Surah 86 · 17 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman

Surah At-Tariq in Zulu

In English with tafsir

بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ

86:1

وَٱلسَّمَآءِ وَٱلطَّارِقِ

Ngifunga ngesibhakabhaka nangokukhanyayo ebusuku

86:2

وَمَآ أَدۡرَىٰكَ مَا ٱلطَّارِقُ

Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini okukhanyayo ebusuku

86:3

ٱلنَّجۡمُ ٱلثَّاقِبُ

Yinkanyezi ekhanyayo

86:4

إِن كُلُّ نَفۡسٍ لَّمَّا عَلَيۡهَا حَافِظٌ

Awukho umphefumulo kepha phezu kwawo kunomlondolozi

86:5

فَلۡيَنظُرِ ٱلۡإِنسَٰنُ مِمَّ خُلِقَ

Ngakho-ke akabheke umuntu ukuthi wadalwa ngani

86:6

خُلِقَ مِن مَّآءٍ دَافِقٍ

Wadalwa ngamanzi (uketshezi) olukhishwa (owesilisa nowesifazane) isidoda

86:7

يَخۡرُجُ مِنۢ بَيۡنِ ٱلصُّلۡبِ وَٱلتَّرَآئِبِ

Aphuma phakathi emgogodleni nasezimbanjeni

86:8

إِنَّهُۥ عَلَىٰ رَجۡعِهِۦ لَقَادِرٌ

Ngempela yena (uMvelinqangi) uyakwazi ukumphindisela emumva (empilweni)

86:9

يَوۡمَ تُبۡلَى ٱلسَّرَآئِرُ

Ngosuku lapho izimfihlo ziyolingwa (ziyovezwa obala)

86:10

فَمَا لَهُۥ مِن قُوَّةٍ وَلَا نَاصِرٍ

Ngifunga ngakho-ke angeke abenawo amandla nomsizi

86:11

وَٱلسَّمَآءِ ذَاتِ ٱلرَّجۡعِ

Futhi ngifunga ngezulu (ngesibhakabhaka) esiletha imvula ngokuphindelela

86:12

وَٱلۡأَرۡضِ ذَاتِ ٱلصَّدۡعِ

Futhi ngifunga ngomhlaba ngenkathi uqhekeka phakathi

86:13

إِنَّهُۥ لَقَوۡلٌ فَصۡلٌ

Ngempela kona kuyinkulumo ehlukanisayo (okuhle nokubi)

86:14

وَمَا هُوَ بِٱلۡهَزۡلِ

Futhi kona akuyiwona umdlalo

86:15

إِنَّهُمۡ يَكِيدُونَ كَيۡدًا

Ngempela bona benza icebo

86:16

وَأَكِيدُ كَيۡدًا

Futhi nami ngenza icebo

86:17

فَمَهِّلِ ٱلۡكَٰفِرِينَ أَمۡهِلۡهُمۡ رُوَيۡدَۢا

Ngakho-ke banike ithuba abangakholwa, bayekwe okwesikhashana ngobumnene

Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.