Surah 52 · 49 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Surah At-Tur in Zulu
بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
يَوۡمَ تَمُورُ ٱلسَّمَآءُ مَوۡرًا
Khumbula usuku lapho izulu liyobe lizamazama ngokuzamazama (okunamandla)
وَتَسِيرُ ٱلۡجِبَالُ سَيۡرًا
Futhi izintaba ziyogudluka ukugudluka (okubi) ziyodilika zibe wuthuli
يَوۡمَ يُدَعُّونَ إِلَىٰ نَارِ جَهَنَّمَ دَعًّا
Ngosuku abayolethwa ngalo emlilweni wesihogo belethwa ngokuphoqwa
أَفَسِحۡرٌ هَٰذَآ أَمۡ أَنتُمۡ لَا تُبۡصِرُونَ
Ngakube umlingo yini lona, noma nina aniboni yini na
ٱصۡلَوۡهَا فَٱصۡبِرُوٓاْ أَوۡ لَا تَصۡبِرُواْ سَوَآءٌ عَلَيۡكُمۡۖ إِنَّمَا تُجۡزَوۡنَ مَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ
Ngenani kusona (isihogo) noma ngabe niyabekezela noma anibekezeli kuyefana kunina, kuphela ninikwa umvuzo walokho nina enanikwenza
إِنَّ ٱلۡمُتَّقِينَ فِي جَنَّٰتٍ وَنَعِيمٍ
Ngempela abalungileyo bayokuba sezivandeni nasenjabulweni
فَٰكِهِينَ بِمَآ ءَاتَىٰهُمۡ رَبُّهُمۡ وَوَقَىٰهُمۡ رَبُّهُمۡ عَذَابَ ٱلۡجَحِيمِ
Bethokoza ngenxa yalokho abakunikwa yiNkosi yabo futhi yabasindisa iNkosi yabo esijezisweni somlilo ovuthayo
كُلُواْ وَٱشۡرَبُواْ هَنِيٓـَٔۢا بِمَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ
Yidlani futhi niphuze ngenjabulo ngenxa yalokho nina enanikwenza
مُتَّكِـِٔينَ عَلَىٰ سُرُرٍ مَّصۡفُوفَةٍۖ وَزَوَّجۡنَٰهُم بِحُورٍ عِينٍ
Bacambalale emibhedeni engolayini (ekelile) futhi sibashadise nabesifazane abahle abanamehlo amakhulu amahle
وَٱلَّذِينَ ءَامَنُواْ وَٱتَّبَعَتۡهُمۡ ذُرِّيَّتُهُم بِإِيمَٰنٍ أَلۡحَقۡنَا بِهِمۡ ذُرِّيَّتَهُمۡ وَمَآ أَلَتۡنَٰهُم مِّنۡ عَمَلِهِم مِّن شَيۡءٍۚ كُلُّ ٱمۡرِيِٕۭ بِمَا كَسَبَ رَهِينٌ
Futhi labo abakholwayo futhi balandelwe yinzalo yabo ngokukholwa, siyoyihlanganisa nabo inzalo yabo futhi angeke sibanciphisele ngalutho ezenzweni zabo, bonke abantu banesethembiso ngalokho abakusebenzele
وَأَمۡدَدۡنَٰهُم بِفَٰكِهَةٍ وَلَحۡمٍ مِّمَّا يَشۡتَهُونَ
Futhi siyobandisela ezithelweni nasenyameni kulokho abakufisayo
يَتَنَٰزَعُونَ فِيهَا كَأۡسًا لَّا لَغۡوٌ فِيهَا وَلَا تَأۡثِيمٌ
Lapho bayonikezana inkomishi, angeke ibekhona lapho inkulumo embi futhi akukho ukwenza isono
وَيَطُوفُ عَلَيۡهِمۡ غِلۡمَانٌ لَّهُمۡ كَأَنَّهُمۡ لُؤۡلُؤٌ مَّكۡنُونٌ
Futhibayobazungelezaabafana(kwenzelwa) bona, okusengathi bona bawubuhlalu obulondoloziwe
وَأَقۡبَلَ بَعۡضُهُمۡ عَلَىٰ بَعۡضٍ يَتَسَآءَلُونَ
Futhi abanye babo bayosondela kwabanye bebuzana
قَالُوٓاْ إِنَّا كُنَّا قَبۡلُ فِيٓ أَهۡلِنَا مُشۡفِقِينَ
Bethi, “ngempela thina ngaphambilini kubantu bethu sasesaba”
فَمَنَّ ٱللَّهُ عَلَيۡنَا وَوَقَىٰنَا عَذَابَ ٱلسَّمُومِ
Kepha uMvelinqangi wabanomusa kuthina futhi wasisindisa esijezisweni somlilo
إِنَّا كُنَّا مِن قَبۡلُ نَدۡعُوهُۖ إِنَّهُۥ هُوَ ٱلۡبَرُّ ٱلرَّحِيمُ
Ngempela thina ngaphambilini sasibiza yena, ngempela nguyena omnene onesihawu
فَذَكِّرۡ فَمَآ أَنتَ بِنِعۡمَتِ رَبِّكَ بِكَاهِنٍ وَلَا مَجۡنُونٍ
Ngakho-ke khumbuza ngobubele beNkosi yakho wena awusisona isangoma noma uhlanya
