Surah 36 · 83 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Surah Ya-Sin in Zulu
بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
لِتُنذِرَ قَوۡمًا مَّآ أُنذِرَ ءَابَآؤُهُمۡ فَهُمۡ غَٰفِلُونَ
Ukuze wexwayise abantu ababengaxwayiswanga oyise ngakho- ke bona abanakile
لَقَدۡ حَقَّ ٱلۡقَوۡلُ عَلَىٰٓ أَكۡثَرِهِمۡ فَهُمۡ لَا يُؤۡمِنُونَ
Ngempela izwi laqiniseka kwabaningi babo kepha bona bakholwa
إِنَّا جَعَلۡنَا فِيٓ أَعۡنَٰقِهِمۡ أَغۡلَٰلًا فَهِيَ إِلَى ٱلۡأَذۡقَانِ فَهُم مُّقۡمَحُونَ
Ngempela thina sibeke amaketango ezintanyeni zabo afinyelela ezilevini ukuze amakhanda abo abheke phezulu
وَجَعَلۡنَا مِنۢ بَيۡنِ أَيۡدِيهِمۡ سَدًّا وَمِنۡ خَلۡفِهِمۡ سَدًّا فَأَغۡشَيۡنَٰهُمۡ فَهُمۡ لَا يُبۡصِرُونَ
Futhi sibeke okuvimbelayo ngaphambi kwabo nokumvimbelayo ngemva kwabo sabe sesiyabamboza ukuze bangaboni
وَسَوَآءٌ عَلَيۡهِمۡ ءَأَنذَرۡتَهُمۡ أَمۡ لَمۡ تُنذِرۡهُمۡ لَا يُؤۡمِنُونَ
Futhi kuyefana kubona noma uyabaxwayisa noma awubaxwayisi angeke bakholwe
إِنَّمَا تُنذِرُ مَنِ ٱتَّبَعَ ٱلذِّكۡرَ وَخَشِيَ ٱلرَّحۡمَٰنَ بِٱلۡغَيۡبِۖ فَبَشِّرۡهُ بِمَغۡفِرَةٍ وَأَجۡرٍ كَرِيمٍ
Kuphela ungakwazi ukuxwayisa lowo olandela isikhumbuzo futhi owesaba onomusa ongabonwayo, ngakho-ke mnike izindaba ezimnandi ngentethelelo nangomvuzo osezingeni eliphezulu
إِنَّا نَحۡنُ نُحۡيِ ٱلۡمَوۡتَىٰ وَنَكۡتُبُ مَا قَدَّمُواْ وَءَاثَٰرَهُمۡۚ وَكُلَّ شَيۡءٍ أَحۡصَيۡنَٰهُ فِيٓ إِمَامٍ مُّبِينٍ
Ngempela thina siyabaphilisa abafile futhi sikubhala phansi lokho abakubeke ngaphambili kanye (nalokho) okusezinyathelweni zabo futhi zonke izinto sizibhalile emholini ocacile
وَٱضۡرِبۡ لَهُم مَّثَلًا أَصۡحَٰبَ ٱلۡقَرۡيَةِ إِذۡ جَآءَهَا ٱلۡمُرۡسَلُونَ
Futhi benzele isibonelo sabantu bedolobha ngenkathi kufika kulona izithunywa
إِذۡ أَرۡسَلۡنَآ إِلَيۡهِمُ ٱثۡنَيۡنِ فَكَذَّبُوهُمَا فَعَزَّزۡنَا بِثَالِثٍ فَقَالُوٓاْ إِنَّآ إِلَيۡكُم مُّرۡسَلُونَ
Ngenkathi sithumela kubona (izithunywa) ezimbili base beyaziphika zombili sabe sesiyabaqinisa ngowesithathu basebethi “ngempela thina sithunyiwe kunina
قَالُواْ مَآ أَنتُمۡ إِلَّا بَشَرٌ مِّثۡلُنَا وَمَآ أَنزَلَ ٱلرَّحۡمَٰنُ مِن شَيۡءٍ إِنۡ أَنتُمۡ إِلَّا تَكۡذِبُونَ
Bathi (abantu bedolobha) “nina aniyilutho ngaphandle kokuba ngabantu abafana nathi futhi onomusa akazange ambule lutho kuphela nina niqamba amanga”
