Surah 44 · 59 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Surah Ad-Dukhan in Zulu
بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
إِنَّآ أَنزَلۡنَٰهُ فِي لَيۡلَةٍ مُّبَٰرَكَةٍۚ إِنَّا كُنَّا مُنذِرِينَ
Ngempela sayithumela phansi ebusuku obubusisiwe, ngempela thina sasingabaxwayisi
أَمۡرًا مِّنۡ عِندِنَآۚ إِنَّا كُنَّا مُرۡسِلِينَ
Udaba oluvela kuthina, ngempela thina sasingabathumeli
رَحۡمَةً مِّن رَّبِّكَۚ إِنَّهُۥ هُوَ ٱلسَّمِيعُ ٱلۡعَلِيمُ
Umusa ovela eNkosini yakho, ngempela yona ingezwayo eyaziyo
رَبِّ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضِ وَمَا بَيۡنَهُمَآۖ إِن كُنتُم مُّوقِنِينَ
INkosi yamazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ukube nina beniqinisekile
لَآ إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ يُحۡيِۦ وَيُمِيتُۖ رَبُّكُمۡ وَرَبُّ ءَابَآئِكُمُ ٱلۡأَوَّلِينَ
Akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwakhe (uMvelinqangi) uyaphilisa futhi uyabulala, iNkosi yenu neNkosi yobaba benu basendulo
فَٱرۡتَقِبۡ يَوۡمَ تَأۡتِي ٱلسَّمَآءُ بِدُخَانٍ مُّبِينٍ
Ngakho-ke lindela usuku lapho isibhababhaka siyoletha intuthu egqamile
رَّبَّنَا ٱكۡشِفۡ عَنَّا ٱلۡعَذَابَ إِنَّا مُؤۡمِنُونَ
Nkosi yethu sisuse kuthina isijeziso, ngempela singabakholwayo
أَنَّىٰ لَهُمُ ٱلذِّكۡرَىٰ وَقَدۡ جَآءَهُمۡ رَسُولٌ مُّبِينٌ
Bangaba kanjani nesikhumbuzo kulapho sezafika kubona izithunywa ezicacile
ثُمَّ تَوَلَّوۡاْ عَنۡهُ وَقَالُواْ مُعَلَّمٌ مَّجۡنُونٌ
Babe sebeyasifulathela (isithunywa) futhi bathi, “sifundisiwe futhi siyahlanya”
إِنَّا كَاشِفُواْ ٱلۡعَذَابِ قَلِيلًاۚ إِنَّكُمۡ عَآئِدُونَ
Ngempela siyasisusa isijeziso kancane ngempela nina niyaphindela (ekoneni)
يَوۡمَ نَبۡطِشُ ٱلۡبَطۡشَةَ ٱلۡكُبۡرَىٰٓ إِنَّا مُنتَقِمُونَ
Ngosuku lapho siyobashaya ngokushaya okukhulu, ngempela thina singabaziphindiselayo
وَلَقَدۡ فَتَنَّا قَبۡلَهُمۡ قَوۡمَ فِرۡعَوۡنَ وَجَآءَهُمۡ رَسُولٌ كَرِيمٌ
Futhi ngempela sabalinga ngaphambilini kwabo abantu baFaro, futhi safika kubona isithunywa esihloniphekile
أَنۡ أَدُّوٓاْ إِلَيَّ عِبَادَ ٱللَّهِۖ إِنِّي لَكُمۡ رَسُولٌ أَمِينٌ
(UMose wathi), “zikhulule zize kimina izinceku zikaMvelinqangi, ngempela mina ngiyisithunywa esihloniphekile kunina”
وَأَن لَّا تَعۡلُواْ عَلَى ٱللَّهِۖ إِنِّيٓ ءَاتِيكُم بِسُلۡطَٰنٍ مُّبِينٍ
Futhi ningaziphakamisi ngokuphambene noMvelinqangi, ngempela mina ngize kunina negunya elicacile
وَإِنِّي عُذۡتُ بِرَبِّي وَرَبِّكُمۡ أَن تَرۡجُمُونِ
Futhi ngempela ngifune isiphephelo eNkosini yami neNkosi yenu hleze ningikhande ngamatshe
فَدَعَا رَبَّهُۥٓ أَنَّ هَٰٓؤُلَآءِ قَوۡمٌ مُّجۡرِمُونَ
(UMose) wabe esebiza iNkosi yakhe ukuthi laba bangabantu abayizoni
فَأَسۡرِ بِعِبَادِي لَيۡلًا إِنَّكُم مُّتَّبَعُونَ
Ngakho-ke hamba nezinceku zami ebusuku ngempela nina nizolandelwa
وَٱتۡرُكِ ٱلۡبَحۡرَ رَهۡوًاۖ إِنَّهُمۡ جُندٌ مُّغۡرَقُونَ
Futhi ushiye ulwandle lucwebile ngempela bona bayimpi ezominza
كَذَٰلِكَۖ وَأَوۡرَثۡنَٰهَا قَوۡمًا ءَاخَرِينَ
Kanjalo sabenza abanye abantu babayizindlalifa zawo (umhlaba)
فَمَا بَكَتۡ عَلَيۡهِمُ ٱلسَّمَآءُ وَٱلۡأَرۡضُ وَمَا كَانُواْ مُنظَرِينَ
