Surah 78 · 40 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Surah An-Naba in Zulu
بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
أَلَمۡ نَجۡعَلِ ٱلۡأَرۡضَ مِهَٰدًا
Asizange yini siwenze umhlaba ube umbhede (indawo yokuphumula) na
وَأَنزَلۡنَا مِنَ ٱلۡمُعۡصِرَٰتِ مَآءً ثَجَّاجًا
Futhi sehlisela phansi amanzi aphophozayo avela amafini
يَوۡمَ يُنفَخُ فِي ٱلصُّورِ فَتَأۡتُونَ أَفۡوَاجًا
Usuku okuyoshawa ngalo icilongo bese niyeza niyizixuku
لَّا يَذُوقُونَ فِيهَا بَرۡدًا وَلَا شَرَابًا
Angeke bazwe phakathi kusona ukubanda futhi angeke (zithole) ukuphuza
فَذُوقُواْ فَلَن نَّزِيدَكُمۡ إِلَّا عَذَابًا
Ngakho-ke yizwani, manjalo angeke sininezelele ngalutho ngaphandle kwesijeziso
إِنَّ لِلۡمُتَّقِينَ مَفَازًا
Ngempela okwabalungileyo (abamesabayo uMvelinqangi) okwabo yimpumelelo
لَّا يَسۡمَعُونَ فِيهَا لَغۡوًا وَلَا كِذَّٰبًا
Lapho phakathi abayizwa inkulumo eyize noma amanga
رَّبِّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا بَيۡنَهُمَا ٱلرَّحۡمَٰنِۖ لَا يَمۡلِكُونَ مِنۡهُ خِطَابًا
INkosi yamazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili(iNkosi) enomusa, abangakwaziukukhuluma nayo
يَوۡمَ يَقُومُ ٱلرُّوحُ وَٱلۡمَلَٰٓئِكَةُ صَفًّاۖ لَّا يَتَكَلَّمُونَ إِلَّا مَنۡ أَذِنَ لَهُ ٱلرَّحۡمَٰنُ وَقَالَ صَوَابًا
Ngosuku lapho uGabriyeli nezingelosi kuyokuma ngabolayini, angeke bakhulume ngaphandle kwalowo ovunyelwe (uMvelinqangi) onomusa futhi akhulume okulungile
ذَٰلِكَ ٱلۡيَوۡمُ ٱلۡحَقُّۖ فَمَن شَآءَ ٱتَّخَذَ إِلَىٰ رَبِّهِۦ مَـَٔابًا
Lolo wusuku lwangempela, manjalo noma ngabe ngubani othanda ukuthatha isiphephelo eNkosini yakhe
إِنَّآ أَنذَرۡنَٰكُمۡ عَذَابًا قَرِيبًا يَوۡمَ يَنظُرُ ٱلۡمَرۡءُ مَا قَدَّمَتۡ يَدَاهُ وَيَقُولُ ٱلۡكَافِرُ يَٰلَيۡتَنِي كُنتُ تُرَٰبَۢا
Ngempela sanixwayisa ngesijeziso esiseduze, usuku lapho umuntu eyobona lokho okuthunyelwe ngaphambili yizandla zakhe futhi bayothi abangakholwa “Oh ngifisa sengathi ngangiwuthuli”
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.