قَالُواْ رَبُّنَا يَعۡلَمُ إِنَّآ إِلَيۡكُمۡ لَمُرۡسَلُونَ
Zathi (izithunywa) “Inkosi yethu iyazi ukuthi thina siyizithunywa kunina”
وَمَا عَلَيۡنَآ إِلَّا ٱلۡبَلَٰغُ ٱلۡمُبِينُ
Futhi alikho icala kuthina ngaphandle kokudlulisela umyalezo ocacile
قَالُوٓاْ إِنَّا تَطَيَّرۡنَا بِكُمۡۖ لَئِن لَّمۡ تَنتَهُواْ لَنَرۡجُمَنَّكُمۡ وَلَيَمَسَّنَّكُم مِّنَّا عَذَابٌ أَلِيمٌ
Bathi, “ngempela thina sibona ukubikezela okubi kunina uma ningaphezi ngempela sizonikhanda ngamatshe futhi nizothintwa yisijeziso esibuhlungu esivela kuthina”
قَالُواْ طَٰٓئِرُكُم مَّعَكُمۡ أَئِن ذُكِّرۡتُمۚ بَلۡ أَنتُمۡ قَوۡمٌ مُّسۡرِفُونَ
Zathi (izithunywa), “ukubikezela kwenu kukanye nani ngoba nikhunjuzisiwe kepha nina ningabantu abephula umthetho”
وَجَآءَ مِنۡ أَقۡصَا ٱلۡمَدِينَةِ رَجُلٌ يَسۡعَىٰ قَالَ يَٰقَوۡمِ ٱتَّبِعُواْ ٱلۡمُرۡسَلِينَ
Futhi kwafika indoda ivela engxenyeni ebuqamama yedolobha igijima yathi “Oh Bantu bami! landelani izithunywa”
ٱتَّبِعُواْ مَن لَّا يَسۡـَٔلُكُمۡ أَجۡرًا وَهُم مُّهۡتَدُونَ
Landelani labo abangawuceli umvuzo kunina futhi bona bangabaholelwe endleleni elungileyo
وَمَالِيَ لَآ أَعۡبُدُ ٱلَّذِي فَطَرَنِي وَإِلَيۡهِ تُرۡجَعُونَ
Futhi kungani ukuthi ngingamkhonzi lowo owangidalayo futhi niyobubuyiselwa kuyena
ءَأَتَّخِذُ مِن دُونِهِۦٓ ءَالِهَةً إِن يُرِدۡنِ ٱلرَّحۡمَٰنُ بِضُرٍّ لَّا تُغۡنِ عَنِّي شَفَٰعَتُهُمۡ شَيۡـًٔا وَلَا يُنقِذُونِ
Ngakube ngingazithathela omunye uNkulunkulu wamanga esikhundleni sakhe kulapho onomusa ehlose inhlupheko kumina na?, angeke kungisize ngalutho ukungincengela kwabo futhi angeke bangisindise
إِنِّيٓ ءَامَنتُ بِرَبِّكُمۡ فَٱسۡمَعُونِ
Ngempela mina ngikholiwe eNkosini yenu ngakho-ke ngilaleleni
قِيلَ ٱدۡخُلِ ٱلۡجَنَّةَۖ قَالَ يَٰلَيۡتَ قَوۡمِي يَعۡلَمُونَ
Kwathiwa, “ngena esivandeni (ezulwini)” wathi, “ngifisa sengathi abantu bami bangazi”
بِمَا غَفَرَ لِي رَبِّي وَجَعَلَنِي مِنَ ٱلۡمُكۡرَمِينَ
Ngokuthi iNkosi yami ingithethelele futhi yangibeka kanye nabahloniphekileyo
وَمَآ أَنزَلۡنَا عَلَىٰ قَوۡمِهِۦ مِنۢ بَعۡدِهِۦ مِن جُندٍ مِّنَ ٱلسَّمَآءِ وَمَا كُنَّا مُنزِلِينَ
Futhi asiyehliselanga phezulu kwabantu bakhe emva kwakhe impi evela ezulwini futhi kwakungadingeki ukuthi siyithumele
إِن كَانَتۡ إِلَّا صَيۡحَةً وَٰحِدَةً فَإِذَا هُمۡ خَٰمِدُونَ
Kwakungeyilutho kepha kwakungumsindo owodwa masinyane babethule du
