلۡأَكۡرَمُ

Funda, futhi iNkosi yakho inobubele kakhulu

96:4

ٱلَّذِي عَلَّمَ بِٱلۡقَلَمِ

Okuyiyona eyafundisa ngepeni lokubhala

96:5

عَلَّمَ ٱلۡإِنسَٰنَ مَا لَمۡ يَعۡلَمۡ

Yafundisa umuntu lokho angakwazi

96:6

كـَلَّآ إِنَّ ٱلۡإِنسَٰنَ لَيَطۡغَىٰٓ

Lutho! Ngempela umuntu wephula umthetho (kaMvelinqangi)

96:7

أَن رَّءَاهُ ٱسۡتَغۡنَىٰٓ

Uma ezibona ukuthi akadingi lutho

96:8

إِنَّ إِلَىٰ رَبِّكَ ٱلرُّجۡعَىٰٓ

Ngempela kuseNkosini yakho ukuphindela

96:9

أَرَءَيۡتَ ٱلَّذِي يَنۡهَىٰ

Ngakube umbonile yini lowo (u-Abujali)ovimba

96:10

عَبۡدًا إِذَا صَلَّىٰٓ

Inceku (umphrofethi) uma ithandaza

96:11

أَرَءَيۡتَ إِن كَانَ عَلَى ٱلۡهُدَىٰٓ

Ngakube ubonile yini uma esekuholweni

96:12

أَوۡ أَمَرَ بِٱلتَّقۡوَىٰٓ

Noma ayale ngokulunga

96:13

أَرَءَيۡتَ إِن كَذَّبَ وَتَوَلَّىٰٓ

Ngakube ubonile yini uma ephika futhi efulathela (iqiniso)

96:14

أَلَمۡ يَعۡلَم بِأَنَّ ٱللَّهَ يَرَىٰ

Akazi yini ukuthi uMvelinqangi uyabona

96:15

كـَلَّا لَئِن لَّمۡ يَنتَهِ لَنَسۡفَعَۢا بِٱلنَّاصِيَةِ

Lutho! Uma engaphezi, ngempela siyomdonsa ngesihlonti

96:16

نَاصِيَةٍ كَٰذِبَةٍ خَاطِئَةٍ

Isiphongo esiqamba amanga esiyisoni

96:17

فَلۡيَدۡعُ نَادِيَهُۥ

Ngakho-ke akabize iqembu lakhe

96:18

سَنَدۡعُ ٱلزَّبَانِيَةَ

Siyobiza abaqaphi besihogo

96:19

كـَلَّا لَا تُطِعۡهُ وَٱسۡجُدۡۤ وَٱقۡتَرِب

Lutho! Ungamhloniphi kodwa guqa phansi futhi usondele (kuMvelinqangi)

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.