أَمۡ يَقُولُونَ شَاعِرٌ نَّتَرَبَّصُ بِهِۦ رَيۡبَ ٱلۡمَنُونِ
Noma ngakube bathi, “imbongi silindele ngayo isehlakalo sesikhathi”
قُلۡ تَرَبَّصُواْ فَإِنِّي مَعَكُم مِّنَ ٱلۡمُتَرَبِّصِينَ
Ithi, “lindani ngakho-ke ngempela mina ngikanye nani kwabalindileyo”
أَمۡ تَأۡمُرُهُمۡ أَحۡلَٰمُهُم بِهَٰذَآۚ أَمۡ هُمۡ قَوۡمٌ طَاغُونَ
Noma ngakube baphoqwa yimiqondo yabo ngalokhu, noma bona bangabantu abephula umthetho
فَلۡيَأۡتُواْ بِحَدِيثٍ مِّثۡلِهِۦٓ إِن كَانُواْ صَٰدِقِينَ
Abalethe inkulumo efana nayo uma kungukuthi baneqiniso
أَمۡ خُلِقُواْ مِنۡ غَيۡرِ شَيۡءٍ أَمۡ هُمُ ٱلۡخَٰلِقُونَ
Noma abazange badalwe ngalutho (yilutho) noma bona uqobo bangabadali
أَمۡ خَلَقُواْ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَۚ بَل لَّا يُوقِنُونَ
Noma ngakube bawadala amazulu nomhlaba? Kepha abaqinisekile
أَمۡ عِندَهُمۡ خَزَآئِنُ رَبِّكَ أَمۡ هُمُ ٱلۡمُصَۜيۡطِرُونَ
Noma ngakube baneminotho yeNkosi yakho noma bona bangabaphathi (beminotho)
أَمۡ لَهُمۡ سُلَّمٌ يَسۡتَمِعُونَ فِيهِۖ فَلۡيَأۡتِ مُسۡتَمِعُهُم بِسُلۡطَٰنٍ مُّبِينٍ
Noma ngakube banaso yini isitebhisi abezwa ngaso? Manjalo akeze umlaleli wabo negunya elicacile
أَمۡ لَهُ ٱلۡبَنَٰتُ وَلَكُمُ ٱلۡبَنُونَ
Noma ngakube okwakhe amadodakazi kulapho okwenu kungamadodana
أَمۡ تَسۡـَٔلُهُمۡ أَجۡرًا فَهُم مِّن مَّغۡرَمٍ مُّثۡقَلُونَ
Noma ngakube ubacela umvuzo ukuze basindwe yizikweletu
أَمۡ عِندَهُمُ ٱلۡغَيۡبُ فَهُمۡ يَكۡتُبُونَ
Noma ngakube banokungabonwa bona abakuloba phansi na
أَمۡ يُرِيدُونَ كَيۡدًاۖ فَٱلَّذِينَ كَفَرُواْ هُمُ ٱلۡمَكِيدُونَ
Noma ngakube bafuna ukwenza icebo? Kepha labo abangakholwanga yibona abangabenzi bamacebo
أَمۡ لَهُمۡ إِلَٰهٌ غَيۡرُ ٱللَّهِۚ سُبۡحَٰنَ ٱللَّهِ عَمَّا يُشۡرِكُونَ
Noma ngakube (banomunnye) unkulunkulu okungasiyena uMvelinqangi? Udumo malube kuMvelinqangi ngaphezulu kwalokho abamenzela ngakho abahlanganyeli ekumkhonzeni
وَإِن يَرَوۡاْ كِسۡفًا مِّنَ ٱلسَّمَآءِ سَاقِطًا يَقُولُواْ سَحَابٌ مَّرۡكُومٌ
Futhi uma babengayibona ingxenye yesibhakabhaka iwa babezothi, “amafu anqwabelene ndawonye”
فَذَرۡهُمۡ حَتَّىٰ يُلَٰقُواْ يَوۡمَهُمُ ٱلَّذِي فِيهِ يُصۡعَقُونَ
Ngakho-ke bayeke kuze kube bahlangana nosuku lwabo abayoshawa ngalo
يَوۡمَ لَا يُغۡنِي عَنۡهُمۡ كَيۡدُهُمۡ شَيۡـًٔا وَلَا هُمۡ يُنصَرُونَ
Usuku lapho lingeke libasize ngalutho icebo labo futhi bona angeke balekelelwe
وَإِنَّ لِلَّذِينَ ظَلَمُواْ عَذَابًا دُونَ ذَٰلِكَ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ
Futhi ngempela okwalabo abenza okungalungile yisijeziso okungeyisona leso (kukhona esinye isijeziso ngaphandle kwaleso) kepha iningi labo alazi
وَٱصۡبِرۡ لِحُكۡمِ رَبِّكَ فَإِنَّكَ بِأَعۡيُنِنَاۖ وَسَبِّحۡ بِحَمۡدِ رَبِّكَ حِينَ تَقُومُ
Futhi (silindile) ngokubekezela isinqumo seNkosi yakho ngokuba ngempela wena usemehlweni ethu futhi phakamisani indumiso yeNkosi yakho uma uvuka
وَمِنَ ٱلَّيۡلِ فَسَبِّحۡهُ وَإِدۡبَٰرَ ٱلنُّجُومِ
Nasebusuku yidumise (iNkosi yakho) nasekusitheleni kwezinkanyezi
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.