يَٰحَسۡرَةً عَلَى ٱلۡعِبَادِۚ مَا يَأۡتِيهِم مِّن رَّسُولٍ إِلَّا كَانُواْ بِهِۦ يَسۡتَهۡزِءُونَ
Oh ukuzisola ebantwini! Kwakungakaze kufike kubona isithunywa ngaphandle kokuthi babesenza inhlekisa
أَلَمۡ يَرَوۡاْ كَمۡ أَهۡلَكۡنَا قَبۡلَهُم مِّنَ ٱلۡقُرُونِ أَنَّهُمۡ إِلَيۡهِمۡ لَا يَرۡجِعُونَ
Ngakube ababoni yini ukuthi zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo zona angeke zibuyele kubona
وَإِن كُلٌّ لَّمَّا جَمِيعٌ لَّدَيۡنَا مُحۡضَرُونَ
Futhi ngempela bonke-bonke bayolethwa ngaphambili kwethu
وَءَايَةٌ لَّهُمُ ٱلۡأَرۡضُ ٱلۡمَيۡتَةُ أَحۡيَيۡنَٰهَا وَأَخۡرَجۡنَا مِنۡهَا حَبًّا فَمِنۡهُ يَأۡكُلُونَ
Futhi uphawu lwabo umhlaba ofile sawuphilisa sabe sesiveza kuwona uhlamvu kuze badle kulona
وَجَعَلۡنَا فِيهَا جَنَّٰتٍ مِّن نَّخِيلٍ وَأَعۡنَٰبٍ وَفَجَّرۡنَا فِيهَا مِنَ ٱلۡعُيُونِ
Futhi kuwona sazenza izivande zamasundu nezamagilebhisi futhi kuwona sayenza imithombo ukuthi iqhume
لِيَأۡكُلُواْ مِن ثَمَرِهِۦ وَمَا عَمِلَتۡهُ أَيۡدِيهِمۡۚ أَفَلَا يَشۡكُرُونَ
Ukuze badle ezithelweni zawo futhi izandla zabo azizitshalanga (izithelo) ngakube ababongi yini na
سُبۡحَٰنَ ٱلَّذِي خَلَقَ ٱلۡأَزۡوَٰجَ كُلَّهَا مِمَّا تُنۢبِتُ ٱلۡأَرۡضُ وَمِنۡ أَنفُسِهِمۡ وَمِمَّا لَا يَعۡلَمُونَ
Udumo malube kulowo owadala kwaba ngakubili kukona konke okuvezwa umhlaba kanye nokohlobo lwabo nakulokho abangakwazi
وَءَايَةٌ لَّهُمُ ٱلَّيۡلُ نَسۡلَخُ مِنۡهُ ٱلنَّهَارَ فَإِذَا هُم مُّظۡلِمُونَ
Futhi uphawu lwabo ubusuku, siyalukhipha usuku kubona kulapho bona besebumnyameni
وَٱلشَّمۡسُ تَجۡرِي لِمُسۡتَقَرٍّ لَّهَاۚ ذَٰلِكَ تَقۡدِيرُ ٱلۡعَزِيزِ ٱلۡعَلِيمِ
Futhi ilanga lihamba njalo liya lapho liphelela khona, lokho kungempoqo yophakeme ngamandla oyisazi
وَٱلۡقَمَرَ قَدَّرۡنَٰهُ مَنَازِلَ حَتَّىٰ عَادَ كَٱلۡعُرۡجُونِ ٱلۡقَدِيمِ
Nenyanga siyinqumele izimo ezibonakalayo kuze kube yilapho iphenduka iba njengegatsha lesundu elidala elomile
لَا ٱلشَّمۡسُ يَنۢبَغِي لَهَآ أَن تُدۡرِكَ ٱلۡقَمَرَ وَلَا ٱلَّيۡلُ سَابِقُ ٱلنَّهَارِۚ وَكُلٌّ فِي فَلَكٍ يَسۡبَحُونَ
Akusikhona okwelanga ukuthi lifice inyanga noma ubusuku ukuthi budlule imini futhi konke kuhamba emkhondweni
وَءَايَةٌ لَّهُمۡ أَنَّا حَمَلۡنَا ذُرِّيَّتَهُمۡ فِي ٱلۡفُلۡكِ ٱلۡمَشۡحُونِ
Futhi uphawu lwabo ukuthi sayithwala inzalo yabo emkhunjini othweleyo
وَخَلَقۡنَا لَهُم مِّن مِّثۡلِهِۦ مَا يَرۡكَبُونَ
