بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
80:1عَبَسَ وَتَوَلَّىٰٓ
Wahwaqabala wafulathela
80:2أَن جَآءَهُ ٱلۡأَعۡمَىٰ
Ngenxa yokuthi kwafika kuyena impumputhe
80:3وَمَا يُدۡرِيكَ لَعَلَّهُۥ يَزَّكَّىٰٓ
Futhi yini engakwenza wazi ukuthi angase ahlanzeke
80:4أَوۡ يَذَّكَّرُ فَتَنفَعَهُ ٱلذِّكۡرَىٰٓ
Noma akhumbule bese kuyamsiza ukukhumbula
80:5أَمَّا مَنِ ٱسۡتَغۡنَىٰ
Mayelana nalowo obona ukuthi akadingi lutho
80:6فَأَنتَ لَهُۥ تَصَدَّىٰ
Manjalo wena uyamnaka
80:7وَمَا عَلَيۡكَ أَلَّا يَزَّكَّىٰ
Futhi alikho (icala) kuwena uma engahlanzeki
80:8وَأَمَّا مَن جَآءَكَ يَسۡعَىٰ
Futhi mayelana nalowo owafika kuwena egijima
80:9وَهُوَ يَخۡشَىٰ
Futhi esaba (uMvelinqangi)
80:10فَأَنتَ عَنۡهُ تَلَهَّىٰ
Ngakho-ke wena awumnaki
80:11كـَلَّآ إِنَّهَا تَذۡكِرَةٌ
Lutho! Ngempela wona (amavesi) ayisikhumbuzo
80:12فَمَن شَآءَ ذَكَرَهُۥ
Ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akayikhumbule (iQur’an)
80:13فِي صُحُفٍ مُّكَرَّمَةٍ
Emaphepheni (emibhalweni) ehloniphekile
80:14مَّرۡفُوعَةٍ مُّطَهَّرَةِۭ
Iphakeme ihlanjiwe
80:15بِأَيۡدِي سَفَرَةٍ
Ngezandla zababhali (izingelosi)
80:16كِرَامِۭ بَرَرَةٍ
Abahloniphekile abangamanxusa
80:17قُتِلَ ٱلۡإِنسَٰنُ مَآ أَكۡفَرَهُۥ
Akubhujiswe umuntu ngenxa yokungakholwa kwakhe
80:18مِنۡ أَيِّ شَيۡءٍ خَلَقَهُۥ
Wamdala ngani into
80:19مِن نُّطۡفَةٍ خَلَقَهُۥ فَقَدَّرَهُۥ
Ngeconsi lesidoda wamdala, manjalo wayeseyamlinganisa (ngokumbumba)
80:20ثُمَّ ٱلسَّبِيلَ يَسَّرَهُۥ
Wayesemenzela lula indlela (yokuzalwa)
80:21ثُمَّ أَمَاتَهُۥ فَأَقۡبَرَهُۥ
Wayesemenza ukuthi afe wayesemenzela ingcwaba
80:22ثُمَّ إِذَا شَآءَ أَنشَرَهُۥ
Bese uma ethanda amvuse ekufeni
80:23كـَلَّا لَمَّا يَقۡضِ مَآ أَمَرَهُۥ
Lutho! Akakufezi lokho amphoqa ngakho
80:24فَلۡيَنظُرِ ٱلۡإِنسَٰنُ إِلَىٰ طَعَامِهِۦٓ
Ngakho-ke umuntu akabheke ekudleni kwakhe
80:25أَنَّا صَبَبۡنَا ٱلۡمَآءَ صَبًّا
Thina sathela amanzi amaningi
80:26ثُمَّ شَقَقۡنَا ٱلۡأَرۡضَ شَقًّا
Sabe sesiqhekeza umhlaba ngokuqhekeka (okukhulu)
80:27فَأَنۢبَتۡنَا فِيهَا حَبًّا
Sabe sesimilisa kuwona uhlamvu
80:28وَعِنَبًا وَقَضۡبًا
Kanye namagilebhisi nemfino
80:29وَزَيۡتُونًا وَنَخۡلًا
Kanye nomu-olivi nesundu
80:30وَحَدَآئِقَ غُلۡبًا
Kanye nezivande ezinothile
80:31وَفَٰكِهَةً وَأَبًّا
Nezithelo notshani
80:32مَّتَٰعًا لَّكُمۡ وَلِأَنۡعَٰمِكُمۡ
Yinjabulo (yisabelo) senu kanye nezinkomo zenu
80:33فَإِذَا جَآءَتِ ٱلصَّآخَّةُ
Ngakho-ke uma kufika ukukhala okunzima (usuku lokwahlulelwa)
80:34يَوۡمَ يَفِرُّ ٱلۡمَرۡءُ مِنۡ أَخِيهِ
Usuku lapho umuntu eyobalekela umfowabo
80:35وَأُمِّهِۦ وَأَبِيهِ
Nonina noyise
80:36وَصَٰحِبَتِهِۦ وَبَنِيهِ
Nonkosikazi wakhe nezingane zakhe
80:37لِكُلِّ ٱمۡرِيٍٕ مِّنۡهُمۡ يَوۡمَئِذٍ شَأۡنٌ يُغۡنِيهِ
Wonke umuntu phakathi kwabo ngalolosuku uyobe ezinake yena
80:38وُجُوهٌ يَوۡمَئِذٍ مُّسۡفِرَةٌ
Ubuso ngalolosuku buyokhanya
80:39ضَاحِكَةٌ مُّسۡتَبۡشِرَةٌ
Ukuhleka, ukuthokozela izindaba ezimnandi
80:40وَوُجُوهٌ يَوۡمَئِذٍ عَلَيۡهَا غَبَرَةٌ
Futhi (obunye) ubuso ngalolosuku buyokuba nothuli
80:41تَرۡهَقُهَا قَتَرَةٌ
Ubumnyamabuyobumboza(ubusobomuntuowayengakwenzi okulungileyo)
80:42أُوْلَٰٓئِكَ هُمُ ٱلۡكَفَرَةُ ٱلۡفَجَرَةُ
Labo-ke bona abangakholwa, abonayo abenzi bokungalungile
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.