Surah 69 · 52 verses · Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman
Surah Al-Haqqah in Zulu
بِسۡمِ ٱللَّهِ ٱلرَّحۡمَٰنِ ٱلرَّحِيمِ
فَأَمَّا ثَمُودُ فَأُهۡلِكُواْ بِٱلطَّاغِيَةِ
Mayelana (nabantu) baThamud babhujiswa ngomsindo owesabekayo
وَأَمَّا عَادٌ فَأُهۡلِكُواْ بِرِيحٍ صَرۡصَرٍ عَاتِيَةٍ
Futhi mayelana (nabantu) ba-A’d babhujiswa ngomoya obandayo, ovunguzayo
سَخَّرَهَا عَلَيۡهِمۡ سَبۡعَ لَيَالٍ وَثَمَٰنِيَةَ أَيَّامٍ حُسُومًاۖ فَتَرَى ٱلۡقَوۡمَ فِيهَا صَرۡعَىٰ كَأَنَّهُمۡ أَعۡجَازُ نَخۡلٍ خَاوِيَةٍ
Wawenza kubona waba ubusuku obuyisikhombisa nezinsuku eziyisishiyagalombili ezilandelanayo manjalo ubone abantu beholokohleka phansi okusengathi bona bayiziqu zemithi yesundu
وَجَآءَ فِرۡعَوۡنُ وَمَن قَبۡلَهُۥ وَٱلۡمُؤۡتَفِكَٰتُ بِٱلۡخَاطِئَةِ
Futhi kwafika uFaro kanye nalabo ababengaphambilini kwakhe kanye namadolobha achithiweyo (agumbukuqiwe) ngokona
فَعَصَوۡاْ رَسُولَ رَبِّهِمۡ فَأَخَذَهُمۡ أَخۡذَةً رَّابِيَةً
Futhi abazange basihloniphe isithunywa seNkosi yabo ngakho-ke yababamba ngokubamba okukhulu okubuhlungu
إِنَّا لَمَّا طَغَا ٱلۡمَآءُ حَمَلۡنَٰكُمۡ فِي ٱلۡجَارِيَةِ
Ngempela, ngenkathi amanzi ephophoza ephakama sanithwala emkhunjini
لِنَجۡعَلَهَا لَكُمۡ تَذۡكِرَةً وَتَعِيَهَآ أُذُنٌ وَٰعِيَةٌ
Ukuzesinenzelewona(umkhumbikaNowa) ubeyisikhumbuzo futhi (lokho) kuzwiwe yindlebe ezwayo
فَإِذَا نُفِخَ فِي ٱلصُّورِ نَفۡخَةٌ وَٰحِدَةٌ
Manjalo uma sekushawa icilongo ukushawa (ukufuthwa) okukodwa
وَحُمِلَتِ ٱلۡأَرۡضُ وَٱلۡجِبَالُ فَدُكَّتَا دَكَّةً وَٰحِدَةً
Futhi kuyothwala umhlaba nezintaba bese kubhidlizwa ngokubhidlizwa okukodwa
وَٱنشَقَّتِ ٱلسَّمَآءُ فَهِيَ يَوۡمَئِذٍ وَاهِيَةٌ
Futhi isibhakabhaka siyodabuka phakathi ngakho-ke sona ngalolosuku siyobantengentenge
وَٱلۡمَلَكُ عَلَىٰٓ أَرۡجَآئِهَاۚ وَيَحۡمِلُ عَرۡشَ رَبِّكَ فَوۡقَهُمۡ يَوۡمَئِذٍ ثَمَٰنِيَةٌ
Futhi izingelosi ziyokuba semaceleni azo, futhi izingelosi eziyisishiyagalombili ngalolosuku ziyothwala isihlalo sobukhosi seNkosi yakho ngaphezulu kwazo
يَوۡمَئِذٍ تُعۡرَضُونَ لَا تَخۡفَىٰ مِنكُمۡ خَافِيَةٌ
Ngalolosuku niyolethwa, ayikho imfihlo yenu eyofihlwa
فَأَمَّا مَنۡ أُوتِيَ كِتَٰبَهُۥ بِيَمِينِهِۦ فَيَقُولُ هَآؤُمُ ٱقۡرَءُواْ كِتَٰبِيَهۡ
Manjalo lowo onikezwe incwadi yakhe esandleni sakhe sokudla bese ethi yifundeni incwadi yami
إِنِّي ظَنَنتُ أَنِّي مُلَٰقٍ حِسَابِيَهۡ
Ngempela mina bengazi ukuthi ngiyohlangana nokubalelwa kwami
كُلُواْ وَٱشۡرَبُواْ هَنِيٓـَٔۢا بِمَآ أَسۡلَفۡتُمۡ فِي ٱلۡأَيَّامِ ٱلۡخَالِيَةِ
Yidlani futhi niphuze ngentokozo ngenxa yalokho enakuthumela ngaphambili ezinsukwini ezedlulayo
وَأَمَّا مَنۡ أُوتِيَ كِتَٰبَهُۥ بِشِمَالِهِۦ فَيَقُولُ يَٰلَيۡتَنِي لَمۡ أُوتَ كِتَٰبِيَهۡ
Futhi mayelana nalowo onikwa incwadi yakhe esandleni sakhe sobunxele bese ethi, “Oh ngifisa sengathi angizange nginikwe incwadi yami”
وَلَمۡ أَدۡرِ مَا حِسَابِيَهۡ
Nokuthi angizange ngazi ukuthi kuyini ukubalelwa kwami (ukwahlulelwa kwami)
ثُمَّ فِي سِلۡسِلَةٍ ذَرۡعُهَا سَبۡعُونَ ذِرَاعًا فَٱسۡلُكُوهُ
Bese nimbophela eketangweni ubude balo obungangemikhono engamashumi ayisikhombisa
إِنَّهُۥ كَانَ لَا يُؤۡمِنُ بِٱللَّهِ ٱلۡعَظِيمِ
Ngempela yena wayengakholelwa kuMvelinqangi omkhulu
وَلَا طَعَامٌ إِلَّا مِنۡ غِسۡلِينٍ
Futhi akukho ukudla ngaphandle kokuphuma ezilondeni (uma kugezwa izilonda)
وَمَا هُوَ بِقَوۡلِ شَاعِرٍۚ قَلِيلًا مَّا تُؤۡمِنُونَ
Futhi kona akusiyona inkulumo yembongi, kuncane lokho enikukholwayo
وَلَا بِقَوۡلِ كَاهِنٍۚ قَلِيلًا مَّا تَذَكَّرُونَ
Futhi akusiyona inkulumo yesangoma, kuncane lokho enikukhumbulayo
وَلَوۡ تَقَوَّلَ عَلَيۡنَا بَعۡضَ ٱلۡأَقَاوِيلِ
Futhi ukube bewuziqambile ezinye izinkulumo mayelana nathi
فَمَا مِنكُم مِّنۡ أَحَدٍ عَنۡهُ حَٰجِزِينَ
Futhi akekho noyedwa wenu ongakuvimba (lokho) kuyena
وَإِنَّا لَنَعۡلَمُ أَنَّ مِنكُم مُّكَذِّبِينَ
Futhi ngempela siyazi ukuthi phakathi kwenu kunabaphika (ukholo)
Translation: Iqembu Lezifundiswa, Mussa Muhammad Telela , Uthman Mfanafuthi Msomi, Moulana Abdur Rahman Chilipa, Haji Ibrahim Mondli Japhet Mthembu, Moulana Imran Ngcobo, Moulana Eshaaq Osman.