Futhi sibadalele okufana nako, lokhu abakugibelayo
وَإِن نَّشَأۡ نُغۡرِقۡهُمۡ فَلَا صَرِيخَ لَهُمۡ وَلَا هُمۡ يُنقَذُونَ
Futhi uma sithanda singabaminzisa ngakho-ke angeke balekelelwe futhi bona angeke bahlengwe
إِلَّا رَحۡمَةً مِّنَّا وَمَتَٰعًا إِلَىٰ حِينٍ
Ngaphandle komusa ovela kuthina kanye nenjabulo yesikhashana
وَإِذَا قِيلَ لَهُمُ ٱتَّقُواْ مَا بَيۡنَ أَيۡدِيكُمۡ وَمَا خَلۡفَكُمۡ لَعَلَّكُمۡ تُرۡحَمُونَ
Futhi uma kuthiwa kubona “qaphelani loko okungaphambili kwenu kanye nalokho okungemumva kwenu ukuze mhlawumbe nithole umusa”
وَمَا تَأۡتِيهِم مِّنۡ ءَايَةٍ مِّنۡ ءَايَٰتِ رَبِّهِمۡ إِلَّا كَانُواْ عَنۡهَا مُعۡرِضِينَ
Futhi alifiki kubona ivesi emavesini eNkosi yabo ngaphandle kokuba bayalifulathela
وَإِذَا قِيلَ لَهُمۡ أَنفِقُواْ مِمَّا رَزَقَكُمُ ٱللَّهُ قَالَ ٱلَّذِينَ كَفَرُواْ لِلَّذِينَ ءَامَنُوٓاْ أَنُطۡعِمُ مَن لَّوۡ يَشَآءُ ٱللَّهُ أَطۡعَمَهُۥٓ إِنۡ أَنتُمۡ إِلَّا فِي ضَلَٰلٍ مُّبِينٍ
Futhi uma kuthiwa kubona “sebenzisani kulokho anabela kona uMveliqangi” labo abangakholwanga bathi kulabo abakholwayo “ngakube singodla lowo okungathi uma ethanda uMvelinqangi amondle?” Anikwiyilutho ngaphandle kokuba sephutheni eligqamile
وَيَقُولُونَ مَتَىٰ هَٰذَا ٱلۡوَعۡدُ إِن كُنتُمۡ صَٰدِقِينَ
Futhi bathi, “siyofika nini lesisithembiso uma kungukuthi nina niqinisile?”
مَا يَنظُرُونَ إِلَّا صَيۡحَةً وَٰحِدَةً تَأۡخُذُهُمۡ وَهُمۡ يَخِصِّمُونَ
Abalindele lutho ngaphandle kokukhala okukodwa okuyobathatha kulapho bona bephikisana
فَلَا يَسۡتَطِيعُونَ تَوۡصِيَةً وَلَآ إِلَىٰٓ أَهۡلِهِمۡ يَرۡجِعُونَ
Ngakho-ke angeke bakwazi ukwenza ifa noma ukubuyela ebantwini babo
وَنُفِخَ فِي ٱلصُّورِ فَإِذَا هُم مِّنَ ٱلۡأَجۡدَاثِ إِلَىٰ رَبِّهِمۡ يَنسِلُونَ
Futhi liyoshawa icilongo kulapho bona beyophuma emathuneni beshesha bebheke eNkosini yabo
قَالُواْ يَٰوَيۡلَنَا مَنۢ بَعَثَنَا مِن مَّرۡقَدِنَاۜۗ هَٰذَا مَا وَعَدَ ٱلرَّحۡمَٰنُ وَصَدَقَ ٱلۡمُرۡسَلُونَ
Bayothi, “Oh usizi kuthina! Ngubani lowo osivuse endaweni yethu, lokhu kuyilokhu onomusa akwethembisa nezithunywa zakhuluma iqiniso”
إِن كَانَتۡ إِلَّا صَيۡحَةً وَٰحِدَةً فَإِذَا هُمۡ جَمِيعٌ لَّدَيۡنَا مُحۡضَرُونَ
Angeke kube yilutho ngaphandle kokukhala okukodwa kulapho bona bonke beyolethwa ngaphambili kwethu
فَٱلۡيَوۡمَ لَا تُظۡلَمُ نَفۡسٌ شَيۡـًٔا وَلَا تُجۡزَوۡنَ إِلَّا مَا كُنتُمۡ تَعۡمَلُونَ
