بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
88:1هَلۡ أَتَىٰكَ حَدِيثُ ٱلۡغَٰشِيَةِ
Ngakube seyafika yini kuwena indaba yesehlakalo esehlulayo
88:2وُجُوهٌ يَوۡمَئِذٍ خَٰشِعَةٌ
Ubuso ngalolosuku buyothotshiswa
88:3عَامِلَةٌ نَّاصِبَةٌ
Busebenza bukhandlekile
88:4تَصۡلَىٰ نَارًا حَامِيَةً
Bungena emlilweni ovuthayo
88:5تُسۡقَىٰ مِنۡ عَيۡنٍ ءَانِيَةٍ
Buphuziswa esiphethwini esibilayo
88:6لَّيۡسَ لَهُمۡ طَعَامٌ إِلَّا مِن ضَرِيعٍ
Abanako ukudla ngaphandle kwesihlahla sameva sasesihogweni
88:7لَّا يُسۡمِنُ وَلَا يُغۡنِي مِن جُوعٍ
Isihlahla asondli futhi asisizi ekulweni nendlala
88:8وُجُوهٌ يَوۡمَئِذٍ نَّاعِمَةٌ
(Obunye) ubuso ngalolosuku buyothokoza
88:9لِّسَعۡيِهَا رَاضِيَةٌ
Buthokozela imizamo yabo
88:10فِي جَنَّةٍ عَالِيَةٍ
Esivandeni esiphakeme
88:11لَّا تَسۡمَعُ فِيهَا لَٰغِيَةً
Awuyizwa lapho phakathi inkulumo eyilize (engamanga)
88:12فِيهَا عَيۡنٌ جَارِيَةٌ
Lapho phakathi kunomthombo ogelezayo
88:13فِيهَا سُرُرٌ مَّرۡفُوعَةٌ
Lapho phakathi kunemibhede ephakanyisiwe
88:14وَأَكۡوَابٌ مَّوۡضُوعَةٌ
Nezinkomishi ezibekiwe
88:15وَنَمَارِقُ مَصۡفُوفَةٌ
Nemiqamelo ebekwe yaba uhlu
88:16وَزَرَابِيُّ مَبۡثُوثَةٌ
Kanye nabokhaphethi abendlaliwe
88:17أَفَلَا يَنظُرُونَ إِلَى ٱلۡإِبِلِ كَيۡفَ خُلِقَتۡ
Ngakube abawaboni yini amakameli ukuthi adalwa kanjani na
88:18وَإِلَى ٱلسَّمَآءِ كَيۡفَ رُفِعَتۡ
Nesibhakabhaka ukuthi saphakanyiswa kanjani
88:19وَإِلَى ٱلۡجِبَالِ كَيۡفَ نُصِبَتۡ
Nezintaba ukuthi zakhiwa kanjani
88:20وَإِلَى ٱلۡأَرۡضِ كَيۡفَ سُطِحَتۡ
Nomhlaba ukuthi wendlalwa kanjani
88:21فَذَكِّرۡ إِنَّمَآ أَنتَ مُذَكِّرٌ
Ngakho-ke khumbuza, kuphela wena ungumkhumbuzi
88:22لَّسۡتَ عَلَيۡهِم بِمُصَيۡطِرٍ
Awusiyena umphoqi kubona ukuthi bakholwe
88:23إِلَّا مَن تَوَلَّىٰ وَكَفَرَ
Ngaphandle kwalowo ofulathelayo futhi angakholwa
88:24فَيُعَذِّبُهُ ٱللَّهُ ٱلۡعَذَابَ ٱلۡأَكۡبَرَ
Ngakho-ke uMvelinqangi uyomjezisa ngesijeziso esikhulu kakhulu
88:25إِنَّ إِلَيۡنَآ إِيَابَهُمۡ
Ngempela kukuthina ukuphindela kwabo
88:26ثُمَّ إِنَّ عَلَيۡنَا حِسَابَهُم
Bese ngempela kuba kuthina ukubalelwa kwabo
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.