Ngakho-ke izulu nomhlaba akuzange kubakhalele futhi abazange baphunyuzwe (abantu baFaro)
وَلَقَدۡ نَجَّيۡنَا بَنِيٓ إِسۡرَٰٓءِيلَ مِنَ ٱلۡعَذَابِ ٱلۡمُهِينِ
Futhi ngempela sabasindisa abantwana bakwa-Israyeli esijezisweni esidumazayo
مِن فِرۡعَوۡنَۚ إِنَّهُۥ كَانَ عَالِيًا مِّنَ ٱلۡمُسۡرِفِينَ
KuFaro, ngempela yena wayephakeme phakathi kwabakhonza izithombe
وَلَقَدِ ٱخۡتَرۡنَٰهُمۡ عَلَىٰ عِلۡمٍ عَلَى ٱلۡعَٰلَمِينَ
Futhi ngempela sabakhetha ngolwazi ngaphezulu kwemihlaba
وَءَاتَيۡنَٰهُم مِّنَ ٱلۡأٓيَٰتِ مَا فِيهِ بَلَٰٓؤٌاْ مُّبِينٌ
Futhi sabanika ezimpawini okunokulingwa okucacile kuzona
إِنۡ هِيَ إِلَّا مَوۡتَتُنَا ٱلۡأُولَىٰ وَمَا نَحۡنُ بِمُنشَرِينَ
Akuyilutho lokho ngaphandle kokufa kwethu kokuqala futhi thina angeke sivuswe kwabafileyo
فَأۡتُواْ بِـَٔابَآئِنَآ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ
Ngakho-ke lethani obaba bethu uma kungukuthi nina ningabaqinisileyo
أَهُمۡ خَيۡرٌ أَمۡ قَوۡمُ تُبَّعٍ وَٱلَّذِينَ مِن قَبۡلِهِمۡ أَهۡلَكۡنَٰهُمۡۚ إِنَّهُمۡ كَانُواْ مُجۡرِمِينَ
Ngakube bona bangcono noma abantu baseTubba kanye nalabo ababengaphambilini kwabo na? Sababhubhisa ngempela bona babeyizoni
وَمَا خَلَقۡنَا ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ وَمَا بَيۡنَهُمَا لَٰعِبِينَ
Futhi asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngokudlala
مَا خَلَقۡنَٰهُمَآ إِلَّا بِٱلۡحَقِّ وَلَٰكِنَّ أَكۡثَرَهُمۡ لَا يَعۡلَمُونَ
Asizange sikudale kokubili (amazulu nomhlaba) ngaphandle kweqiniso kepha iningi labo alazi
إِنَّ يَوۡمَ ٱلۡفَصۡلِ مِيقَٰتُهُمۡ أَجۡمَعِينَ
Ngempela usuku lokwahlulela yisikhathi esinqunyelwe bona bonke
يَوۡمَ لَا يُغۡنِي مَوۡلًى عَن مَّوۡلًى شَيۡـًٔا وَلَا هُمۡ يُنصَرُونَ
Usuku lapho umngane engeke amsize ngalutho umngane futhi bona angeke balekelelwe
إِلَّا مَن رَّحِمَ ٱللَّهُۚ إِنَّهُۥ هُوَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلرَّحِيمُ
Ngaphandle kwalabo uMvelinqangi anomusa kubona, ngempela yena ungophakeme ngamandla onesihawu
ثُمَّ صُبُّواْ فَوۡقَ رَأۡسِهِۦ مِنۡ عَذَابِ ٱلۡحَمِيمِ
Bese nithela phezulu kwekhanda lakhe isijeziso samanzi abilayo
ذُقۡ إِنَّكَ أَنتَ ٱلۡعَزِيزُ ٱلۡكَرِيمُ
Yizwa, ngempela wena wawuphakeme ngamandla uhloniphekile
يَلۡبَسُونَ مِن سُندُسٍ وَإِسۡتَبۡرَقٍ مُّتَقَٰبِلِينَ
Begqoke usilika nokuhlotshiswe ngokugqamile bebhekene
كَذَٰلِكَ وَزَوَّجۡنَٰهُم بِحُورٍ عِينٍ
Kanjalo siyobashadisa namakhosikazi amahle anamehlo amahle amakhulu
يَدۡعُونَ فِيهَا بِكُلِّ فَٰكِهَةٍ ءَامِنِينَ
Lapho phakathi bayobiza zonke (izinhlobo) zezithelo ngokuthula bephephile
لَا يَذُوقُونَ فِيهَا ٱلۡمَوۡتَ إِلَّا ٱلۡمَوۡتَةَ ٱلۡأُولَىٰۖ وَوَقَىٰهُمۡ عَذَابَ ٱلۡجَحِيمِ
Lapho phakathi angeke bakuzwe ukufa ngaphandle kokufa kokuqala futhi uyobasindisa esijezisweni somlilo ovuthayo
فَضۡلًا مِّن رَّبِّكَۚ ذَٰلِكَ هُوَ ٱلۡفَوۡزُ ٱلۡعَظِيمُ
Ngumusa ovela eNkosini yakho, lokho ukuphumelela okukhulu
فَإِنَّمَا يَسَّرۡنَٰهُ بِلِسَانِكَ لَعَلَّهُمۡ يَتَذَكَّرُونَ
Ngempela sakwenza kwabalula olimini lwakho ukuze bakhumbule
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.