Ngakho-ke ngalolusuku umphefumulo angeke wenziwe okungenabo ubulungiswa ngalutho futhi angeke ninikwe umvuzo ngaphandle kwaloko enanikwenza
إِنَّ أَصۡحَٰبَ ٱلۡجَنَّةِ ٱلۡيَوۡمَ فِي شُغُلٍ فَٰكِهُونَ
Ngempela izihlali zesivande kulolosuku ziyobamatasatasa ngezinto eziyinjabulo
هُمۡ وَأَزۡوَٰجُهُمۡ فِي ظِلَٰلٍ عَلَى ٱلۡأَرَآئِكِ مُتَّكِـُٔونَ
Bona kanye namakhosikazi abo bayoba semthunzini, bacambalale endaweni ephakeme
لَهُمۡ فِيهَا فَٰكِهَةٌ وَلَهُم مَّا يَدَّعُونَ
Okwabo lapho phakathi yizithelo futhi okwabo kuyoba yinoma ngabe yini abayicelayo
أَلَمۡ أَعۡهَدۡ إِلَيۡكُمۡ يَٰبَنِيٓ ءَادَمَ أَن لَّا تَعۡبُدُواْ ٱلشَّيۡطَٰنَۖ إِنَّهُۥ لَكُمۡ عَدُوٌّ مُّبِينٌ
Angizange yini nginiphoqe Oh bantwana ba-Adam! Ukuthi ningamkhonzi usathane? Ngempela yena uyisitha senu esigqamile
وَلَقَدۡ أَضَلَّ مِنكُمۡ جِبِلًّا كَثِيرًاۖ أَفَلَمۡ تَكُونُواْ تَعۡقِلُونَ
Futhi ngempela wadukisa iqembu elikhulu phakathi kwenu ngakube naningenawo yini umqondo
ٱصۡلَوۡهَا ٱلۡيَوۡمَ بِمَا كُنتُمۡ تَكۡفُرُونَ
Ngenani kusona namhlanje ngenxa yokuthi naningakholwa
ٱلۡيَوۡمَ نَخۡتِمُ عَلَىٰٓ أَفۡوَٰهِهِمۡ وَتُكَلِّمُنَآ أَيۡدِيهِمۡ وَتَشۡهَدُ أَرۡجُلُهُم بِمَا كَانُواْ يَكۡسِبُونَ
Kulolusuku siyayisicilela imilomo yabo futhi izandla zabo zizokhuluma nezinyawo zabo zizofakaza mayelana naloko ababekusebenzela
وَلَوۡ نَشَآءُ لَطَمَسۡنَا عَلَىٰٓ أَعۡيُنِهِمۡ فَٱسۡتَبَقُواْ ٱلصِّرَٰطَ فَأَنَّىٰ يُبۡصِرُونَ
Futhi ukube besithanda besizosusa amehlo abo bese beyaphuphutheka endleleni bese bebona kanjani
وَلَوۡ نَشَآءُ لَمَسَخۡنَٰهُمۡ عَلَىٰ مَكَانَتِهِمۡ فَمَا ٱسۡتَطَٰعُواْ مُضِيًّا وَلَا يَرۡجِعُونَ
Futhi ukube besithanda besizobaguqula ezindaweni zabo bebengeke besakwazi ukuya phambili nokuphindela emumva
وَمَن نُّعَمِّرۡهُ نُنَكِّسۡهُ فِي ٱلۡخَلۡقِۚ أَفَلَا يَعۡقِلُونَ
Futhi noma ngabe ngubani esimnika impilo ende simhlehlisela emumva endalweni, ngakube abanawo yini umqondo na
وَمَا عَلَّمۡنَٰهُ ٱلشِّعۡرَ وَمَا يَنۢبَغِي لَهُۥٓۚ إِنۡ هُوَ إِلَّا ذِكۡرٌ وَقُرۡءَانٌ مُّبِينٌ
Futhi asimfundisanga ubumbongi futhi akumfanele, yona ayiyilutho ngaphandle kwesikhumbuzo neQur’an ecacile
لِّيُنذِرَ مَن كَانَ حَيًّا وَيَحِقَّ ٱلۡقَوۡلُ عَلَى ٱلۡكَٰفِرِينَ
Ukuze ixwayise noma ngabe ngubani ophilayo futhi kuqiniseke izwi ukubhekana nabangakholwa
أَوَلَمۡ يَرَوۡاْ أَنَّا خَلَقۡنَا لَهُم مِّمَّا عَمِلَتۡ أَيۡدِينَآ أَنۡعَٰمًا فَهُمۡ لَهَا مَٰلِكُونَ
Ababoni yini ukuthi sabadalela kuloko okwenziwe yizandla zethu izinkomo abangabanini bazo na
وَذَلَّلۡنَٰهَا لَهُمۡ فَمِنۡهَا رَكُوبُهُمۡ وَمِنۡهَا يَأۡكُلُونَ
Futhi sabathobisela zona ngakho-ke ezinye phakathi kwazo bayazigibela futhi ezinye phakathi kwazo bayazidla
وَلَهُمۡ فِيهَا مَنَٰفِعُ وَمَشَارِبُۚ أَفَلَا يَشۡكُرُونَ
Futhi banenzuzo kuzona kanye neziphuzo, ngakube ababongi yini na
وَٱتَّخَذُواْ مِن دُونِ ٱللَّهِ ءَالِهَةً لَّعَلَّهُمۡ يُنصَرُونَ
Futhi esikhundleni sikaMvelinqangi bazithathela izithixo ukuze mhlawumbe bathole usizo
لَا يَسۡتَطِيعُونَ نَصۡرَهُمۡ وَهُمۡ لَهُمۡ جُندٌ مُّحۡضَرُونَ
Azikwazi ukubasiza futhi bona kuzona bayibutho elilethwe ngaphambili
فَلَا يَحۡزُنكَ قَوۡلُهُمۡۘ إِنَّا نَعۡلَمُ مَا يُسِرُّونَ وَمَا يُعۡلِنُونَ
Ngakho-ke ayingakuphathi kabi inkulumo yabo ngempela thina siyakwazi lokho abakufihlayo kanye nalokho abakuveza obala
أَوَلَمۡ يَرَ ٱلۡإِنسَٰنُ أَنَّا خَلَقۡنَٰهُ مِن نُّطۡفَةٍ فَإِذَا هُوَ خَصِيمٌ مُّبِينٌ
Ngakube umuntu akaboni yini ukuthi samdala ngeconsi lesidoda kulapho yena eyisitha esigqamile
وَضَرَبَ لَنَا مَثَلًا وَنَسِيَ خَلۡقَهُۥۖ قَالَ مَن يُحۡيِ ٱلۡعِظَٰمَ وَهِيَ رَمِيمٌ
Futhi wasenzela isibonelo wakhohlwa yindalo yakhe wathi, “ngubani onika amathambo impilo uma esewuthuli na?”
قُلۡ يُحۡيِيهَا ٱلَّذِيٓ أَنشَأَهَآ أَوَّلَ مَرَّةٍۖ وَهُوَ بِكُلِّ خَلۡقٍ عَلِيمٌ
Ithi, “uwanika impilo lowo owadalayo ngesikhathi sokuqala futhi yena uyisazi sazona zonke izidalwa”
ٱلَّذِي جَعَلَ لَكُم مِّنَ ٱلشَّجَرِ ٱلۡأَخۡضَرِ نَارًا فَإِذَآ أَنتُم مِّنۡهُ تُوقِدُونَ
Lowo owanibekela umlilo esihlahleni esiluhlaza kulapho nina nokhela kuwona
أَوَلَيۡسَ ٱلَّذِي خَلَقَ ٱلسَّمَٰوَٰتِ وَٱلۡأَرۡضَ بِقَٰدِرٍ عَلَىٰٓ أَن يَخۡلُقَ مِثۡلَهُمۚ بَلَىٰ وَهُوَ ٱلۡخَلَّٰقُ ٱلۡعَلِيمُ
Angeke yini lowo owadala amazulu nomhlaba akwazi ukudala okufana nabo na? Yebo! Yena ungumdali owaziyo
إِنَّمَآ أَمۡرُهُۥٓ إِذَآ أَرَادَ شَيۡـًٔا أَن يَقُولَ لَهُۥ كُن فَيَكُونُ
Kuphela, impoqo yakhe, uma ehlose into ethize uthi kuyona “yenzeka” bese iyenzeka
فَسُبۡحَٰنَ ٱلَّذِي بِيَدِهِۦ مَلَكُوتُ كُلِّ شَيۡءٍ وَإِلَيۡهِ تُرۡجَعُونَ
Ngakho-ke udumo malube kulowo esandleni sakhe ekunombuso wezinto zonke futhi niyophindiselwa kuyena
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.